I-Suzuki Jimny wumncanyana okunika konke okuthola kwizingadlangadla, kuhlaziya uSlindile Khanyile
NGIWUMSHAYELI omdala wezimoto zamaJaphani. Ekhaya ngikhule kukhona amaToyota, ukushayela ngakufunda ngeToyota Tazz kanti imoto yami yokuqala kwakuyi-starter pack seToyota.
Noma sengizifela ngezimoto zamaJalimane, imoto yamaJaphani esengike ngayithakasela yingadlangadla yiMitsubishi Pajero 3 litre V6 yango-2002. Lesi silwane esinamandla awu-140kW ngo-5 000 rpm ne-torque ewu303Nm ngo-3 500 rpm, sasiphendula amehlo nxa zonke; ngisho nawabashayeli bezimoto zamaJalimane imbala!
Ngezilokotho ze-iMoto Online, kusukela ngesonto elidlule kuzekubeyileli bengishaya ngeSuzuki Jimny. Bekuwumshini ozishintshayo noqwala izintaba, lo onezicabha ezinhlanu. Kukhona nenezicabha ezintathu.
Into yokuqala engikhangile wukuthi inezicabha ezinhlanu. Kuhlale kumnandi uma abantu abahlala ngaphambili bengenajoka lokugobisa izihlalo uma kungena abagibeli ngemuva.
Okwesibili okungithathile yisakhiwo sayo sebhokisi elimangelengele. Nakuba iyitonqo yona kodwa iphakeme. Uma uphakathi unomuzwa wokuthi usesicongweni uhamba ngengadlangadla. Kufanele: iyi-4×4 egabe ngamasondo awu-15 inch.
Hhayi ke ingaphakathi lo mncanyana oyingadlangadla lingigeze igilo. Ishaya ngobuchwepheshe bezimoto zesimanje. Wena 9-inch touchscreen control , ephenduka i-rearview camera uma uhlehla, wena zinkinobho zokulawula izibuko, izinga lomsindo. Angipholisanga maseko ngaxhuma ucingo lwami nge-Bluetooth ku“Mncanyana” ngangena indlela. Inezinkinobho nakwisteringi.

I-9-inch touchscreen control panel yeJimny ishaya ngobuchwepheshe besimanje obenza impilo ibelula
Lo mshini onenjini ewu-1.5 litre umnandi uyashelela emgwaqweni. Nokho ufeleba udumisa okwemoto eklinywe yigiya lomshayeli oyivukana futhi sengathi iwindi alivalekile ngci ezindaweni ezivulekile. Ayiwubhubhudli uphethroli. Ngiqede isonto golokoqo ngethangi ngihamba ngayo zonke izinsuku.
Kuloku bengijikajika edolobheni. Angilitholanga ithuba lokuyiqwalisa izintaba ngize umlingo wegiya elincane lika-high no-low range wasondo amane namabili okubambelela kwayo ezindaweni ezimagebhugebhu. Nokho uma ngibuka igama lamaJaphani neleSuzuki, angingabazi ukuthi iyaziphuzela emawolokohlweni.
Yitonqo ngempela, ngakho uma ufuna indawo eningi ebhuthini, khohlwa! Hhayi bo, nakuba ibhuthi kafeleba ingekho kodwa unanendawo yokubeka i-tow bar ekhishwayo ibuye ifakwe. Okunye okungishaye ngaphakathi ngebhuthi yindlela evuleka ngayo. Ine-hydraulic strut elawula ukuvuleka kwesicabha sizihambele size sifike ekugcineni, okuwusizo uma uthwele izimpahla.
Uma ngingasho into eyodwa ngeJimny, ngingathi ukuhamba ngale nsimbi yamaJalimane kufane nokubuyela ekhaya ezimotweni zamaJaphani engikhule ngazo, nokho okunomuzwa wobuchwepheshe besimanje.
Isu lokonga lesonto:
Qikelela ukuthi amasondo womane anomoya ofanele nolinganayo njalo. Khumbula: imoto enamasondo anomoya ongalingani idla uphethroli, uphethroli udla ephaketheni.


