Amathuba okulungisa izinkinga zokukhula komnotho wezwe alele kuhulumeni wobumbano, kuloba uBusi Mavuso
NGITHUKILE uma ngizwa ngocwaningo olushicilelwe ngesonto elidlule oluveze ukuthi akumali etheni engangeniswa yiNingizimu Afrika ngokunyusa intela. Lolu cwaningo beluphenya umphumela wokunyusa intela (i-marginal tax rate) esuke ku-41% yaya ku-45% ngo-2017.
Luthole ukuthi esikhundleni sokwandisa imali ngenxa yendlela okwakubalwe ngayo kodwa ibe ngaphansi kakhulu.
Loku kungenxa yokuthi abakhokhintela bakhetha ukuthola izindlela zokugwema ukuyikhokha. Abaningi banciphise imiholo yabo futhi mhlawumbe okunye okukhathazayo wukuthi nomkhiqizo wamafemu aqashe abantu okufanele bakhokhe intela wehlile.
Ezinye izinto ezibe nesandla kuloku zifaka ukuthuthela kwamanye amazwe nokugwema intela. Ucwaningo olwenziwe yiWorld Institute for Development Economics, eyingxenye yeNyuvesi yeNhlangano yeZizwe (i-UNU-WIDER), luthole ukuthi esikhundleni sokungenisa uR5.5 billion ngenxa yokunyuswa kwentela, kunaloko yehle ngoR6.5bn imali engene enteleni eqoqwa emiholweni. Ngakho ukunyusa intela kwehlise imali engenile.
Sivame ukuthi ngeke unyuse imali oyingenisayo ngokunyusa intela kodwa mkhulu umonakalo ongawudala emnothweni. Leli yiphuzu elibalulekile uma kunezinkulumompikiswano ngokuthi yini izinhlelo zezenhlalakahle zingakhokheleka kanjani ngokunyusa intela.
Umshwalense wezempilo i-National Health Insurance (iNHI) iyisibonelo saloku. Ayikaxazululwa eyokuthi uzokhokhelwa kanjani. Kuhlawunjiselwa ukuthi kuzodla cishe uR200bn uma kuhlinzekwa ngosizo olungabizi kanti olungaphezu kwaloku luzodinga imalli enkulu kunalena.
Uma kubhekwa ukuthi uhulumeni ulindele ukungenisa cishe uR2 trillion kulo nyaka wezimali, kuzodinga inyuke ngo-10% imali ezongeniswa. Kuzofanele kucatshangwe into efanayo uma kucutshungulwa isiphakamiso sokuthi ukuthula isibonelelo i-Basic Income Grant, kungahle kubize uR300bn, kuye nokuthi yimalini ekhona.
Uma kucatshangwa ngokungenisa imali ethe xaxa, ubudlelwano phakathi kwentela ekhokhiswa abantu nemali engenayo kumqoka. Ukunyusa intela ebanjwayo ngo-10% akusho ukuthi imali engenayo izonyuka ngo-10%.
Empeleni, ucwaningo lwe-UNU-WIDER lutshengisa ukuthi kuyaba nomphumela ongemuhle futhi kuyayinciphisa intela eqoqwayo. Akungatshazwa ukuthi ezinye izinhlobo zentela zibanomphumela ohlukile. Intela efana nebanjwa ezimpahleni, i-VAT, kunganzima ukuyiziba futhi maningi amathuba okuthi yandise imali eyingenisayo kodwa ebanjwa emiholweni yabantu nasenzalweni yezinkampani, ngeke ikwenze loko.
Mhlawumbe into ekhathaza kakhulu ngemiphumela yalolu cwaningo wukuthi izinkampani eziqashe labantu okuyibo abahola kakhulu yehlile imali eziyingenisile emva kokunyuka kwentela.
Abacwaningi bathi lokhu kuyahambisana nokuthi uyehla umdlandla wabahola kakhulu emva kokunyuswa kwentela. Akubuzwa-ke ukuthi lokhu akunawo umphumela omuhle emnothweni wonke. Lolu cwaningo kufanele lusitshengise ukuthi ngeke kwethulwa izinhlelo zezenhlalakahle ezibizayo ngaphandle kokuba nomphumela omubi emnothweni.
Indlela kuphela yokunyusa imali engenayo wukukhulisa umnotho, injongo uhulumeni nabamabhizinisi abavumelana ngayo futhi esibambisene ukuyifeza. Ukukhula komnotho kusho ukwanda kwentela engenayo engakwazi ukusetshenziswa ukwethula izinhlelo zezenhlalakahle.
Uhulumeni wobumbano uyaqhubeka nokwenza okufanele mayelana nalokhu. Sengike ngabhala phambilini ngezingozi ezikhona emnothweni wethu ngenxa yokuqhubeka kokonakala kobudlelwane bethu neMelika. Indlela esenze ngayo ngobudlewane bethu neRussia kule minyaka emibili edlule okufaka udaba lomkhumbi iLady R kubakhathazile osopolitiki baseMelika.
Kangangokuthi iPhalamende laseMelika lethule uMthethosivivinyo wokubuyekeza ubudlelwane baleli zwe neNingizimu Afrika. Lo Mthethosivivinyo uphasile ekuqaleni kwaleli nyanga yize kusafanele uye kwi-Senate ukuze ube ngumthetho.
Kungithokozisile ukuzwa ungqongqoshe wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana (uMnu) uParks Tau ethi uzohola ithimba elizoya eMelika ngasekupheleni kwenyanga ukuya engqungqutheleni ye-African Growth and Opportunity Act.
Yithuba leli lokuqala ukwakha kabusha lobu budlelwane. Uhulumeni wobumbano ungenza izinto ngendlela ehlukile ebudlelwaneni esinabo namanye amazwe kunohulumeni ophumile.
Kufanele siqhubeke sibe nobudlelwano obuhle namazwe aseNtshonalanga ngesikhathi futhi sikhulisa ukuhwebelana namazwe aseMpumalanga. Indlela esihweba ngayo nezinhlangothi zombili ihlukile kakhulu njengoba iMelika neYurophu bethenga kakhulu izimpahla ezisuke seziphelele njengezimoto neminye imisebenzi kanti eMpumalanga bamandla ekuthengeni izimpahla ezisuke zisazoguqulwa.
Ukuhwebelana neNtshonalanga yikona okweseka kakhulu ukuthengwa kwezimpahla eNingizimu Afrika nokuqasha abantu. Yizinyathelo ezinjena ezitshengisa ukuthi uhulumeni wobumbano uyaphumelela ekubhekaneni nezinselelo ezinqinda ukukhula komnotho wethu.
Yiyona ndlela ecacile esingahlinzeka ngayo abantu ngempilo engcono ezokwakha imisebenzi futhi ingenise nentela. Siyinhlangano yamabhizinisi, simagange ukusebenzisa amakhono nezinsizakusebenza zethu ukubambisana nohulumeni ukuze siphumelele.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/05/15/kunengozi-yokubaleka-kwamabhizinisi-athutha-izimpahla-kuloba-ujabulani-sikhakhane/