Bashoda kakhulu abahloli emNyangweni wezemiSebenzi ukuze kufinyelelwe kuzo zonke izinkampani. Isithombe: Sithunyelwe

Akukaqashwa noyedwa kubahloli abawu-10 000 abathenjiswa wuhulumeni – izinyunyana

WUBONISWA MOHALE

UMFELANDAWONYE wezinyunyana iSouth African Federation of Trade Unions (iSaftu) isigxeke ukonga imali kukahulumeni njengoba ithi akukaqashwa ngisho noyedwa umhloli kwabawu-10 000 ababethenjiswe wumNyango wemiSebenzi.

Unobhala-jikelele weSaftu uMnu uZwelinzima Vavi uthe umengameli uMnu uCyril Ramaphosa wathembisa ukuthi kuzoqashwa abahloli abawu-10 000 abazoya ezinkampanini ezihlukene ukuqinisekisa ukuthi zilandela imithetho yakuleli. Kuze kubemanje uVavi uthi akekho noyedwa oseqashiwe.

“Kuyishwa ukuthi ngoFebhuwari uRamaphosa wadlala ngezisebenzi ezithembisa ukuthi kuzoqashwa abahloli abawu-10 000 ukuqinisekisa ukuthi izisebenzi zivikelekile, izinkampani aziqashi abantu bokufika abangenagunya lokubasezweni. Namanje akekho oseqashiwe kulabo bahloli,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/04/uyanyuka-umholo-wangehora-omncane-osemthethweni/

Ungqongqoshe womNyango wezemiSebenzi uNkk uNomakhosazana Meth ngesonto elidlule echazela amalungu ePhalamende ukuthi kungani bengaqashiwe abahloli, uthe basaxoxa nomGcinimafa ukuthi abanike imali yokuqasha abahloli abazosebenza ngokugcwele abawu-10 000. Amalulngu ePhalamende acele ukuthi kubenohlelo olucacile lokuthi imali izovela kuphi nokuthi bazoqashwa nini laba bahloli.

“URamaphosa nohulumeni awuphethe abazimisele ukuxazulula izinkinga zabantu bezwe. Uthi ayikho imali bese kuma izinhlelo zokuqasha abahloli. EmNyangweni wezaseKhaya kunezikhala zezisebenzi eziwu-19 000 kodwa ziwu-7 000 ezikhona. Emingceleni kudingeka izisebenzi eziziwu-11 115 kodwa kukhona eziwu-2 566. Kulo nyaka iSabelomali sizovumela ukuthi kuqasheke izisebenzi eziwu-738 kuphela,” kusho uVavi.

Uthe ezikoleni kunezikhala zothisha eziwu-17 450, emaphoyiseni kunezikhala eziwu-310 000. Uthe loku kwandisa umthwalo wezisebenzi ezikhona futhi kuphazamisa ukuhlinzeka usizo kubantu ngoba kusho ukulinda isikhathi eside emNyangweni wezaseKhaya, kusho ukuthi uthisha ufundisa izingane eziningi eyedwa kanti namaphoyisa ambalwa kufanele alwe nezigebengu ezihlomile.

UVavi uthi ukungabibikho kwabahloli abanele emNyangweni wezabaSebenzi kwenza kubelula ukuthi izinkampani ziqashe abantu abasezweni ngokungemthetho nokuthi zixhaphaze izisebenzi.

Ucele uhulumeni ukuthi uyeke ukonga imali ngendlela eyenzela phansi abantu baseNingizimu Afrika futhi ugcwalise izikhala zomsebenzi eziseminyangweni ehlukene.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page