Kunomehluko endleleni imali kahulumeni ephathwa ngayo kodwa usemkhulu umsebenzi okufanele wenziwe. USLINDILE KHANYILE uyabika 

IYAPHUCUKA indlela izifundazwe neminyango kahulumeni esebenzisayo imali ngayo. Nokho izinto zisagqoza eminyangweni namabhizinisi kahulumeni okuneqhaza elikhulu emphakathini.

Izinyunyana zifuna uhulumeni waseMpumalanga Kapa uqede amathenda ezinkampani zonogada. U-LUCAS LEDWABA noKATLEGO SEKWATI bayabika

UMFELANDAWONYE wezinyunyana zonogada bezinkampani ezizimele eMpumalanga Kapa usucele uhulumeni wesifundazwe ukuthi uqede izinkontileka zenqwaba yezinkampani zonogada ezinomsebenzi kuhulumeni.

Ikhono alifunda unina limholele ebhizinisini lezicathulo nezikhwama eziqhakambisa i-Afrika. UNQOBILE NDLOVU uyabika

UKUNQABA kwemisebenzi ezweni kwamenza wakhumbula uthando lwakhe lokukhrosha ayekufundiswe unina. UNksz uZondi uthi olunye ulwazi ulithola kuma-video kuYouTube. Lolu thando lwakhe waluhlanganisa nokuqhakambisa i-Afrika. 

UmCwaningimabhuku-Jikelele usezocwaninga iNhlangano yeZizwe

IHHOVISI lomCwaningimabhuku-Jikelele eNingizimu Afrika liqokwe ukuthi libe wumncwaningimabhuku wophiko lweNhlangano yeZizwe i-United Nations Educational, Scientific and Cultural Organisation (i-UNESCO) kusukela ngo-2024 kuze kube ngu-2029.

Wabona ithuba, washiya phansi ukufundisa ukuze angene ebhizinisini lokudiliva inyama enqabile. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKHULE enothando lwamabhizinisi, yingakho ebengathembele emsebenzini wokufundisa kwelinye lamakolishi azimele njengoba ebenebhizinisi lokuhambisela abantu amaveji nezithelo emalokishini aseThekwini, KwaZulu-Natali.

Ayanda amathuba emisebenzi, yize umnotho udonsa kanzima. USLINDILE KHANYILE uyabika

IBUKEKA ithela izithelo imizamo yokunciphisa ukuntuleka kwemisebenzi eNingizimu Afrika njengoba isibalo sabantu abasebenzeyo sikhuphukile saba ngaphezu kwalokhu esasiyikho ngaphambi kokuhlasela kweCOVID-19. 

Bahlose ukuqeda ubumnyama ezweni ngenkampani yama-globe onga ugesi. Omunye wabo uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

BAZALWE futhi bakhulela endaweni yasemakhaya ebingenawo ugesi ngaleso sikhathi. Kuthe uma sebethuthele endaweni ethuthukile kodwa bebebuye bahlale ebumnyameni ngoba ugesi uvama ukucinywa

Usheba umsebenzi awufundele nezolimo ngenhloso yokuziphilisa nokuthuthukisa umphakathi wangakubo. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UKHULE engawunakile umkhakha wezolimo, impumelelo ekuwona nomehluko ongawenza emphakathini kodwa kunezinto ezimbili ezitshale futhi zakhulisa uthando lwakhe kule mboni. 

Kuntwela ezansi kubafuyi abakhinyabezwe wumkhuhlane wezinkukhu. Intatheli yoMBELE iyabika

INHLANGANO ebheka abantu abasebenza ngomkhiqizo wezinkukhu ezweni iSouth African Poultry Association (iSAPA) ithi sekuntwela ezansi ngokunqoba umkhuhlane wezinkukhu oshaye kwezwela kubafuyi, ezitolo nasemphakathini.

Owashiya izifundo zobuchwepheshe ilandele iphupho layo lokuzisebenza ngokungenisa ngamaketelo ekhethelo. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

ESIKHUNDLENI sokuphelelwa yithemba ngoba engeke esakwazi ukuqhubeka nezifundo zobuchwepheshe ayezenza kwelinye lamakolishi azimele, insizwa yasePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natali, ilandele umqondo owawuke wayifikela wokusungula ibhizinisi.

Uvuna engatshalanga osebenzisana nabalimi ukukhiqiza i-𝙨𝙖𝙪𝙘𝙚 nejusi ka-𝙗𝙚𝙚𝙩𝙧𝙤𝙤𝙩. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUBONA isibalo sentsha engena kwezolimo sikhula njalo ngakubo. Nakuba kunjalo kepha bayindlala abakhuthalela ukuthatha isivuno benze ngaso okunye okungenisa imali.

Seluzoba ndawonye usizo lwamabhizinisi amancane kuhulumeni. USLINDILE KHANYILE uyabika

ZIZOHLANGANISWA izinhlaka zikahulumeni ezeseka amabhizinisi asafufusa. Lesi ngesinye sezinguquko esimenyezelwe kwiSabelomali esibheka iminyaka emithathu i-Medium Term Budget Policy Statement (iMTBPS) yango-2023.

Uhulumeni uzoluma aphephethe ngeSabelomali kule minyaka emithathu ezayo. USLINDILE KHANYILE uyabika

UHULUMENI uzonyusa isikweletu futhi kunezinhlelo azonciphisa kuzona ukubhekela izindleko zokukhuphula imiholo yezisebenzi nokwelula isibonelelo esisiza abantu abangasebenzi esethulwa ngesikhathi seCOVID-19 onyakeni wezimali wango-2023/24.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page