Inkantolo ivune isikhulu esiphezulu sePIC esimiswe emsebenzini
WUBONISWA MOHALE
UNGQONGQOSHE womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana usamukele isinqumo seNkantolo ePhezulu yaseGauteng sokubuyisela emsebenzini isikhulu senkampani kahulumeni etshala imali iPublic Investment Corporation (iPIC).
UMnu uPatrick Dlamini umiswe emsebenzini ngenyanga edlule ngemva kombiko wababika inkohlakalo ngokuzifihla obumsola ngokungalandeli imithetho ethile yokusebenza kule nkampani, okubalwa ukugxambukela ezinqumweni zokutshala imali. Ulufake enkantolo lolu daba ekhala ngokuthi akulandelwanga imithetho efanele ngesikhathi emiswa.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/14/isikhulu-esiphezulu-sepic-simisiwe-emsebenzini/
Ukumisa uDlamini emsebenzini kuphazamise umsebenzi wePIC, okulandelwe ukusula kwamanye amalungu ebhodi kwaze kwasula nobengusihlalo wayo noyiphini likangqongqoshe womNyango weziMali uDkt uDavid Masondo.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/24/usihlalo-wepublic-investment-corporatioin-usule-isigubhukane/
UGodongwana ube eseqoka ibhodi entsha ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi wePIC enemali ewuR3,6 trillion awuphazamiseki.
Izolo iJaji uMandla Mbongwe linqume ukuthi ukumisa uDlamini emsebenzini bekungekho emthethweni futhi ibhodi yePIC ayizange ilandele imithetho yayo elawula ukumisa isikhulu esiphezulu.
Kuleyo mithetho kukhona nothi kufanele ungqongqoshe womNyango weziMali akuphasise ukumisa isikhulu kodwa ngesikhathi kumiswa uDlamini ibhodi yazinqumela ngaphandle kokuthinta ungqongqoshe.
Esitatimendeni, uGodongwana uthe: “Ngiyasamukela isinqumo senkantolo. Siqinisekisa izinyathelo ezithathwe wumGcinimafa nekhabhinethi ukubuyisela isimo kwesijwayelekile ePIC. Lezi zinyathelo bekufanele sizithathe ngoba isinqumo sokumisa uDlamini senziwa ngokuxhamazela ngaphandle kokuxoxisana okufanele nokulandela izinhlelo ezibekiwe.”
UDlamini utshele abezindaba ukuthi uyasithakasela isinqumo senkantolo ngoba siqinisekisa abekusho sonke lesi sikhathi ukuthi ukumiswa kwakhe bekungekho semthethwethweni. Wengeze ngokuthi uzolinda ukuzwa ngebhodi ukuthi ubuyela nini emsebenzini njengoba izohlangana kusasa.

