Ukhukhulelangoqo wemboni yezimali wokufundisa abantu 

 IZINHLAKA ezihlukene zemboni yezimali zizobuthana engqungqutheleni ngenhloso yokuqhamuka nendlela ezophucula indlela efundisa ngayo abantu ukuphatha imali. 

Kuhle, kubi emnothweni ukuvumela ukukhipha impesheni, kuloba uJabulani Sikhakhane

IZINGUQUKO ekuhleleni izikhwama zempesheni ezizoqala ngoSepthemba zizokwenyusa izinga lokukhula komnotho weNingizimu Afrika nonyaka nango-2025, ngokocwaningo longoti baseBhange loMbuso.

Kuyaphucuka okulindelwe emnothweni njengoba uqhubeka umgqigqo wezinguquko, kuloba uBusi Mavuso

KUBE kuhle ukuzwa osomnotho bethi balindele ukuthi umnotho ukhule kangcono kunobekuke kwashiwo kwi-Bureau for Economic Research (iBER) ngesonto elidlule.

Ithuba eliyingqayizivele kubasikingqephu abasafufusa

Ngabe ungumsiki wengqephu onesifiso sokudlondlobalisa igama lebhizinisi lakhe, ukwandisa amathuba okuzikhangisa kwabezindaba, ukwandisa amathuba okusebenzisana nabanye abasiki, ukunyusa inani lemikhiqizo oyidayisayo, ukwakha ubudlelwano obusha nokukhangisa ngemisiko yakho emisha?

Amanqampunqampu esonto

I-household affordability index yangoJulayi, okuyinkomba yamanani okudla okumqoka okuwu-44 yamasuphamakethe awu-47 namabhusha awu-32 ezweni, ikhombisa ukuthi ngoJulayi ubhasikidi wokudla ubuwuR5 252,15.

Zizoziphendulela izikhwama zempesheni uma abantu bengayitholi imali – umlawuli

IZIKHWAMA zempesheni ezizobe zingakulungele ukuthi amalungu azo akwazi ukukhipha ingxenye yempesheni yawo uma sekusebenza umthetho ogunyaza loku ngenyanga ezayo yizona okufanele zichaze ukuthi kudalwe yini lokhu. Kunenqwaba engakakufezi konke okudingekayo.

Kuhle futhi kubi ukwanda kwabantu abadala eNingizimu Afrika, kuloba uJabulani Sikhakhane 

UMBIKO omusha we-Statistics South Africa (iStats SA) ukhomba ukuthi bayanda abantu abaneminyaka ewu-60 nangaphezulu eNingizimu Afrika. Yinto enhle loku ngoba kuyimpumelelo ezweni uma abantu balo bephila isikhathi eside. Nokho kunezinkinga zakho, ikakhulukazi ngakwezempilo.

Kuyancomeka ukusukumela ukuphasisa imithetho kukaHulumeni woBumbano ukuvuselela umnotho, kuloba uBusi Mavuso

INGIQINISA idolo indlela okushesha ngayo ukuphasisa imithetho futhi loku kuyaqhubeka ngisho emva kokhetho njengoba umengameli asayina inqwaba yemithetho ngaphambi kokhetho olwalungomhlaka-29 Meyi.

‘Umkhankaso wokubhenka kweningi e-Afrika uyaphumelela kodwa usemningi umsebenzi’

UMKHANKASO wobuchwepheshe wokuqeda ububha, ukukhuthaza ukukhula komnotho nokudala amathuba ngokufaka wonke umuntu kwezezimali uyaphumelela kancane, kancane. Nokho kubantu abaningi base-Afrika “imali esandleni” iseyinto enkulu kanti usemningi umsebenzi wezikhungo zezimali wokusabalalisa umbhidlango owenze ukuthi kwande isibalo sabantu base-Afrika abasebenzisa amabhange safinyelela ku-49% phakathi kwango-2011 nango-2022.

I-KZN izoqinisa imboni yokuvakasha namafilimu ukufukula umnotho

UHULUMENI waKwaZulu-Natali uthule inkampani entsha ehlanganisa ezokuvakasha namafilimu, iKwaZulu-Natal Tourism and Film Authority izolo.

Kuningi okuhle ngokuhwebelana namanye amazwe, kuloba uJabulani Sikhakhane

UKUXHUMANA kwamazwe ngokwezomnotho nezimali kubalulekile entuthukweni yamazwe, ikakhulukazi asafufusa, njengeNingizimu Afrika. Kungaba nemiphumela eminingi engaba wusizo olukhulu ukuthuthukisa izwe.

Amathuba okulungisa izinkinga zokukhula komnotho wezwe alele kuhulumeni wobumbano, kuloba uBusi Mavuso 

NGITHUKILE uma ngizwa ngocwaningo olushicilelwe ngesonto elidlule oluveze ukuthi akumali etheni engangeniswa yiNingizimu Afrika ngokunyusa intela. Lolu cwaningo beluphenya umphumela wokunyusa intela (i-marginal tax rate) esuke ku-41% yaya ku-45% ngo-2017. 

Bafafaza amakhono ezolimo entsheni yendawo

UPHILELA ukuhlinzeka umphakathi ngezithombo namaveji asanda kuvunwa ngamanani aphansi futhi unentshisekelo yokuqeqesha nokuthuthukisa amakhono ezolimo emphakathini ukuze uzithuthukise futhi uziphilise.

Amabhizinisi ayithakasele inkulumo yokuvula iPhalamende

I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) imshayela ihlombe uMengameli uCyril Ramaphosa ngokuvula kwakhe iPhalamende okokuqala kusukela kusungulwe uHulumeni woBumbano.

Kusazosinda kwehlela kubathengi yize sekuzolunga – usomnotho

IBHANGE loMbuso aliyishintshanga imalimboleko njengoba isazoqhubeka ibewu-8.75%, okusho ukuthi inzalo amabhange abolekisayo ngayo izoqhubeka ibewu-11.75%.

Ukuphatha ibhange kufana nokuphatha izikhali zenuzi, kuloba uJabulani Sikhakhane 

LUSEMATHENI udaba lwebhange elaqunjwa phansi ngabaphathi balo ngo-2018, iVBS Mutual Bank. Leli bhange lagcina livaliwe ngemva kokuthi abaphathi balo bezitamuzele imali ebekwe kulo  bebambisene nabangani babo nosomabhizinisi.

Abantu abawongeli umhlalaphansi – ucwaningo

BAWU-48% abantu baseNingizimu Afrika abangenayo nhlobo imali abayongayo ukulungiselela umhlalaphansi. Kanti kubona abawu-50% abanawo iningi ngeke libenemali eyanele uma sekufike leso sikhathi.

Ufukula umphakathi ngezifundo ezatshalwa wugogo nomkhulu 

UKUKHULELA emakhaya kugogo nomkhulu kumfundise ukulima nokulusa. Uthi umkhulu wakhe wamfundisa ukulusa nokunakekela imfuyo.

Kuqokwe isikhulu esisha seNew Development Bank 

KUQOKWE uMnu uMonale Ratsoma ukuba yiPhini likaMengameli nesikhulu esiphezulu seziMali seNew Development Bank (iNDB). Leli bhange liyingxenye yomfelendawonye wamazwe eBRICS.  

Osopolitiki babuye babebudedengu ezinkundleni zokuxhumana – izingqapheli

NGESIKHATHI uNgqongqoshe weziMali KwaZulu-Natali omusha ethula inhloko yomnyango entsha kukhona abazame ukusebenzisa lesi simemezelo ukwakha isithombe sokuthi isinqumo senziwe ngokobuhlanga.

Kuzobanzima ukwaba imali yezidingo zomphakathi ngenxa yezibalo ezigejayo, kuloba uJabulani Sikhakhane

UMBIKO osanda kukhishwa uxwayisa ngokuthi imiphumela yokubala abantu okuhambisana nemininingwane yenhlalo yabo okwenziwa ngo-2022 ayethembekile ngenxa yezingqinamba iStatistics South Africa (iStats SA) eyahlangabezana nazo.

Ikhabinethi entsha ikhombisa umdlandla omusha kuhulumeni, kuloba uBusi Mavuso 

KUSUKELA ikhabhinethi entsha imenyezelwe ngesonto elidlule isivele ilethe umdlandla omusha kuhulumeni. Ngiyakhuthazeka uma ngibona indlela ongqongqoshe abaningi abasukumela imisebenzi yabo emisha ngayo, bexoxisana nezisebenzi eminyangweni yabo nomphakathi.

Abalimi abamnyama bafisa ukuncintisana ezingeni eliphezulu

ABALIMI abamnyama abasafufusa bafisa uhulumeni omusha ugxile ekubesekeni ukuze bafinyelele ezingeni elithile lokuncintisana elizokwenza bafake isandla esibonakalayo emnothweni. 

Uphokophele ukubayisikhondlakhondla umsikingqephu wasemakhaya 

UNKSZ uKholiswa Seti ongenisayo kwezamabhizinisi nosanda kuhlonishwa ngendondo emcimbini wemiklomelo yamabhizinisi iSara Baartman District Women Entrepreneurs Awards kade abanezifiso ezinkulu.

Izifundazwe zenzela phansi osomabhizinisi ngenkokhelo – umNyango weziMali 

IHLEHLELE emuva indlela uhulumeni akhokhela ngayo amabhizinisi ngonyaka wezimali wango-2023/24, ikakhulukazi eminyangweni yezifundazwe njengoba kunoR10.6 billion okuze kwaphela lo nyaka wezimali ungakhokhiwe.

Umbiko uthi ayazicanasela amaphekulazikhuni eNingizimu Afrika, kuloba uJabulani Sikhakhane

ININGIZIMU Afrika isiyavuma ukuthi izwe lisengcupheni enkulu yokusetshenziswa ngabantu abafuna ukuthola imali okungesekwa ngayo izenzo zobushokobezi.

Phezu komkhono Hulumeni – abalimi bezwe

INHLANGANO yabalimi baseNingizimu Afrika ifisa uhulumeni omusha ugxile ekulungiseni izinselelo ezikhona ngemigomo nokuthi uqhubeke nezinhlelo ezikhona kulo mnyango ezweni lonke nasezifundazweni.

‘Yisikhathi sokufingqa imikhono kuhulumeni’

I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) iwahalalisela amalungu ekhabhinethi kahulumeni wobumbano futhi iyayibona imizamo kaMengameli uCyril Ramaphosa nawo wonke amalungu kahulumeni wobumbano yokulibala wukungaboni ngaso linye kwawo agxile ekubekeni eqhulwini izidingo zabantu baseNingizimu Afrika ngokuvumelana ngokushesha ngendlela esheshayo ezokhulisa umnotho ofaka wonke umuntu.

‘URamaphosa akafathuzanga ngongqongqoshe beminyango yomnotho’

YINTO enhle ukubuyiswa kongqongqoshe abaningi abebephethe iminyango ethinta umnotho namabhizinisi ngoba loku kuzokwenza umnotho weNingizimu Afrika uzinze futhi okunye okukhuthazayo wukuthi ngabantu abawaziyo umsebenzi.

Isizohlale ivikelekile imali ebhange ngenxa yomshwalense omusha

ISIZOVIKELEKA kangcono imali yabantu ababeka imali yabo emabhange abhaliswe ngokusemthethweni eNingizimu Afrika njengoba sekwethulwe isikhwama somshwalense esizobhekelela lokhu.  

Osomabhizinisi baseMelika bathembisa ukutshala imali eThekwini

NGEMVA kohambo lwezikhulu zikaMasipala waseThekwini oluya eMelika, osomabhizinisi baseLos Angeles, eMelika, bathembisa ukutshala imali eThekwini emikhakheni ehlukene.

Sidinga ongqongqoshe abazohlonipha umsebenzi kahulumeni, kuloba uBusi Mavuso

INKULUMO kaMengameli uCyril Ramaphosa ngesikhathi egcotshwa ngesonto elidlule iyikho kanye esikudingayo ngalesi sikhathi emlandweni wombuso wentando yabantu. Umengameli uthe abavoti batshengisile ukuthi bafuna “umnotho oshintshile, okhulayo, ofaka wonke umuntu nowakha imisebenzi yezigidi zabantu abafuna umsebenzi namathuba amabhizinisi abo bonke osomabhizinisi ezweni lethu”.

Indoda yama-muffin ihlose ukwaziwa emhlabeni wonke

UMNIKAZi wenkampani ebhaka ama-muffin ubheke ukukhulisa ibhizinisi lakhe laziwe umhlaba wonke, aqhubeke lapho agcine khona njengoba esengeze izitolo zalo eziwu-22, waqasha izisebenzi ezintsha eziwu-49. UMnu uMorero Moloi, odume ngelika-Muffin Man nowumnikazi weMcMore International, uhlola imakethe ukukhulisa ibhizinisi.

Sizovuselela umnotho ofaka uwonkewonke: uRamaphosa

NGEMVA kokugcotshwa kwakhe abewumengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa enkulumweni yakhe izolo, uthe uhulumeni omusha ophethe ngokubambisana kwezinhlangano uzobeka eqhulwini imibono yabavoti baseNingizimu Afrika.

Impumelelo yobambiswano incike kwisisoka sikaRamaphosa, kuloba uJabulani Sikhakhane

UMTHWALO wokwenza umbuso wobambiswano ubeyimpumelelo uzohlala wonke emahlombe kamengameli kaKhongolose uMnu Cyril Ramaphosa nabaholi bale nhlangano.

Uhulumeni wobumbano yingqophamlando esinika ithuba lokuxazulula izinkinga zethu, kuloba uBusi Mavuso

SIYAWABONGELA amaLungu ePhalamende amasha afungiswe ngesonto elidlule. Wumzuzu olethe ithemba ezweni ngesikhathi sibona kuhlangana lokhu obesekube ngamasonto anzima izinhlangano zepolitiki zizama ukukusebenza.

Ukuntula kwentsha imisebenzi yingozi enyelelayo, kuloba uBusi Mavuso 

UHULUMENI ozongena unezinselelo eziningi obhekene nazo. Cishe inkinga enkulu obhekene nayo yizinga eliphezulu lokuntuleka kwemisebenzi, ikakhulukazi lokuthi abantu abasha ababili kwabathathu abasebenzi.

‘Amaciko awasebenzise imali ngokucophelela’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noMinenhle ‘i-Advocate’ Ngubane, umsakazi nosomabhizinisi. Useke wasakaza kwiNchor FM, iSiyathuthuka FM, iVibe FM i-Eantouch Radio ne-iLembe TV. Manje uphosa esivivaneni engosini iSihleli Ekhoneni engena ngoLwesine ngo-8 ebusuku yohlelo loKhozi FM Ubusuku Obuhle olwethulwa wuSiya Mhlongo. Unebhizinisi lemikhiqizo yezobuhle iMinenhle Beauty Care

Ziyabhubhisa izifo ezidalwa yindlela abantu abaphila ngayo, kuloba uJabulani Sikhakhane 

IMINININGWANE esanda kukhishwa yinkampani yomshwalense iSanlam iveze ukuthi siyanda isibalo sabantu ababulawa yizifo eziphathelene nokusebenza kwenhliziyo, imithambo yegazi nezinye ezidalwa yindlela osekuphilwa ngayo.

Abantu baseNingizimu Afrika badinga uhulumeni ozozibophezela ukusebenza, kuloba uBusi Mavuso

KUFANELE sihlanganise uhulumeni wobumbano futhi siqhubeke sisebenze. Kuyaphuthuma ukuthi izinhlangano zihlanganise isivumelwano esizokwenza abantu baseNingizimu Afrika babenethemba lesisekelo sikahulumeni osebenza kahle.

Umlimi uhambe wazibuyela kwezolimo akhule ngazo kubo

KUPHELE iminyaka engenasikhathi futhi engazinaki ezolimo ngoba wumkhakha ayengaziboni engena kuwona nakuba kuyibhizinisi elidala kubo njengoba ekhule kunesimoba. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi eseqede isikole, waqala wanentshisekelo yokuqonda okwenzeka kule ndima ngoba ukhonze imvelo.

Sifuna uhulumeni ozosukumela amabhizinisi amancane abamnyama: osomabhizinisi

UMFELANDAWONYE wamabhizinisi abantu abamnyama uthemba ukuthi noma ngabe wubani i-ANC ezokhetha ukubumba naye uhulumeni kuzoba yinhlangano ezobeka eqhulwini umthetho wokufukula abantu abamnyama emnothweni, i-Black Economic Empowerment (iBEE).

I-ANC ibhekene nenkiyankiya ngohulumeni omusha, kuloba uJabulani Sikhakhane 

ININGIZIMU Afrika isezimpambanweni zomgwaqo ngokwepolitiki nezomnotho. Isinqumo sezepolitiki singabanomphumela omuhle noma omubi kwezomnotho ngenxa yokuxhumana kwale mikhakha yomibili.

Sekuyisikhathi sokuthi osopolitiki bacabangele iNingizimu Afrika kuqala, kuloba uBusi Mavuso

NGALESI sikhathi esibucayi embusweni wethu wentando yabantu, kumqoka ukuthi osopolitiki bacabangele izwe kuqala. Yisikhathi sokuthi kuqhamuke amadoda nabesifazane abaqotho abafisa ukuhola leli zwe ukuthi likhule futhi linothe.

Isonto lamvula amehlo ngezimpahla ezisheshayo

WAKHULA efisa ukuba wummeli. Yingakho enza izifundo zomthetho e-University of South Africa, aziphothula ngo-2018. Nokho kwashintsha konke eseqede ukufunda uNksz uWandipha Sotsaka langa limbe esesontweni mhla amalungu ebandla lakhe encoma isikhwama ayesiphethe.

Lusho ukuthini ukhetho kwabamabhizinisi, kuloba uBusisiwe Mavuso

CISHE iNingizimu Afrika izokwenza ushintsho olukhulu isuka ekukhonyeni kweqembu elilodwa iye lapho umbuso uzokwenganyelwa khoa wukubambisana kwamaqembu ahlukene ezweni lonke nasezifundazweni emva kokhetho lwayizolo.

Nivote kahle, sithembe ukuthi uhulumeni omusha uzoqhuba kahle, kuloba uBusi Mavuso 

KUSASA sizovota ukukhetha izinhlangano nosopolitiki esifuna ukuthi basimele. Ukhetho yisikhathi esihle sokubheka ukusebenza komThethosisekelo wethu nentando yabantu. Noma ngabe yiziphi izinselelo zethu siyizwe ukuthi siyakwazi ukuhlangana sivote yisisekelo sombuso wentando yabantu esisihlanganisayo.  

‘Bayazicanasela osopolitiki ngenxa yobumpumputhe babantu ngezomnotho’ 

ENINGIZIMU Afrika, njengasemazweni amaningi, abantu abaningi bavota ngezinhliziyo, hhayi ngokuqonda imigomo yezinhlangano abazikhethayo. Osopolitiki bayakwazi loku futhi bayakusebenzisa ngokubagxisha namanga ikakhulukazi ngemigomo ethinta izihloko ezibucayi njengomnotho.

Bazolwa neNHI ezokwenza ama-medical aid ‘izichuse’ 

ISIKHWAMA somshwalense wezempilo iNational Health Insurance (iNHI) esesisemthethweni sizophendula izinkampani zemishwalense yezempilo ezimele izichuse, nokungakho lezi zinkampani zithi zizothatha izinyathelo zomthetho.

Amanzi angena endlini ngokuguquguquka kwesimo sezulu, kuloba uJabulani Sikhakhane

UDABA lokutholakala kwezindlela ezintsha zokwakha izakhiwo nokubumba izinto zokwakha ukuze zikwazi ukumela ushintsho lwesimo sezulu kudingeka lusukunyelwe ngokushesha.

‘Ubuchwepheshe besimanje buzofukula ezokuvakasha’

UBUCHWEPHESHE besimanje buzokwenza bonke abantu babeyingxenye yemboni yezokuvakasha futhi zonke izivakashi ngisho nabantu abanokukhubazeka bathakasele ukuvakasha.

I-Africa’s Travel Indaba ingenise ngaphezu kukaR500 million

I-AFRICA’S Travel Indaba yango-2024 izuze okungaphezu kobekulindelekile njengoba ingenise imali engaphezu kukaR500 million emnothweni ngezinsuku ezine.

Ubuciko nezokuvakasha kungalekelelana: amaciko

AMACIKO anxusa uhulumeni nezinkampani zawo ukuthi uwaxhase ngemali ukuze umsebenzi wawo ufinyelele emhlabeni jikelele njengoba kwenzeka kubalingani bawo baseMelika. Athe loku kunesandla ekuheheleni izivakashi ezweni. 

Akubanjiswane ukwandisa intsha kwezokuvakasha: Africa’s Travel Indaba

KUFANELE amazwe ase-Afrika abambisane ukugqugquzela intsha yaleli zwekazi ukuthi ivakashele amanye amazwe. 

Kunengozi yokubaleka kwamabhizinisi athutha izimpahla, kuloba uJabulani Sikhakhane

UKUTHUTHA impahla, okungaba ukudla, izingubo zokugqoka nezinye izidingo, kubalulekile ekusebenzeni komnotho wamazwe. Kungafaniswa negazi emzimbeni womuntu. 

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page