Lizovalwa Ithala eseliphelelwe wushwele wesikhashana 

AZOVALWA ama-akhawunti acela ku-257 000 abantu abasebenzisa Ithala emva kokuthi uphiko lweBhange loMbuso elingamele ukusebenza kwamabhange iPrudential Authority selufake isicelo eNkantolo ePhakeme eMgungundlovu sokuvala ukusebenza kwaleli bhange elingaphansi kukahulumeni waKwaZulu-Natali.  

Kuntwela ezansi ngokuphuma kwezwe kwi-grey list

ININGIZIMU Afrika isikhathule indima enkulu ekulungiseni izinto ezabalulwa yiFinancial Action Task Force (iFATF) ngesikhathi iyifaka ohlwini lamazwe athathwa njengangenayo imithetho eqine ngokwanele ukugwema ukushushumbiswa kwemali nokwenza kubelula ukuxhasa abashokobezi, phecelezi i-grey listing.

Ukuba wumengameli womnyango wezimali akusikho ukusinisa amahleza ngokobudlelwano nabalingani bakho, kuloba uJabulani Sikhakhane

UNZIMA umsebenzi kangqongqoshe womNyango weziMali. Kuningi okuncike kuwo: inqubekelaphambili yezwe kwezomnotho, ukusimama kwesimo sezimali zikahulumeni, impumelelo kamengameli kwipolitiki.

Uhulumeni uzoqinisa isandla ukunciphisa isikweletu nokuvikela umnotho 

UHULUMENI waseNingizimu Afrika uqaphe ngeso lokhozi izingxoxo zemiholo zangonyaka wezimali u-2025/26 ukuqinisekisa ukuthi okuzovunyelwana ngako ngeke kuhlehlisele izwe emuva njengoba uzibophezele ukunciphisa isikweletu nokusimamisa umnotho.

Izifundazwe zenzela phansi osomabhizinisi ngenkokhelo – umNyango weziMali 

IHLEHLELE emuva indlela uhulumeni akhokhela ngayo amabhizinisi ngonyaka wezimali wango-2023/24, ikakhulukazi eminyangweni yezifundazwe njengoba kunoR10.6 billion okuze kwaphela lo nyaka wezimali ungakhokhiwe.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page