Amehlo azothi njo kwizibalo zokuthenga nezohwebo
YINTATHELI YOMBELE
ENINGIZIMU Afrika kulindeleke ukuthi amandla emali ehle asuke ku-5% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka ngoJuni abewu-4,4% ngenxa yokwehla kwamanani kaphethroli.
Ukwehla kwamandla emali kufanele kungabhekwa ngokuthi kuzokwehlisa ingcindezi yamanani ezimpahla: i-core inflation, okuyisikali samanani ezimpahla esingafaki amanani awokudla nophethroli, kulindeleke ukuthi kume ku-4%.
Izibalo zokuthenga nezokuhweba zangoJuni zizocacisa ngokudingeka kwezimpahla ukuthi zikhombise obekwenzeka emnothweni ngekota yesibili.
Uma sibheka okwenzeka emhlabeni jikelele, izibalo zokukhiqiza kwezimboni nezokudayisa izimpahla eChina zangenyanga edlule zizoveza ubufakazi bokuthi ukwehla okubonakale ocwaningweni olusha kuqhubekile yini ngekota yesithathu. Izibalo zabantu abangasebenzi nazo zizobe zibhekiwe njengoba zicacisa ngokuthenga izimpahla emizini yabantu.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/08/03/amehlo-azothi-njo-kwizibalo-zemboni-yomkhiqizo/
Ngasekupheleni kwesonto, izimakethe zizobheka umbiko wesikhashana ngokwenzeka emabhizinisini nge-purchasing managers index yangale nyanga eMelika, emazweni aseYurophu, ikakhulu eGermany nase-United Kingdom.
Ucwaningo olusha luveza ukuthi la mazwe ayaqhubeka nokukhulisa iminotho yawo nakuba kunomehluko ngokukhula kwezimboni ezihlukene kuwona.
Izibalo zizokhombisa ukuthi okwenzeka emnothweni yala mazwe kuzoqhubeka yini nakule nyanga. Ucwaningo lwamandla emali e-United Kingdom, izibalo zabantu abangasebenzi nezokuthenga izimpahla zizokwenza izimakethe ukuthi zibone ukuthi ukunyuka kwamanani ezimpahla nokwehla kwezinga lokuzithenga kunamuphi umphumela emnothweni. – Le mininingwane itholakale kwiBureau for Economic Research

