Osomabhizinisi abancane bathi badinga izinsiza ezihlukene komasipala babo ukuze basimame. Izithombe: Zithunyelwe

Kuhlukene imibono ngeqhaza lomasipala ekusizeni osomabhizinisi abancane

WUTHOBILE ZWANE noBONISWA MOHALE

NAKUBA omasipala benomsebenzi wokuseka amabhizinisi amancane ukuze akhule afukule umnotho wendawo, osomabhizinisi abaningi basemalokishini nasezindaweni zasemakhaya KwaZulu-Natali bahlukene ngemibono ngohlobo losizo abaluthola kuhulumeni.

Abanye bathi abakaze basizakale nakancane, kanti abanye bathi ukusekwa abakutholile sekubenomphumela omuhle ekukhuliseni amabhizinisi abo.

Umsunguli weMnandi Bakery yaseShayamoya, KwaDukuza, uNksz uThobile Zungu uthi eminyakeni emihlanu ibhizinisi lakhe lisebenza akakaze athole usizo kumasipala. Uthi ukuphela kosizo alutholile luqhame kwi-iLembe Enterprise, eyamnika amapani okubhaka amsize ukuthi izinkwa zakhe zibesezingeni elinjelezinkampani ezinkulu.

“Umasipala ugcina ngokufika uzohlola izinto bese uhamba. Usitshela ukuthi sibhale izincwadi sichaze esikudingayo kodwa kuze kubemanje angikaze ngisizakale,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/05/30/lusho-ukuthini-ukhetho-kwabamabhizinisi-kuloba-ubusisiwe-mavuso/

Uthi okumphazamisa kakhulu ukungabi ne-printer yamaplastiki anophawu lwebhizinisi. “Umdwebo wamaplastiki senginawo. Ngike ngaya kwaSpar naseShoprite, bangitshela ukuthi imikhiqizo yami isezingeni kodwa abakwazi ukuthatha izinkwa ezifakwe emaplastikini angabhaliwe.

“Uma ngingathola lolo sizo ngingakwazi ukungena ezitolo ezinkulu, emajele, ezibhedlela nakwezinye izikhungo zikahulumeni. Loko kungakhulisa ibhizinisi lami libeyifemu enkulu,” kusho uNksz uZungu.

UNksz uNokuthokoza Mathonsi waseVutha, eMandeni, otshala amaveji uthi naye akakaze athole usizo kumasipala. : “Angikaze ngisizwe wumasipala. Usizo engake ngaluthola luvela emNyangweni wezoLimo. Anginankinga nomasipala kodwa ngifisa bangiseke ngembewu ukuze ngandise ukutshala,” kunxusa yena.

Umsunguli wePro Sneakers Lab uNksz uKhululekile Ntombela uthi leli bhizinisi elihlanza amateki laseMbali, eMgungundlovu, lisebenzela kubo ngenxa yokungabinendawo yokuhweba.

“Ngifisa ukuthola indawo engizosebenzela kuyona ukuze amakhasimende angithole kalula. Loko kungangisiza ukuthi ngihehe amakhasimende amaningi futhi ngikhulise ibhizinisi lami,” kusho yena.

UNksz uNtombela ufisa ukuthola indawo yokusebenza

Akubona bonke osomabhizinisi abathi omasipala ababaniki usizo. UNksz uNtobeko Mafu, umsunguli weMadame Clucks a Lot Poultry, yase-Edendale, eMgungundlovu, uthi uMasipala waseMsunduzi wake wamsiza ngemali ngesikhathi eyomela ibhizinisi lakhe eThailand ngonyaka odlule.

Uthi wake wathola izinsiza zokusebenza ezibiza cishe uR50 000 eminyangweni kahulumeni. “Engikufisayo manje wukuthola ipulazi elikhulu engingathuthela kulona ukuze ngandise ukufuya izinkukhu nokulima,” kusho uNksz uMafu.

Umsunguli woBuhlakani BamaNdelu Trading Enterprise uNksz uLally Blose uthi uMasipala waseThekwini usumsize ngendawo yokuhweba eMlaza, kwaV. “Ukubanendawo yokusebenza kwenze amakhasimende akwazi ukungithola kalula, kwabalula nokukhulisa ibhizinisi lami,” kusho yena.

Umsunguli weVolcanic Explosion uNksz uBusisiwe Mbanda uthi usizo aluthola kuMasipala waseThekwini lubenegalelo ekukhuliseni ibhizinisi lakhe eliseMatikwe, eNanda, eThekwini.

Uthi umasipala umfake ezingqungqutheleni, emibukisweni nakwezinye izinhlelo zokuthuthukisa osomabhizinisi, okumvulele amathuba okukhangisa ibhizinisi.

Uthi: “Lezi zinhlelo zingisize ukuthi ngihlangane nabantu abanentshisekelo yokusebenza nami, ngathola amakhasimende amasha futhi ngakwazi ukuthula ibhizinisi lami kubatshalimali. Loko kubenomphumela omkhulu ekwandiseni amathuba ebhizinisi lami.”

Umsunguli we-38 Meat Bistro uNksz uZodwa Ndaba uthe seloku avula le ndawo yokudla esenkabeni yedolobha eMnambithi akaze athole usizo kumasipala, yize izisebenzi zawo ziye zifike zizoqinisekisa ukuthi amabhizinisi anazo zonke izimvume zokusebenza.

“Ayikho imvume esingenayo yokusebenza; konke okwethu kuqondile. Ayikho nendawo eqondile oya kuyona uma ufuna ukuqinisekisa ukuthi ulandela umthetho, uyiswa le nale. Njengoba kuza ukhetho akukho okwenzekayo futhi angilindele lutho kumasipala ngoba sike sasho ukuthi sinenkinga yamaphara edolobheni. Alala ngisho emnyango wesitolo. Bathembisa ukuthi bazoyisukumela le nto kodwa namanje abenzi lutho,” kusho yena. Unxuse osomabhizinisi ukuthi basukume bazenzele ngoba osopolitiki bayathembisa kodwa bangenzi lutho.

Umsunguli wenkampani yobuchwepheshe i-Entreinno Hubtech uMnu uMthobisi Mbatha uthe umasipala waseMhlathuze awulixhasi leli bhizinisi laseMpangeni, njengoba lidinga indawo yokusebenza nemishini, nokuyinto aye abone abanye omasipala beyenzela osomabhizinisi abancane.

“Siyafisa ukuthi umasipala ubheke iziphakamiso esizithumelayo siwosomabhizinisi abancane ngoba sidinga indawo yokusebenzela. Akulula ukuthi sisheshe siqashe njengoba sisakhula.

UMbatha uthi uyafisa ukuthi umasipala wangakubo ubasize ngako. “Uma umasipala ungasilekelela ngaloko, kungabalula nokuthi siqeqeshe intsha efuna ukungena kule mboni yobuchwepheshe ngoba senza ama-app, ama-website nokunye okuhambisana nale mboni ekhulayo yobuchwepheshe,” kusho yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page