Amabhizinisi aseKZN asebenzisa i-Africa’s Travel Indaba ukusabalala

AMABHIZINISI amancane asemkhakheni wezokuvakasha KwaZulu-Natali abeke amathemba awo embukisweni omkhulu wezokuvakasha i-Africa’s Travel Indaba (i-ATI)  yalo nyaka ukuze kuvuleke amathuba amasha okukhula nokwaziwa kakhulu.

Ibhungu laqala oKuhle ukubalekela ukujika nelanga

NGEMVA kokungalutholi usizo lwemali yokufunda esikhwameni esisiza izitshudeni ezikhungweni zemfundo ephakeme iNational Student Financial Aid Scheme (iNSFAS), insizwa eyayisanda kuphasa uMatikuletsheni ayizange ihlale ekhaya kodwa yafikelwa umbono wokuqala ibhizinisi lokhwakha amakhabethe abizwa ngama-pedestal.

Ucwaningo olunzulu luyisisekelo sokuchopha amateku

NGESIKHATHI insizwa yaseMbumbulu, eningizimu yaseThekwini, KwaZulu-Natali, ithola ukuthi ngeke ikwazi ukuqhuba izifundo ngemva kokuphothula uMatikuletsheni, yayingaphelelwa yithemba noma ibhuquze ekhaya kodwa yasungula ibhizinisi lokuhlanza amateku elishintshe impilo yayo.

Wenza impilo ibelula kwabanqena ukuwasha amateki 

UKUBONA izinkinga ezibhekene nabantu ngokuhlanza amateki abo kwenza insizwa yaseThekwini, KwaZulu-Natali, yasungula ibhizinisi elibathula umthwalo emahlombe. Babodwa abanqena ukuwasha amateki, abanye bavika ukuntshontshelwa amateki anekiwe.

Baphendule usizi lwayibhizinisi lezicathulo eziyinguganaboya

NGEMVA kokudabuka kwezinhliziyo ngoba beshonelwe yingane yabo, indoda nomkayo baseThekwini bathola indlela engajwayelekile yokuzilapha ngokusebenzisa isikhumba ukusungula ibhizinisi lezicathulo.

Ubuchwepheshe bokukhokha obusha obuzofukula amabhizinisi amancane

UBUCHWEPHESHE obusha bokukhokhela izimpahla obethulwe yiStandard Bank abugcini nje ngokusiza osomabhizinisi abancane babenendlela elula yokukhokhisa amakhasimende kodwa buhlose nokubasiza nangezinye izinto ezithinta ukuphatha ibhizinisi.

Kuzoliwa nemicikilisho kahulumeni ekhinyabeza amabhizinisi asafufusa

UHULUMENI usumemezele olunye uhlelo ohlose ngalo ukuphucula indawo okusebenzela kuyo osomabhizinisi abancane. Ngesikhathi wethula iSabelomali saphakathi nonyaka wezimali i-Medium-Term Budget Policy Statement (i-MTBPS), umNyango weziMali uthe kuzoqeqeshwa abantu komasipala.

ITheku lixhase amabhizinisi aselokishini ngezenzo ngeDBF

OSOMABHIZINI abasafufusa bahlonyiswe ngolwazi lokuthuthukisa amabhizinisi abo embukisweni iSouth Regional Durban Business Fair (iDBF) obuKwaMnyangu Shopping Centre eMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali, ophothulwe izolo.

Uletha ukudla kwasesilungwini elokishini ngendawo enesitayela

ULETHELA abantu izibiliboco zokudla kwesilungu wazifaka ntshi elokishini ngokuvula indawo yokudla ngaphandle kwedepho yamabhasi yaseMlaza, eningizimu yeTheku, KwaZulu-Natali.

Upholisa amakhanda abantu ngemigilingwane yomlingo

INSIZWA yaseMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali, yabona ikhono layo lokwenza umlingo ngesikhathi sokubheduka kwe-COVID-19 kanti isiziphilisa ngakho. Izichaze njengomuntu othanda ukusebenzisa ikhono layo ukuletha injabulo kwabayibukelayo.

Uletha ukudla kwasesilungwini elokishini

WAKHULA engakaze azibone ewumpheki njengoba wayefisa ukuba yi-civil drafter kodwa wathi ekhula waya ngokubuka kakhulu izinhlelo zokupheka kuthelevishini wathatheka kakhulu. Ngebhizinisi lakhe lokudla uzama ukulethela abantu baselokishini abaphuma baye “esilungwini” ukuyokudla.

Isikole samnika umqondo webhizinisi yekota enomkhuba

WAYENZA umsebenzi wesikole lapho kwakufanele baqhamuke nohlelo lwebhizinisi kanti kuzogcina kuzaleka ibhizinisi elimsizile ngemva kokudilizwa emsebenzini. Namuhla uNksz uNeliswa Mntungwa usewumnikazi weKota 2 Nice, indawo yokudla okusheshayo yaseMgungundlovu, KwaZulu-Natali.

Amabhizinisi asafufusa awu-23 ahlomule ngoR500 000

KUHLOMULE amabhizinisi awu-23 emcimbini wokuklomelisa amabhizinisi kaMasipala waseThekwini minyaka yonke iDurban Business Fair Excellence Awards ngoLwesihlanu.

Intokazi yezipanela igabe ngobunono ‘emsebenzini wamadoda’

UKUBONA abantu bewujabulela umsebenzi wakhe yikona okwamnika
umdlandla wokuqala ibhizinisi lokukhanda nokufaka amapayipi, i-plumbing.

Uphokophele ukubayisikhondlakhondla umsikingqephu wasemakhaya 

UNKSZ uKholiswa Seti ongenisayo kwezamabhizinisi nosanda kuhlonishwa ngendondo emcimbini wemiklomelo yamabhizinisi iSara Baartman District Women Entrepreneurs Awards kade abanezifiso ezinkulu.

Indoda yama-muffin ihlose ukwaziwa emhlabeni wonke

UMNIKAZi wenkampani ebhaka ama-muffin ubheke ukukhulisa ibhizinisi lakhe laziwe umhlaba wonke, aqhubeke lapho agcine khona njengoba esengeze izitolo zalo eziwu-22, waqasha izisebenzi ezintsha eziwu-49. UMnu uMorero Moloi, odume ngelika-Muffin Man nowumnikazi weMcMore International, uhlola imakethe ukukhulisa ibhizinisi.

Isonto lamvula amehlo ngezimpahla ezisheshayo

WAKHULA efisa ukuba wummeli. Yingakho enza izifundo zomthetho e-University of South Africa, aziphothula ngo-2018. Nokho kwashintsha konke eseqede ukufunda uNksz uWandipha Sotsaka langa limbe esesontweni mhla amalungu ebandla lakhe encoma isikhwama ayesiphethe.

Ibhange lamvula amehlo ngomhlaba nezindlu 

USEBENZE iminyaka engaphezu kwewu-15 kwelinye lamabhange amakhulu ezweni exhumana nabantu ababeka nababoleka imali yokuthenga umhlaba nemizi.

Owaqala ibhizinisi esesenyuvesi usephatha imali yakwamanye amazwe

KUTHIWA uboqaphela into oyifisayo ngoba kungenzeka ifezeke. Kunjalo nakwintokazi yasemishini, eyakhulela emajukujukwini asesigodini KwaZulu-Natali, manje elibangise phesheya kwezilwandle

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page