Author: admin
‘Umkhankaso wokubhenka kweningi e-Afrika uyaphumelela kodwa usemningi umsebenzi’
UMKHANKASO wobuchwepheshe wokuqeda ububha, ukukhuthaza ukukhula komnotho nokudala amathuba ngokufaka wonke umuntu kwezezimali uyaphumelela kancane, kancane. Nokho kubantu abaningi base-Afrika “imali esandleni” iseyinto enkulu kanti usemningi umsebenzi wezikhungo zezimali wokusabalalisa umbhidlango owenze ukuthi kwande isibalo sabantu base-Afrika abasebenzisa amabhange safinyelela ku-49% phakathi kwango-2011 nango-2022.
‘Yisikhathi sokufingqa imikhono kuhulumeni’
I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) iwahalalisela amalungu ekhabhinethi kahulumeni wobumbano futhi iyayibona imizamo kaMengameli uCyril Ramaphosa nawo wonke amalungu kahulumeni wobumbano yokulibala wukungaboni ngaso linye kwawo agxile ekubekeni eqhulwini izidingo zabantu baseNingizimu Afrika ngokuvumelana ngokushesha ngendlela esheshayo ezokhulisa umnotho ofaka wonke umuntu.
Sidinga ongqongqoshe abazohlonipha umsebenzi kahulumeni, kuloba uBusi Mavuso
INKULUMO kaMengameli uCyril Ramaphosa ngesikhathi egcotshwa ngesonto elidlule iyikho kanye esikudingayo ngalesi sikhathi emlandweni wombuso wentando yabantu. Umengameli uthe abavoti batshengisile ukuthi bafuna “umnotho oshintshile, okhulayo, ofaka wonke umuntu nowakha imisebenzi yezigidi zabantu abafuna umsebenzi namathuba amabhizinisi abo bonke osomabhizinisi ezweni lethu”.
Indoda yama-muffin ihlose ukwaziwa emhlabeni wonke
UMNIKAZi wenkampani ebhaka ama-muffin ubheke ukukhulisa ibhizinisi lakhe laziwe umhlaba wonke, aqhubeke lapho agcine khona njengoba esengeze izitolo zalo eziwu-22, waqasha izisebenzi ezintsha eziwu-49. UMnu uMorero Moloi, odume ngelika-Muffin Man nowumnikazi weMcMore International, uhlola imakethe ukukhulisa ibhizinisi.
‘Amaciko awasebenzise imali ngokucophelela’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noMinenhle ‘i-Advocate’ Ngubane, umsakazi nosomabhizinisi. Useke wasakaza kwiNchor FM, iSiyathuthuka FM, iVibe FM i-Eantouch Radio ne-iLembe TV. Manje uphosa esivivaneni engosini iSihleli Ekhoneni engena ngoLwesine ngo-8 ebusuku yohlelo loKhozi FM Ubusuku Obuhle olwethulwa wuSiya Mhlongo. Unebhizinisi lemikhiqizo yezobuhle iMinenhle Beauty Care
Nivote kahle, sithembe ukuthi uhulumeni omusha uzoqhuba kahle, kuloba uBusi Mavuso
KUSASA sizovota ukukhetha izinhlangano nosopolitiki esifuna ukuthi basimele. Ukhetho yisikhathi esihle sokubheka ukusebenza komThethosisekelo wethu nentando yabantu. Noma ngabe yiziphi izinselelo zethu siyizwe ukuthi siyakwazi ukuhlangana sivote yisisekelo sombuso wentando yabantu esisihlanganisayo.










































































