Kuntwela ezansi ngekusasa lebhange Ithala ebeliphunga impi enkantolo
WUBONISWA MOHALE
UPHIKO olungamele ukusebenza kwamabhange eBhange lomBuso iPrudential Authority lusihoxisile isicelo sokuhlakaza ibhange Ithala ngemva kokuthi leli bhange likwazile ukukhokhela amakhasimende alo awu-257 000 uR1.4 billion.
Yize selingasekho icala elisenkantolo kodwa loku akusho ukuthi Ithala selizosebenza njengebhange ngenxa yokuthi alinamvume yokusebenza edingeka kuwo wonke amabhange ngokomthetho i-Banks Act.
Ungqongqoshe womNyango weziMali KwaZulu-Natali uMnu uFrancois Rodgers uthe bayibonile imibiko yokuhoxisa kwalolu phiko enkantolo kanti abameli bomnyango bamatasa babhekisisa lolu daba ukuze ukwazi ukuhlela kahle ngekusasa le-Ithala.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/06/26/kuntwela-ezansi-ngodaba-lwe-ithala/
“Ithala libaluleke kakhulu KwaZulu-Natali. Niyazi ukuthi bengingahambisani nokuhlakazwa kwalo kanti sonke siwuHulumeni woBumbano besisiphikisa lesi sicelo nasenkantolo. Sikholwa wukuthi Ithala kufanele lisekwe ukuze liqhubeke nokubayibhange elisebenza isikhathi eside,” kusho yena.
Uthe bafuna kuhlangane zonke izinhlaka ezithintekayo ukuhlela kahle ukuthi Ithala likwazi kanjani ukusebenza ngendlela efanele.
“Sifuna ukuthi Ithala likwazi ukuthola igunya lokuqoqa imali yalo kwabalikweletayo, lithole izimpahla zalo ezibalulekile ukuqinisekisa ukuthi liyisikhungo esingenisa imali njengoba zisaphethwe wumlawuli.
“Kufanele Ithala lithole nemali yalo yebhizinisi lomshwalense ukuze likwazi ukwenza okulindeleke kulona. Sifuna libenazo zonke izimfanelo zokusebenza nezinsiza ezihambisana nezimpahla zalo nezindlela zokungenisa imali. Sibize umhlangano nobuholi bezwe, obesifundazwe, abalawuli bemboni yemali nabamele Ithala ukuze sizolungisa izinkinga ezisibeke lapha,” kusho uRodgers.

