UMnu uMorero Moloi, umsunguli weMcMore International yaseSoweto, eGoli, eGauteng, ebhaka ama-muffin ekhethelo. Izithombe: Zithunyelwe

Indoda yama-muffin ihlose ukwaziwa emhlabeni wonke

WUNOXOLO MAJAVU

UMNIKAZi wenkampani ebhaka ama-muffin ubheke ukukhulisa ibhizinisi lakhe laziwe umhlaba wonke, aqhubeke lapho agcine khona njengoba esengeze izitolo zalo eziwu-22, waqasha izisebenzi ezintsha eziwu-49. UMnu uMorero Moloi, odume ngelika-Muffin Man nowumnikazi weMcMore International, uhlola imakethe ukukhulisa ibhizinisi. 

Loko kwenzeke emva kokucijwa izinyanga eziwu-18 yiTholana Enterprise Programme yeSouth African Breweries Foundation (iSABF), onhloso yayo wukuhlomisa osomabhinizisi bayo yonke imikhakha yamabhizinisi ukwakha amabhizinisi achumayo. 

“Sisezinhlelweni zokwaziwa emhlabeni jikelele. Eminyakeni emibili edlule sihambele amazwe ehlukene iMelika, iNetherlands neGhana. Asiyanga kuwona wonke siqu kodwa sibheke amathuba akhona. Kulawo esikwazile ukuya kuwona, njengeMelika, sixoxa nohulumeni neminyango yawo nabanikazi bezinhlangano ezingenzi nzuzo eziwulekelela ukusungula imboni,” kusho yena.  

UMoloi wakhuthazwa ukungena kwezamabhizinisi ngenxa kagogo wakhe ongasekho, owayedayisa emgwaqweni. Wambonisa ukuthi angena kuleli bhizinisi ukukhulisa ibhizinisi lokudayisa emgwaqweni ngokulenza izitolo. 

Okunye okwamkhuthaza wukufunda izincwadi zomvangeli waseBahamas osashona uDkt uMyles Munroe ukufeza isifiso sakhe esidala. “Ngikhulele emigwaqweni yaseSoweto. Bengiwumuntu onogazi, othandekayo nonezifiso ezinkulu ngempilo.”

“Ngithanda ukudla, ikakhulu okubhakiwe futhi ngiwubaba omuhle obusiswe ngezingane ezinhle. Ngipheka kahle kodwa ongapheki izinto eziningi. Ngisafunda nganginenkinga ye-dyslexia ne-ADHD, okwaholela ekutheni ngiyeke phakathi enyuvesi. Ngangihlale nginesifiso sokwenza iziqu i-LLB, nokho asifezekanga leso sifiso sami,” kusho uMoloi.

I-McMore International idayisela enye yezinkampani ezingabanikazi bezibhedlela ezinkulu ezizimele nezinye izitolo ezithile zeSuper Spar. 

I-McMore International yasungulelwa ukubayinkampani eyenza ukudla, igxile ekwenzeni ama-muffin ekhethelo. “Esinye sezifiso zethu ukubayinkampani evelele evumela abantu ukuthi babenezitolo zabo ezizimele. Lo mkhakha wezitolo zandawonye kodwa ezinabanikazi abehlukene wumkhakha obenoshintsho oluncane ngokungangeki kubantu ababencishwe amathuba,” kusho yena.

Ama-muffin ekhethelo enziwa yiMcMore International

UMorero uthi wayenombono wokusungula ibhizinisi elizosiza laba osomabhizinisi ngokubhaka, ukupakisha, ukukhangisa nokuthola amakhasimende bese bona besalelwa wumsebenzi wokudayisa kuphela. 

Enye yezinselelo abhekene nayo ngokudayisela abantu baphesheya yizindleko ezibizayo zokukhiqiza, imithetho yokuholela abantu, ukuhambisana nesimo sendawo nokwenza ibhizinisi lihambisane namakhasimende asekhaya njengoba esabalele ezindaweni ezihlukene. 

Ngemva kokucijwa kwiTholana Enterprise Programme, imali ayenza ngonyaka yanyuka isuka kuR150 000 yabawuR1.4 million

“Impilo yami yashintsha kakhulu ngisanda kungena ohlelweni, okwangiphazamisa. Ngaphelelwa wuthando lokusebenza, ngaze ngacabanga ukuvala ibhizinisi. Nokho ngenxa yokwesekwa yithimba enganginalo wiSABF ngakwazi ukuqhubeka nebhizinisi nokulikhulisa. Ngaphezu kwalokho ngahlomula kakhulu kwabanye osomabhizinisi engahlangana nabo ohlelweni,” kusho uMoloi.

  • Facebook: McMore International 
  • Instagram: mcmoremuffins 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/06/11/ukubalekela-ukubhuquza-ekhaya-ngenkathi-esafuna-umsebenzi-kwamenza-wachitha-isizungu-ngokubhaka-umndeni-nabangani-bameluleka-ukuthi-aqale-ibhizinisi-lokubhaka-manje-lisimama-wena-owabona-inhlama-ikh/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page