Ukuntula kwentsha imisebenzi yingozi enyelelayo, kuloba uBusi Mavuso
UHULUMENI ozongena unezinselelo eziningi obhekene nazo. Cishe inkinga enkulu obhekene nayo yizinga eliphezulu lokuntuleka kwemisebenzi, ikakhulukazi lokuthi abantu abasha ababili kwabathathu abasebenzi.
Uhulumeni kufanele ucacise, uzibophezele futhi wenze izinguquko eziqhubekayo ezizolekelela ukukhulisa umnotho, kunciphe ukuntuleka kwemisebenzi, ikakhulukazi entsheni, kubhekwe ukuthi imqoka kanjani kwikusasa lezwe. Ukuhluleka ukwenza njalo kwenza kube nengozi yokuthi kungabi nokuthula.
Abantu abasebenzayo eNingizimu Afrika (abaneminyaka ephakathi kwewu-15 newu-64) yibona abaningi kakhulu ezweni. Kwamanye amazwe laba bantu yibona abanemiholo enyukayo, abakhulisa umkhiqizo, abonga kakhulu futhi abaphucula indlela yabo yokuphila.
Kwamanye amazwe, njengeNingizimu Afrika, kungasuka uthuthuva uma intsha ingayitholi imisebenzi, okungaholela ebugebengwini, udlame, ukusebenzisa izidakamizwa nezinye izinkinga zenhlalakahle.
Umehluko phakathi kwalezi zimo zombili usekutheni kungabe lelo zwe liyakwazi yini ukukhulisa umnotho walo ngokwanele likusebenzise ukuthi linentsha eningi ezimisele futhi engakwazi ukusebenza.
Njengoba amazwe amaningi athuthukile enabantu abaningi asebekhulile, ukuba nentsha eningi kweNingizimu Afrika kusho ukuthi kuningi engakuzuza, inqobo nje uma ingakusebenzisa kahle.
Ukuze ihlomule ngokuphelele, intsha yasezweni idinga izinga lemfundo eliphucukile, ukuthola amathuba angcono okuqhuba imfundo yayo nokusizwa ukuthi ithole imisebenzi.
Akungatshazwa ukuthi kunezindlela okufanele kungenelelwe ngazo emnothweni ukuze ukhule futhi wakhe imisebenzi. Ngokubambisana nohulumeni, amabhizinisi emelwe yiBusiness Unity South Africa (iBUSA), azinikele ekukhuliseni umnotho ngokulungisa izinto ezinqinda umnotho njengogesi, ezokuthutha nobugebengu.
INingizimu Afrika kufanele ikhulise umnotho okungenani ngaphezu kuka-5% ukwakha imisebenzi eyanele nedingakalayo ukunciphisa ukuntuleka kwemisebenzi. Nokho-ke, ukwenza izinto ezinganomphumela osheshayo ngokuntuleka kwemisebenzi, ikakhulukazi entsheni, kungafaka isandla kwinhlalakahle nasekukhuliseni umnotho.
Uhulumeni akuwona osungula imisebenzi eminingi. Amabhizinisi kuphela asungula imisebenzi futhi angenisa imali yentela kepha amabhizinisi angakwazi ukuqhubeka afake isandla emnothweni uma izinto zicacile futhi kunokuthula. Uma izinkampani zingazi ukuthi izoma kanjani imigomo kahulumeni eminyakeni embalwa ezayo azikwazi ukutshala imali isikhathi eside.
Uhlelo oluqhubekayo phakathi kwamabhizinisi nohulumeni olubheka izindawo lapho kungasungulwa khona umsebenzi wentsha ikakhulukazi ezimbonini lapho kunganesidingo khona semisebenzi masinyane nasemabhizinisi asafufusa. Lezi zifaka:
- Ukwandisa amathuba emisebenzi ngokuqasha nezinhlelo ezinika intsha isipiloyini njengeYouth Employment Services (iYES) neSA Youth, elawulwa yiHarambee futhi eseHhovisi likaMengameli njengengxenye yePresidential Youth Employment Intervention (iPYEI).
- Izinhlelo ezigxile emakhonweni adingeka kakhulu ezikhiqiza abantu asebevele belungele ukusebenza nokuyizindawo okunamathuba amaningi okuthi ziqashe abantu abasha njengezimboni zikagesi ovuselelwayo, ezobuchwepheshe, imisebenzi ehlinzeka ngemisebenzi yamabhizinisi emhlabeni, ezokuvakasha, izimayini, ezolimo, eziguqula umkhiqizo wezolimo nezezimoto.
- Ukwandisa amathuba okuthi abantu bazisebenze kwi-informal economy ngokuthatha enye imali evele ikhona ukweseka amabhizinisi asafufusa nezinhlelo zomnotho wasemalokishini nokweseka amanye amabhizinisi angeyona ingxenye yomnotho omkhulu.
Kusezandleni zamabhizinisi nohulumeni ukuseka le mizamo. Uhulumeni ngeke ukwazi ukukwenza uwodwa ngoba awunayo imali eyenele. Nokho, ungakwazi ukuhlinzeka ngokuthi kubenendawo efanele ukuze amabhizinisi atshale izinsizakusebenza zawo ngendlela efanele.
Uhlobo namakhono abafundi akhiqizwa ezemfundo eNingizimu Afrika akuhambisani nezidingo zamabhizinisi. Loku kwenza amabhizinisi angakwazi ukulinda uhulumeni wodwa ukuthi ulungise inkinga.
Uhlobo namakhono abafundi akhiqizwa ezemfundo ezweni akuhambisani nezidingo zomnotho
Umsebenzi owenziwa yiBUSA ohlangothini lwemigomo wukubheka nokulungisa lapho izinto zingahambisani khona.
Okunye, sibalulekile ngempela isipiliyoni somsebenzi. I-Labour Market Dynamics Report eyashicilelwa yiStatistics South Africa ngo-2022 yathola ukuthi intsha enesipiliyoni esithile somsebenzi iyayihlula intsha nabantu abadala abafuna umsebenzi ngokusuka ekuntuleni umsebenzi, iqashwe.
Lo mbiko wathola ukuthi “ukuba nesipiliyoni” kwenza intsha enaso iyidlule leyo engenaso. Kuyacaca ukuthi imizamo efana nokucathulisa umuntu, ukubayithwasa kunemiphumela emihle entsheni.
Ukwandisa nokuhlela kahle izinhlelo ezivele zikhona kungandisela intsha amathuba amaningi ngo-2026 futhi kwandise isibalo sentsha esebenzayo nekhathalele umnotho.
Imizamo eyenziwa ngamabhizinisi ngokuqasha intsha ingase ithele izithelo ezinhle masinyane. Kungenzeka kuvule imisebenzi emisha ewu-150 000 (okungaphezu kwendlela okwenzeka ngayo emnothweni) kuqinisekisa ukuthi abantu abaqalayo ukusebenza minyaka yonke bathola amathuba okufunda nokuhola, okukhulisa umnotho o-informal futhi kuthuthukise impumelelo yamabhizinisi amancane eNingizimu Afrika kuthi imali evele yabelwe ukuthuthukisa amakhono iye ezinhlelweni ezingase zakhe imisebenzi ngempela.
Ekugcineni, sidinga ukukhulisa umnotho uma sizolungisa inkinga yokuntuleka kwemisebenzi entsheni. Izinguquko ezinqala zokuseka ukukhula komnotho kufanele zisheshiswe kuthi izingqinamba noma izinto ezibambezela imigomo efanele zisuswe.
Uhulumeni ongenayo kufanele usheshise ukwenza izinguquko ezidingekayo ukuphucula ukukhula komnotho waseNingizimu Afrika ngokunciphisa izindleko zamabhizinisi, ukunciphisa imidanti edingeka uma umuntu efuna ukungena emnothweni, ukwandisa izinto ezenza iNingizimu Afrika ikwazi ukuncintisana futhi ivule amathuba okutshala imali. INingizimu Afrika kufanele ishintshe izinto ukukhulisa umnotho.
Ukwakha umphakathi ophumelelayo futhi ohlalisene kahle, iNingizimu Afrika idinga ukunciphisa ububha nokungalingani ngokwandisa amathuba emisebenzi ngokukhulisa umnotho, ukuhlinzeka ezemfundo, amakhono namathuba okuseka lokho. Kumqoka ukunxusa osomabhizinisi ukwenza loku.