‘Yiba nezindlela eziningi zokungenisa imali’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noJacinta Ngobese, umsakazi nophrojusa weVuma FM. Uthula uhlelo i-Cruise ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-9 kuya ku-12 emini, umphathi wohlelo ne-voiceover artist nomnikazi weJacinta Media

WUSIMANGALISO NTSHANGASE 

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo ngangiphiwa kodwa hhayi eningi. 

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Ngaqala ngineminyaka ewu-17, ngayivula eStandard Bank. 

Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngikhumbula ukuthi ngakhula ngifundiswa ukonga nokubeka imali. 

Waqala nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngaqala ukusebenza ngineminyaka ewu-16 esitolo esidayisa i-pizza uma kungamaholidi, ngenza umsebenzi (wokuheha) abantu ukungena esitolo, bathenge, ngibhala uR300 ngosuku. 

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngawuthatha ngawunika ugogo nomama, enye ngathenga ngayo igrosa. 

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukuhlale ngenza izinto ezijabulisa abantu engibathandayo, kungaba wumndeni wami nezingane zami. 

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukusebenzisa imali kuze kweqe, ngize ngigcine ngenza izikweletu. 

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Yebo kwake kwenzeka. Ngaluthwa ngabanye abantu abangicela ukuthi ngibamakethele umncintiswano wokuwinisa ngemoto, okwagcina kungenzekanga. Abantu basola mina ngokungathembeki.  

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Esokuthi kubalulekille ukonga nokubeka imali ngoba kwenza ihlale ikhona. 

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingakha isikhungo esizocija, sifundise izingane izifundo namakhono angandile kuleli zwe. 

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngokuthi abahlale besebenza kanzima, babenezindlela eziningi zokwenza imali bese kuthi ube benemali baqikelele ukuyisebenzisa ngokucophelela futhi baqaphele ukuthi bayisebenzisa nobani. Abakhulekele ukuthi imali yabo ibusiswe wuNkulunkulu ukuze bayisebenzise ngendlela efanele. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/09/22/kuleli-sonto-kusaziwayo-nemali-sixoxa-nobongamandla-mgenge-owaziwa-ngelikamankini-umsakazi-wevuma-fm-nomphathi-wemicimbi/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page