UNkk uZanele Kamwendo, umsunguli weWord Christian Apparel & Gifts, eyenza izinto nezipho okunamavesi eBhayibheli. Izithombe: wuSlindile Khanyile

‘Ushumayela’ iZwi ngezimpahla nezipho 

WUTHOBILE ZWANE 

UNENKAMPANI yezimpahla zokugqoka futhi eyenza eminye imikhiqizo engaba yizipho enamavesi ebhayibheli. Emva kwenyanga eyisungulile inkampani, wathola ithuba lokukhangisa emcimbini wengqephu.  

UNkk Zanele Kamwendo weWord Christian Apparel & Gifts wayisungula ngoJulayi wango-2022. Ngo-Agasti kuwo lowo nyaka, wakhangisa kwi-Fashions of Love Exhibition.

Uthi ingqephu yathakaselwa kakhulu yize ngaleso sikhathi wayesadayisa ezinkundleni zokuxhumana kuphela. Usezinhlelweni zokwethula izitolo ezinxanxatheleni zezitolo ezintathu maduze. 

“Ngiwumuntu wesifazane okholwayo othandayo ingqephu nezimpahla zesimanje. Ngihlangabezane nezingubo ezinhle ngokwemibhalo nezithombe ngingakuqondi noma loko akuzange kudumise uNkulunkulu noma kungigqugquzele noma oseduze kwami. Ngaqala ngabheka izingubo zesonto ngoba nganginalo ulwazi lokuthi zizovuselela umyalezo kimina.

“Engakuthola kwaba yizingubo ezingekho ezingeni kodwa zinomyalezo ozwakalayo noma zaziphithizela, kukuningi nje ngingazi noma imibhalo noma kuyini okungahlangani. Yilapho ngabona khona ukuthi kunegebe uma kuya ezingutsheni ezisezingeni eliphezulu, elifuna iso lokwazi ingqephu noma ukugqokile uzizwe kahle ngakho ukuthi ungaya ngakho ezitolo noma emihlanganweni yebhodi,” kusho yena.

Uthi inhloso yakhe kwakuwukwenza izingubo, ubucwebe nezinto zasendlini  okusezingeni eliphezulu okuqukethe izwi likaNkulunkulu, yingakho waliqamba wathi Word.

Ezinye zezimpahla zeWord Christian Apparel & Gifts

“Inhloso isami njalo njengoba sisaqhubeka siqhamuka nokuningi okuhle nokwehlukile sikhulisa ibhizinisi sifinyelele ezindaweni zonke. Ngisenombono wokuba nesitolo sami enxanxatheleni yezitolo ezweni lonke,” kusho uNkk uKamwendo.

Uthe amakepisi namaduku yikona okunedumela. Uthi ezimpahleni zasendlini yizitsha zokuphuza ezithandwayo, athi kuhle ukuqala usuku ngazo ukuze ukhuthazeke uma uloku uthi qhabu isiphuzo sakho sasekuseni ngaphambi kokuqhubeka nomsebenzi wosuku.

Izinto zokuphuza ezinamavesi zeWord Christian Apparel & Gifts

Uthe imikhiqizo yabo iphinde isabalise ukholo , ithemba ,uthando , imicabango emihle, nokugqugquzelana nokuxhumana ngeZwi lika Nkulunkulu.

Uthe babhala imiyalezo ngendlela umuntu asuke ecele ngayo futhi bakwazi nokubhekana nezicelo eziningi zabantu kungaba abenhlangano noma abantu abayiqembu.

“Noma wubani othenga imikhiqizo yethu uyazi ukubaluleka kwemikhiqizo yethu futhi nendlela esibaphatha kahle ngayo abathengi bethu,” kusho uNkk uKamwendo.

Uthi kukhona umthengi owafika ekuseni wathenga isikibha sabo esibhaliwe ukuthi Faith, esithengwe ubuthaphuthaphu kwi-House & Garden Show.

“Ngakusasa  wafika futhi etafuleni lethu, wafika ekhala izinyembezi esitshela ngendlela  isikibha seWord esibe nomphumela omuhle ngayo ebhizinisini lakhe nosuku nje lwakhe. Uthi endaweni yakhe lapho enebhizinisi lapho izinto bezingamhambeli  kahle. Ingxoxo yaqhubeka lapho khona sasesikhuleka. Ngalelo langa wadayisa konke ayekudayisa,” kusho yena.

Phakathi kwezinselelo aseke wabhekana nazo wukuthola izinsizakusebenza nokuthola abantu abaqeqeshiwe.

Uthi into enkulu kuyena ebhizinisini wukwenza umehluko empilweni yabantu, abaphakamise, avule amathuba omsebenzi futhi abacije ngamakhono.

“Ukuba nempahla nje eyodwa yeWord noma ukusebenzisa imikhiqizo yeWord ufana nomuntu omema uNkulunkulu kuwe nasebantwini ophila nabo. Ngokumupha wandisa izwi likaNkulunkulu futhi utshala uthando, nokuyilo elinguNkulunkulu neZwi lakhe. Uma uliphatha kahle iZwi  likaNkulunkulu, naye uyokuphathela kahle amabhizinisi akho,” kusho uNkk uKamwendo.

Uthe bazikhangisa ngokuya emicimbini nezimakethe.

  • Facebook: Zanele Kamwendo
  • Instagram: zanele.kamwendo
  • Instagram: wordchristianapparel

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/11/23/uphendule-uthando-lomlando-wamagama-abanti-nezibongo-lwaba-yibhizinisi-elivuthayo-uxoxe-nosimangaliso-ntshangase/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page