Umbiko oshicilelwe wumNyango weziMali oholwa wuMnu u-Enoch Godongwana uveza ukuthi kuhlehlele emuva ukukhokhelwa ngesikhathi kwamabhizinisi wuhulumeni. Isithombe: Sithunyelwe

Izifundazwe zenzela phansi osomabhizinisi ngenkokhelo – umNyango weziMali 

WUSLINDILE KHANYILE 

IHLEHLELE emuva indlela uhulumeni akhokhela ngayo amabhizinisi ngonyaka wezimali wango-2023/24, ikakhulukazi eminyangweni yezifundazwe njengoba kunoR10.6 billion okuze kwaphela lo nyaka wezimali ungakhokhiwe.

Ngokombiko oshicilelwe wumNyango weziMali ezweni lonke kuleli sonto nobheka ukuthi uhlonishwa kangakanani umyalelo wokukhokhela izinkampani zingakapheli izinsuku eziwu-30, iminyango yezifundazwe ihlehlele emuva ngo-53% uma kukhulunywa ngemali okuphele izinsuku eziwu-30 ingakhokhiwe futhi kwaze kwavalwa nonyaka wezimali.  

“Esewonke ama-invoice okuphele izinsuku ezingu-30 engakhokhiwe yiminyango yezifundazwe ekupheleni kwango-2023/24 awu-113 481, okusho ukuhlehlela emuva ngawu-39 507 noma u-53% uma kuqhathaniswa nasekupheleni kwango-2022/23 lapho ayewu-73 974,” kusho umNyango weziMali.

Ngokwalo mbiko, iminyango yezifundazwe iqondene no-70% wama-invoice akhokhwa emva kwezinsuku eziwu-30 (wu-30% emnyangweni wezwe lonke) no-90% (wu-1% eminyangweni yezwe) walawo amadala kunezinsuku eziwu-30 futhi okuze kuphele unyaka wezimali engakhokhiwe.

Uma kubhekwa imali ekhokhwe emva kwezinsuku eziwu-30 kodwa ngawo unyaka wezimali wango-2023/24, lokhu kuhlehle ngo-9% njengoba kube ngama-invoice awu-253 151 ekubeni ngo-2022/23 ayewu-231 780 kanti ayenza u-R29.3bn. 

Izifundazwe ezine ezihamba phambili ngokungakhokhi ngesikhathi yiMpumalanga Kapa ngoR4.5bn, ilandelwe yiGauteng ngoR2.8bn, iKwaZulu-Natali ngoR904.9 million neNorth West ngoR784.4m.  

Iminyango ezweni lonke iphucule ukukhokha imali eyayisale ngonyaka wezimali wango-2022/23 ngoR13m. UmNyango weziMali ezweni lonke ugada ngeso lokhozi ukuthi osomabhizinisi bayakhokhelwa yini ngesikhathi kusukela kwashaywa umthetho wokuthi kufanele bakhokhelwe zingakapheli izinsuku eziwu-30. 

Iminyango ehlukene kufanele ithumele imibiko ngaloku zinyanga zonke kanti ngokwalo mbiko, yonke iminyango kahulumeni ikwenzile lokhu ngaphandle kowemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda ongathumelanga umbiko ngo-Ephreli wango-2023 nowokuQasha nemiSebenzi ongawulethanga ngoMashi kulo nyaka. Iwu-98% iminyango ewulethayo imibiko kanti wu-87% ewuthumela ngesikhathi.

“Ukuphuza ukukhokha noma ukungakhokheli izinkampani ngesikhathi kunomphumela omubi okuthinta izinselelo zenhlalakahle njengezinga eliphezulu lokuntula imisebenzi, ukungalingani, ububha, isimo sezimali zezinkampani eziphoqeleka ukuthi ziboleke ukuqhuba umsebenzi nokuthi zikwazi ukuholela izisebenzi ngesikhathi njengokwezivumelwano. Ukukhokhela izinkampani ngesikhathi kubalulekile ukuphucula indlela umnotho okhula ngayo, ukunciphisa ububha, ukungalingani nokushoda kwemisebenzi,” kusho umNyango weziMali.

Lo mbiko ubalule izizathu eziyisikhombisa njengembangela yokungakhokheli izinkampani ngesikhathi. Kuzona kubalwe ama-invoice angabekwa kahle noma alahlekayo, ukushoda kwemali, ukushoda kwabantu eminyangweni, izinkinga ezithinta ubuchwepheshe, ukushintsha kwezinto ezithinta indlela amabhuku enziwa ngayo, ukungaxazululi izinto ezisuke zisolisa ngama-invoice nokungapheleleli kwezinto ezidingekayo ukuze kukhokhwe. 

Zizonke izikhalo lo mnyango ozitholile ngo-2023/24 ziwu-245 kanti bezithinta ama-invoice ahlanganisa uR198m. Eziwu-127 zemali ewuR103m bezithinta izifundazwe kanti zonke zidluliswe eminyangweni yezimali ezifundazweni. 

Kweziwu-118 eziphenywe wumNyango wezeziMali ezweni lonke, eziwu-54 zixazululiwe kanti bezihlanganisa uR58m.

UmNyango weziMali ukhuthaza izinkampani ukuthi zingenqeni ukubika kuwona uma zingakhokheliwe ngesikhathi ukuze ungenelele kanti zingakwenza loku ngokuthumela i-email ku: 30daysqueries@treasury.gov.za eqondene nokulandelela lezi zikhalo.

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/11/30/kunomehluko-endleleni-imali-kahulumeni-ephathwa-ngayo-kodwa-usemkhulu-umsebenzi-okufanele-wenziwe-uslindile-khanyile-uyabika/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page