I-Public Investment Corporation ehlala ihlale ibenezinkinga esebenza ngayo. Izithombe: Zithunyelwe

I-PIC inomlando wezinkinga ngendlela ephethwe ngayo

WUBONISWA MOHALE

KUMAPEKETWANE enkampanini kahulumeni etshala imali iPublic Investment Corporation (iPIC) ngemva kokumiswa kwesikhulu sale nkampani kule nyanga.

Le nkampani kahulumeni eyengamele uR3,6 trillion yasungulwa wuhulumeni wobandlululo ngo-1911 ngenhloso yokuthi ilawule futhi itshale izimali zikahulumeni. Ngaleso sikhathi yayibizwa ngePublic Debt Commissioners.

Ngo-2005 yenziwa inkampani ngaphansi komthetho i-Public Investment Corporation Act wango-2004. Iphethwe wuhulumeni waseNingizimu Afrika futhi ibalwa phakathi kwezinkampani eziphumelelayo ngokutshala imali emhlabeni futhi ithathwa njengenkampani enkulu eyenza lo msebenzi e-Afrika.

Amakhasimende ayo amakhulu yisikhwama sempesheni yezisebenzi zikahulumeni iGovernment Employees Pension Fund (iGEPF), i-Unemployment Insurance Fund neCompensation Fund.

I-PIC isibenezikhulu eziphezulu ezihlukene, kubalwa uMnu uBrian Molefe owayeyiphethe ngo-2003 kwaze kwawu-2010. Ngaleso sikhathi uMolefe wayeyisishoshovu esifuna kubenoguquko lwangempela ezinkampanini uhulumeni atshala imali kuzona. Akazange afune ukuvuselela inkontileka yakhe njengoba wayesekheke kwezinye izindawo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/27/i-cosatu-ifuna-kuphuthume-ukuqoka-ibhodi-yepublic-investment-corporation/

Ngo-2014 iPIC yaqoka uDkt uDan Matjila ukuthi abeyisikhulu esiphezulu. Ngesikhathi ephethe iPIC yayisematheni ngokutshala imali ngaphandle kokulandela umthetho. Ngaphambi kokuba yisikhulu esiphezulu, uMatjila wayeyi-chief investment officer eqinisekisa ukuthi izimali zePIC zitshalwa ngendlela efanele.

Wasula kulesi sikhundla ngo-2018 ngemva kokuthi umengameli uCyril Ramaphosa eqoke ikhomishini yeJaji uLex Mpati ukuthi iphenye ngokutshala izimali ngokungalandeli imithetho ePIC.

UMpati ezingakasebenzi iziphakamiso zekhomishini yakhe ngebhodi yePIC

Ikhomishini kaMpati yathola ukuthi ngesikhathi sikaMatjila kunezimali zePIC ezingatshalekanga ngokulandela umthetho.

UMpati waphakamisa ukuthi kufanele umthetho uqine futhi iPIC yenze isiqiniseko sokuthi ilandela imithetho yokutshala imali ngaphambi kokutshala ezinkampanini ezihlukene.

Waphakamisa nokuthi iPIC kufanele iqoke umuntu ozimele oyisazi sokutshala izimali ozohlala ebhodini yayo. Loku akukaze kwenzeke nanamuhla njengoba umthetho olawula iPIC uthi usihlalo wayo kufanele kube wungqongqoshe oseqoqweni leminyango yomnotho kwikhabhinethi.

Ngemva kukaMatjila kwabamba uMnu uVuyani Hako, okwatholakala ukuthi kwakungena izimali ezingaqondakali kwisikweletu somuzi wakhe ezifinyelela kuR4,5 million. Wamiswa emsebenzini ngemva kokuthi ababika inkohlakalo ngokuzifihla bebike ukuthi uqasha ngokwenzelela futhi uthinteka enkohlakalweni. Wagcina ngokuhamba ngo-2020 futhi wagixatshezwa uR10,8m.

NgoMeyi wango-2020 ibhodi yePIC yamemeza uMnu u-Abel Sithole ukuthi abe yisikhulu esiphezulu sePIC, USithole owayeyi-principal executive officer kwiGovernment Employees Pension Fund.

USithole nguye owaqinisekisa ukuthi izincomo zeKhomishini kaMpati ziyenzeka. Isimo sabuyela kwesijwayelekile ePIC futhi wayishiya isinemali engaphezu kwangoR3trn eyifice inemali ewuR2trn. USithole wathatha umhlalaphansi ngo-2024 ngemva kokuphela kwenkontileka yakhe.

Kulandele isikhulu esiphezulu esikhona njengamanje uMnu uPatrick Dlamini oqale ngoMeyi wango-2025. Ukufika kwakhe kwathakaselwa njengoba wayesuka kwiDevelopment Bank of Southern Africa futhi enamava alo msebenzi.

Kule nyanga umisiwe emsebenzini ngemva kokuthi ababika inkohlakalo ngokuzifihla bemsole ngokungalandeli umthetho odabeni lokutshala imali e-Acapulco Trade and Investment 164.

UDlamini ulufake enkantolo udaba lokumiswa kwakhe, ekhala ngokuthi ubone isimemezelo kwabezindaba incwadi yokumumisa ingakafiki kuyena. Emaphepheni asenkantolo uDlamini ufuna ukubuyela emsebenzini njengoba ebona ukumiswa kwakhe kungekho semthethweni. Inkantolo isigodlile isinqumo sayo ngalolu daba.

UDlamini ophikisa ukumiswa kwakhe yiPIC ngokuya enkantolo

Emva kokumiswa kukaDlamini kusule amalungu ebhodi amabili, kwalandela usihlalo webhodi oyiphini likangqongqoshe womNyango weziMali uDkt uDavid Masondo, kwasula nabaqondisi abane. Loku kwenze ukuthi ibhodi ingasakwazi ukusebenza.  

Le nkampani yaboleka uR333 million kwiPIC ngo-2013 ukuze ikwazi ukuthenga amasheya awu-25% esikhumulweni iLanseria Airport esiseGauteng.

I-Acapulco, ephethwe wuMnu uKagiso Matjila obonakala ehlobene noMatjila owayeyisikhulu esiphezulu sePIC, yahluleka ukukhokha isikweletu sayo sakhula saze sawuR630m.

I-PIC inqume ukuthi ithathe amasheya e-Acapulco eLanseria kodwa i-Acapulco yathatha izinyathelo zomthetho, iPIC yagcina iyikhokhela uR410m. Yakhokhelwa le mali yize yayisikweleta uR630m ngenxa yokungasikhokheli isikweletu sayo. Loku kuxake abaningi ukuthi inkampani ekweleta uR630m inikewa kanjani uR400m.

UDlamini ujube inkampani yabacwaningimabhuku iPwC ukuthi iphenye lolu daba. I-Acapulco nayo ifake incwadi enkantolo isifuna inhlawulo ewuR900m ngekubiza ngokungalandeli umthetho kwePIC. Ithumele nezincwadi kwibhodi yePIC isola uDlamini ngokungalandeli umthetho.

Isazi sokuphatha nokucwaninga amabhuku uMnu uKhaya Sithole sikhuluma ezindabeni zeSABC sithe ukumiswa kwabaholi bePIC kusho ukuthi izinqumo ezibalulekile njengokuthi imali itshalwa kuphi bazokuthola kunzima ukwenza loku ngoba abazi ukuthi bami kuphi kule nkampani nokuthi bazobe besaba.

Uthe uma iPIC itshala imali enkampanini ehweba ezimakethe zomhlaba kulula ukubona ukuthi iwathenge ngamalini amasheya kunokuthi itshale imali ezinkampanini ezingahwebi ezimakethe ezifakwe esikhwameni esibizwa nge-Isibaya Fund.

Ubalule ukuthi indaba yokutshala imali e-Acapulco ikulesi sikhwama sezinkampani okungelula ukubona ukuthi amasheya ayo ayimalini.

USithole uthe iKhomishini kaMpati yayikhala ngokungahlukanisi umsebenzi wesikhulu esiphezulu nowe-chief investment officer, osekulungisiwe. Okungakalungi wukuqoka usihlalo webhodi ozimele, hhayi ovela kuhulumeni njengoba kudinga ukuthi kushintshe nomthetho.

Uthe ngokomthetho wePIC amakhasimende ayo anelungelo lokuqoka amalungu ebhodi. Okwenza iPIC ingakwazi ukuphumela ngaphandle iyobheka amalungu ebhodi.

Uthe akaboni osopolitiki bewushintsha umthetho wePIC ngoba balandela amandla ahambisana nokuyiphatha. Wenze isibonelo sokuthi ngalo mthetho ngisho iphini likangqongqoshe womNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu uJohn Steenhuisen angabawusihlalo webhodi yePIC.

Esitatimendeni, iGEPF ithe iqaphe konke okwenzeka ePIC futhi iyazi ukuthi le nkampani kahulumeni ilandela umthetho. Iqinisekise amalungu ayo ukuthi okwenzeka ePIC akunamphumela omubi ekukhokhweni kwempesheni nasemihlomulweni yawo.

Ithembise ukuthi izothatha izinyathelo ezifanele zomthetho uma kunesimo esiyiphoqa ukuthi yenze njalo ngoba inhloso yayo wukuvikela amalungu ayo.

Umlawuli wemboni yezimali iFinancial Sector Conduct Authority uthe luyaqhubeka uphenyo ngePIC kodwa akusekho azokusho kwabezindaba ngalolu daba njengoba ephenya emva kokumiswa kwesikhulu esiphezulu.

Umkhulumeli weCongress of South African Trade Unions uNksz uZanele Sabela uthe izisebenzi zifuna uGodongwana asheshise ukuqoka ibhodi entsha ukuze isimo sizobuyela kwesijwayelekile ePIC.

UGodongwana uthe uzomemezela ibhodi ngemva kokubonisana nekhabhinethi kuleli sonto.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page