I-Financial Sector Conduct Authority ixwayisa abathengi ngokuqolwa yizinkampani ezingagunyaziwe. Isithombe: yiPixabay

Gadani iDurban Forex Group neFXMG MT4 Traders – isexwayiso

YINTATHELI YOMBELE

I-FINANCIAL Sector Conduct Authority (iFSCA) isixwayise umphakathi ngezinkampani ezimbili ethi azigunyaziwe ukuhlinzeka ngosizo lwemali. 

Eyokuqala yiDurban Forex Group okuthiwa kubonakala sengathi ihlinzeka umphakathi ngosizo lwemali kungafanele. I-FSCA ithe izamile ukuxhumana nale nkampani kodwa ayikaphenduli. 

Eyesibili yiFXMG MT4 Traders okuvele ukuthi kwi-website yayo izenza abantu abasebenzisana nenkampani egunyaziwe ukuhlinzeka ngosizo lwemali iFXGM South Africa (Pty) Ltd, ehweba ngegama elithi FXMG ZA (FSP No. 50202). Kuthiwa yenza lokhu ngokusebenzisa inombolo yelayisensi nophawu lweFXMG ZA kanti namakhasi abo ezinkundleni zokuxhumana acishe afane nendlela okubukeka ngayo i-wesbite yeFXMG ZA. 

I-FSCA ithi iFXMG ZA isiqinisekisile ukuthi ayihlanganise lutho futhi ayinabudlelwano neFXMG MT4 Traders. 

Inkampani esolwayo ibingakayiphenduli imibuzo yeFSCA. 

  • Lolu lwazi lucashunwe kwiFSCA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page