Umbiko weKhomishini yokuNcintisana uletha ithemba emaziko ezindaba

IMBONI yezinkampani zezindaba, ezinjengoMbele, izuze lukhulu kuleli sonto emva kokushicilelwa kombiko okhishwe yiKhomishini yokuNcintisana ebiphenya ukuthi izinkampani zobuchwepheshe zibenamuphi umphumela emsebenzini wazo.

Usizo lwemali yokuguquguquka kwesimo sezulu ibeluseqhulwini kwiG20 

YIZE amazwe akade ehlangene ezingxoxweni zeG20 kuleli sonto eNtshonalanga Kapa engavumelananga ezintweni ezithile kodwa azibophezele ukusebenzisana ukufukula umnotho nokulungisa izinkinga ezifanayo emhlabeni jikelele.

Umlimi osemncane ufisa ukulima ku‘dlise’ entsheni

INTOKAZI yaseNgonyameni, ngaseMlaza, eningizimu yaseThekwini, KwaZulu-Natali, yabona ukuthi emphakathini ehlala kuwona imisebenzi iyindlala futhi abantu baswela ukudla nsuku zonke. Yalibona kanjalo ithuba lokwenza umehluko ngokulimela umphakathi amaveji.

I-JSE ihleli noR4.5 billion wamavenge abatshala imali

I-JOHANNESBURG Stock Exchange (iJSE) isithule uhlelo lwe-Claim It ukusiza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bathole imali yabo abangayilandile etholwa ngabantu abatshale imali kumasheya. Ithe kunoR4.5 billion okufanele ubuyele kubantu ohlezi esikhwameni sayo.

Ucwaningo olunzulu luyisisekelo sokuchopha amateku

NGESIKHATHI insizwa yaseMbumbulu, eningizimu yaseThekwini, KwaZulu-Natali, ithola ukuthi ngeke ikwazi ukuqhuba izifundo ngemva kokuphothula uMatikuletsheni, yayingaphelelwa yithemba noma ibhuquze ekhaya kodwa yasungula ibhizinisi lokuhlanza amateku elishintshe impilo yayo.

Asingadididiswa wumsindo nge-VAT, indaba inosopolitiki

UKUHLEHLISA ukuthula iSabelomali kuleli sonto kwenzeke ngoba ngaso sonke isikhathi osopolitiki abanandaba namuntu ngaphandle kwezinhloso zabo. Noma bangadweshulana manje, bampongoloze bonke, bajahe ukutshengisa ukuthi babakhathalele kangakanani abantu baseNingizimu Afrika kodwa iqiniso wukuthi bayafana bonke.

Ngemva kwesikhundla sikamengameli asikho esibaluleke ukudlula esikangqongqoshe weziMali, kuloba uJabulani Sikhakhane

UKUHLELA iSabelomali sezwe nokusethula ePhalamende kuvame ukuthathwa njengento eqondene kakhulu nezomnotho nomsebenzi wezimakethe.

I-two-pot retirement isize uhulumeni waphefumula

UKWETHULA i-two-pot retirement system kusize uhulumeni waqoqa intela engconywana kunobuyilindele. Yize imali ozoyingenisa ekupheleni konyaka wezimali wango-2024/25 ingaphansi ngoR19.3 billion kodwa kungcono kunokwakulinganisiwe ngesikhathi kwethulwa iSabelomali saphakathi nonyaka wezimali ngo-Okthoba ngonyaka odlule.

Akungahlehliselwa emuva umsebenzi osuwenziwe wokuthenjwa ngabatshalimali – isikhulu seBLSA 

UKUHLULEKA kukahulumeni wobumbano ukuxazulula ukungaboni ngaso linye ngeSabelomali kuyadumaza futhi akuyona into enhle emabhizinisini. Kokunye kutshengisa ukuthi izinhlangano ezibumbe lo hulumeni ziyakwazi ukuyimela into nokuthi uHulumeni woBumbano ngeke uvele nje uvume yonke into njengokujwayelekile.

Izinto azihlehliswanga ngenxa yombango nge-VAT – uGodongwana

UKWETHULA iSabelomali akuhlehliswanga ngoba kubangwa ukuthi kufanele yini intela ekhokhwa ngezimpahla, phecelezi i-value-added tax (iVAT) inyuswe yini ngo-2%, kodwa kubengenxa yengcindezi uhulumeni obhekene nayo ngenxa yezinto okufanele uzikhokhele ukuthi zizokhokhelwa kanjani.

 ISabelomali kufanele sibeke eqhulwini ukukhulisa umnotho, kuloba uBusi Mavuso

ISABELOMALi kuleli sonto ngenye yezinto ezibalulekile emizamweni yethu yokuthi kuphele unyaka umnotho usukhule ngo-3%. Uhulumeni kufanele uqikelele ukuthi awenzi izinto ezingaphezu kwamandla awo, ugxile ekusebenziseni imali ukukhulisa umnotho nokuyitshala.

Okwenzeka emalini yempesheni yomuntu uma edlula emhlabeni

SEKUKANINGI kubanombango wemali yempesheni namafa uma kufa umuntu obebeka imali yempesheni. Kwesinye isikhathi uthola umndeni ulwisa obhaliwe ukuthi imali iye kuye. Kuyenzeka kwesinye isikhathi ababheke izikhwama zempesheni basolwe ngokungenzi kahle uma bengabacazelanga imali bonke akade bondliwa wumufi.

Abaholi abasukume, banganqeni ukugxekwa ngabanezinye izinhloso – Kganyago

ABAHOLI yibona okufanele bahambe phambili ekuxazululeni umonakalo ezinhlakeni abaziholayo, kungapheleli kuphela ekutheni kukhona abantu abazogxeka futhi kungathenjelwa kuphela ezinhlanganweni zomphakathi ezingenzi inzuzo ukuthi zizwakalise ilaka lazo.

Emva kweNkulumo eBhekiswe eSizweni enhle, amehlo asethe njo kwiSabelomali, kuloba uBusi Mavuso

INKULUMO eBhekiswe esiZweni ibinayo yonke imininingwane ngezinto ezizokwenzeka, hhayi nje izethembiso. Iqhakambise inqubekelaphambili esibekhona ekuguquleni imboni kagesi nokushintsha kwezinto embonini yokuthutha izimpahla nezinhlaka zobulungisa.

Ubewusosayensi ofuna izisombululo ezintsha nonentshisekelo yokufukula abantu besifazane

UNKSZ uSenamile Masango, obesanda kuqokwa wumengameli uMnu uCyril Ramaphosa ukuthi abeyilungu leHuman Resource Development Council, akasekho emhlabeni. Ubeneminyaka ewu-37.

Uhulumeni awenze, unciphise ingevu – izingqapheli

UMENGAMELI uMnu uCyril Ramaphosa uthi ufuna umnotho wezwe ukhule ngo-3% ngonyaka futhi kuthuthukiswe ingqalasizinda kuphele nobubha. Ukufeza loku ubeke uR940 billion ukuze kulungiswe futhi kwakhiwe ingqalasizinda, okubalwa kuyona imigwaqo, amadamu, ubuchwepheshe nokunye okuzosiza ukusimamisa umnotho nenhlalakahle yabantu baseNingizimu Afrika.

Uhulumeni uyakubona ukubaluleka kweqhaza lomasipala ezimbonini zikagesi namanzi – iBLSA

UMENGAMELI uMnu uCyril Ramaphosa ukwenzile okufanele ngokugqugquzela ukuthula izinguquko ikakhulu eziyisigaba sesibili se-Operation Vulindlela ngokugxila ezinguqukweni ezithinta amanzi nokulungisa okungahambi kahle komasipala.  

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page