INingizimu Afrika iya kwiWEF ishayela phezulu

ITHIMBA elizomela iNingizimu Afrika kwiWorld Economic Forum (iWEF) lithi kuningi okuhle elizokwazi ukukhangisa izwe ngakho kubatshalimali eDavos, eSwitzerland, ngesonto elizayo. Nokho livumile ukuthi ziseningi izinselelo ezidinga ukulungiswa ezweni.

Wunyaka wokuthi iNingizimu Afrika ikhombise amangwevu emhlabeni, kuloba uBusi Mavuso

LONA wunyaka onezinto eziningi esizibhekile emhlabeni kodwa engikholwa wukuthi uzoba muhle eNingizimu Afrika. Sinethuba lokwakhela phezu kwezinguquko ezenziwe eminyakeni embalwa edlule.

Ayisukunyelwe eyefemu yokusansimbi – ungqongqoshe 

SEKUNXUSWE uNgqongqoshe wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau ukuthi aphinde axoxisane ne-Arcelor Mittal South Africa ukugwema ukuvalwa kwamafemu ayo amabili ezweni, nokuzosho ukuthi abantu abawu-3 500 bazophelelwa ngumsebenzi.

Kuningi okufanele kusijabulise njengoba sizohlaba ikhefu, kuloba uBusi Mavuso

IMIZAMO emandla yosomabhizinisi nohulumeni yokusebenzisana isiqala ukuthela izithelo. Kubukeka sengathi unyaka sizowuphetha sekuphele amakota amathathu ugesi ungakaze ucinywe. 

Uhulumeni kungenzeka uzigwaze ngowawo ngokunciphisa izisebenzi aziqashile, kuloba uJabulani Sikhakhane

UHLELO lukahulumeni waseNingizimu Afrika lokwehlisa isibalo sezisebenzi lungase ludale izinkinga ezingaphezulu kwalezi ozama ukuzixazulula. UmNyango weziMali umemezele ngenyanga edlule ukuthi uhulumeni usubeke isamba esiwuR11 billion sokuheha izisebenzi eziwu-30 000 ukuthi ziyeke umsebenzi.

Kufanele siqhubeke nokulungisa izinto ezikhinyabeza ukusimama komnotho, kuloba uBusi Mavuso

IZINTO ezinhle eziqhamuka noHulumeni woBumbano ziyaqhubeka. Ngesonto elidlule kushicilelwe imithetho emisha osekuzosetshenzelwa phezu kwayo ukukhipha ama-visa abasebenzi abanamakhono adingekayo nokulungisa enye yezinto ebeziyingqinamba enkulu emabhizinisini.

Kuhle ukuthi uHulumeni woBumbano awandile ngomlomo okwesiqabetho, kuloba uBusi Mavuso

ABANTU baseNingizimu Afrika bayazi ukuthi kwenzeka izinto ezinhle uma sisebenzisana, ikakhulukazi amabhizinisi nohulumeni. I-Business Leadership South Africa (iBLSA) ikukhonze kabi ukubambisana nohulumeni noma ngabe nini uma sikwazi ukusebenzisa amakhono ethu ukuphucula indawo esisebenzela kuyo, sikhulise umnotho futhi sidale imisebenzi.

Izinsuku eziwu-100 zikaHulumeni woBumbano zikhomba ukubambisana okuhle namabhizinisi, kuloba uBusi Mavuso 

NGESONTO elidlule, uHulumeni woBumbano uhlanganise izinsuku eziwu-100. Umbiko wawo unokuningi okuhle. Uhulumeni omusha usuzuze izinto eziningi ezinhle futhi usize ukuthi kubenethemba lokuthi sizokwazi ukuguqula umnotho ngendlela efanele. 

Uhulumeni uzoqinisa isandla ukunciphisa isikweletu nokuvikela umnotho 

UHULUMENI waseNingizimu Afrika uqaphe ngeso lokhozi izingxoxo zemiholo zangonyaka wezimali u-2025/26 ukuqinisekisa ukuthi okuzovunyelwana ngako ngeke kuhlehlisele izwe emuva njengoba uzibophezele ukunciphisa isikweletu nokusimamisa umnotho.

Akusebenzeki uma bengajezi abantu ngokukhwabanisa nenkohlakalo, kuloba uBusi Mavuso

ABANTU bamabhizinisi bazibophezele ekusebenzeni komthetho. Loku kubalulekile ukuze indawo amabhizinisi asebenzela kuyona yeseke ukukhula komnotho.

Abantu baseNingizimu Afrika badinga uhulumeni ozozibophezela ukusebenza, kuloba uBusi Mavuso

KUFANELE sihlanganise uhulumeni wobumbano futhi siqhubeke sisebenze. Kuyaphuthuma ukuthi izinhlangano zihlanganise isivumelwano esizokwenza abantu baseNingizimu Afrika babenethemba lesisekelo sikahulumeni osebenza kahle.

Kusinda kwehlela emnothweni waseNingizimu Afrika ukhula kancane, kuloba uJabulani Sikhakhane 

UMNOTHO waseNingizimu Afrika usubuyele emgudwini wawo ojwayelekile lapho ukhula khona ngezinga elingaphansi kwephesenti.  Loku kubikezela ukuqhubeka kwesimo esinzima ezweni sokushoda kwemisebenzi nokumpitsheka kukahulumeni ngenxa yokungakwazi ukuqoqa imali yentela elingene izidingo … Read More

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page