UMnu uSibusiso Mogale weSibusiso Mogales Production yaseMbombela, eMpumalanga. Izithombe: Zithunyelwe

Umlimi onokukhubazeka uncelisa amawele

WUTHOBILE ZWANE 

UKUPHILA ngokukhubazeka nokuba nengane kumgqugquzela ukuthi abewumlimi ohlonishwayo. UMnu uSbusiso Mogale weSibusiso Mogales Production (iSMP) etshala amaveji nekhiqiza amaqanda wayisungula ngo-2019. 

Lo mlimi waseMbombela, eMpumalanga, uthi ufisa ukubona inkampani ikhula nengane yakhe, ukuzalwa kwayo nako okwamkhuthaza ukuthi angene emabhizinisini.  

“Ngacabanga ukuthi kuwumbono omuhle. Njengoba ingane yami ikhula, nenkampani yami iyakhula,” kusho yena.  

Uthi uthando lokulima lwaqala ngenkathi ugogo wakhe etshalela umndeni wakhe kanti yena wayejwayele ukumlandela uma eya ensimini. Ugogo wakhe wayetshala kodwa wayengadayisi, yize babefika abanye bezothenga, okwakuba yimali abathenga ngayo isinkwa nezinye izidingo.

“Ngikhumbula ukuthi uma kufika izihlobo zivakashile zazihamba ziphethe izinto ezimnandi nezinhle ezifana nombila, ubhatata noma yini eyayisuke itshaliwe ngaleso sikhathi.

“Ugogo ngangimlandela ngelinye ilanga eyotshala umbila ngangisebenzisa izinzwane zami ukuhlwanyela imbewu enhlabathini, ngamcela ukuthi achelele leyo ndawo ngaphandle kokumtshela ukuthi ngobani. Ekugcineni noma yini engangisuke ngiyitshale ngezinzwane kwakukhula, sivune. Wonke umuntu wayekuthanda engangikutshalile,” kulanda uMogale.

Yize ekhubazekile kodwa uthi ukuzethemba nokukwazi ukuzenzela izinto eziningi kudalwe wukuthi seloku kwathi nhlo, umndeni wakhe wawumvumela ukudlala nezinye izingane, nokwenza wabona ukuthi angaba noma yini afisa ukubayiyo.

UMogale nezisebenzi zakhe behlola insimu 

Kumanje iSMP iqashe abantu abayisishiyagalombili abaqashwe ngokugcwele nabayitoho abawu-15. 

Nokho-ke uthi bukhona ubunzima ekuqhubeni ibhizinisi, ikakhulukazi uma ungenazo izinsizakusebenza kanti nokuqasha abantu kunengcindezi uma sekufanele ubakhokhele.

“Ngisebenzisa izinyawo zami ezintweni eziningi futhi nginezisebenzi ezingisizayo lapho ngingakwazi ukwenza, ngithumela zona.” 

Uthi ngelinye ilanga wabona abalimi babelungu bedla nemindeni yabo ezindaweni ezidayisa ukudla kwasekuseni bekhokha ngaphandle kokukhathazeka.“Ngabona lapho ukuthi likhona ibhizinisi ekutshaleni.”

Lo mlimi unamaphupho amakhulu ngenkampani yakhe iSMP. “Ngifisa ukuthi inkampani yami ikhule, ngiqashe izisebenzi eziningi ngokuphelele, ngisebenzise nobuchwepheshe besimanjemanje, nokunye,” kusho yena. 

Useqalile ukuthenga amathuluzi afana nama-Smart Box atshala kuwona. “Ngisebenzisa amabhokisi ekhethelo ukukhulisa izitshalo zami ukuthi zikhule ngokushesha, okunciphisa isikhathi sokutshala sibewuhhafu ,” kusho uMogale.

  •  Facebook: Sibusiso Mogale
  • Instagram:@mogale-able
  • X: @mogale_able

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/04/06/isimo-sakhe-sokuzalwa-imfundo-yakhe-isimo-sakhe-sempilo-konke-bekungenza-kube-lula-ukuthi-ahlale-phansi-dekle-atamuze-umbuso-noma-abheke-izindaba-zakhe-kodwa-umntanenkosi-usekhaleni-lokuthuthukisa/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page