Nivote kahle, sithembe ukuthi uhulumeni omusha uzoqhuba kahle, kuloba uBusi Mavuso
KUSASA sizovota ukukhetha izinhlangano nosopolitiki esifuna ukuthi basimele. Ukhetho yisikhathi esihle sokubheka ukusebenza komThethosisekelo wethu nentando yabantu. Noma ngabe yiziphi izinselelo zethu siyizwe ukuthi siyakwazi ukuhlangana sivote yisisekelo sombuso wentando yabantu esisihlanganisayo.
Kumqoka ukuthi wonke umuntu ahloniphe umThethosisekelo, ukhetho luqhubeke ngendlela ekhululekile futhi semukele imiphumela. Ukwenza okuphambene naloku wukudelela intando yabantu neqhaza esilibambayo ekuphathweni kwezwe.
Uhulumeni wesithupha wentando yabantu ulethe inqubekelaphambili ekusimamiseni izikhungo nasekuletheni izinguquko ezidingeka ukufukula umnotho wethu nokuntuleka kwemisebenzi ebesibhajwe kukhona ngaphezu kweminyaka eyishumi.
Kube kuhle ukubona uMengameli uCyril Ramaphosa esayina umthetho wokushushisa ochitshiyelwe i-National Prosecuting Authority Amendment Bill ngoLwesihlanu, okuyinqubekelaphambili ekubuyiseleni uPhiko lokuShushisa eZweni esimweni esifanele.
Izichibiyelo zisho ukuthi sekuzosungulwa uhlaka lokuphenya oluzohlale lukhona oPhikweni lokuShushisa eZweni okuzosiza ukulwa nenkohlakalo.
Inkohlakalo ihlehlisele emuva inqubekelaphambili eyenziwe kusukela kwaba nentando yabantu kanti ukuvuselela uPhiko lokuShushisa eZweni kubalulekile. Abaholi balo kade bezikhandla kanti umthetho uzolunika amandla engeziwe.
Kunezinguquko ezinqala ezenzekile emnothweni. Uphiko lwe-Operation Vulindlela lwasungulwa yiHhovisi likaMengameli nomNyango weziMali ukuphuthumisa ukuletha izinguquko okube yimpumelelo emangalisayo ngenxa yokuzimisela kwethimba elizibophezele kulo msebenzi.
I-Operation Vulindela ibambe iqhaza elimqoka ekuguquleni imboni kagesi ukuze kuphele ukucinywa kukagesi ukuze kuncintiswane endleleni ophehlwa ngayo okungathi ngokuhamba kwesikhathi inciphise amanani kagesi.
Ezokuthutha ezingasebenzi kahle ziyalunga kancane kancane ngenxa yomhlahlandlela ohlanganiswe yi-Operation Vulindlela. Lezi zinguquko zithatha isikhathi ukuguqula izinto emnothweni njengoba kuthatha isikhathi ukuthi kufike lapho zithinta khona izinqumo zabatshalimali nezinkampani ngenxa kagesi nezokuthutha ezithembekile.
Inselelo kunoma ngabe yimuphi uhulumeni wentando yabantu wukwenza izinqumo manje ezizothela izithelo ngokuhamba kwesikhathi. Kudingeke sibhekane nomphumela wezinqumo ezenziwa kudala, esikhundleni sokuthi ngabe besikhulula indlela izinto ezenziwa futhi okutshalwa ngayo embonini kagesi, eyamanzi neyezokuthutha.
Ngiyajabula ukuthi eminyakeni eyisihlanu edlule uhulumeni ukwazile ukwenza izinguquko ebezidingeka ukuze sivune okuhle ngokuhamba kwesikhathi.
Yikuphi enginethemba lakho ngombuso olandelayo? Okukhulu, wukuthi siphuthume sakhele phezu komgqigqo okhona. Uphiko lwe-Operation Vulindlela lukhombisile ukuthi yindlela enhle esingayilandela ukuletha ushintsho. Usemkhulu umsebenzi osihlalele. Kufanele siphothule udaba lokushintsha uhlelo lokukhishwa kwezimvume zokusebenza ezweni, ama-visa, ukuze kube lula ukuletha amakhono esiwadingayo ukuvuselela umnotho.
Mkhulu umsebenzi ohlalele umhlahlandlela wezokuthutha. Kufanele siphothule izinguquko ezizovumela imboni ezimele ikwazi ukuletha amakhono nemali, okuzoshintsha ukusebenza kwamachweba nezitimela zethu.
Kunemali enkulu okumanje iyamoseka ngoba asikwazi ukususa izimpahla lapho zikhiqizwa khona ziye emakhasimendeni emhlabeni. Amachweba acishe abesemsileni uma kubhekwa indlela amachweba akleliswe ngayo emhlabeni ngenxa yokusebenza kwawo kanti izitimela zethu azikwazi ukumelana nomthamo.
Ukulungisa loku ngokushesha kungaphucula umnotho kakhulu, kulethe imisebenzi nentela ehambisana nakho. Imfihlo empumelelweni yezinguquko wukusebenzisana phakathi kukahulumeni nemboni ezimele.
Ngokusebenza siyiBusiness for South Africa sikwazile ukuthola izinsizakusebenza namakhono embonini ezimele ukuseka uhulumeni ngokungenelela lapho kudingeka khona ukuletha izinguquko ezinqala.
Uhulumeni olandelayo kufanele ukumukele loku kusebenzisana futhi uqhubeke nezinguquko.
Asisho ukuthi imboni ezimele izovala isikhala noma izothatha indawo kahulumeni kodwa sinenjongo efanayo yokuphucula indawo amabhizinisi asebenza kuyona, okuzosho ukuthuthuka komnotho. Ngokusebenzisana singakwazi ukubhekana nezingqinamba ezibambezela inqubekelaphambili.
Ngithemba ukuthi uhulumeni olandelayo uzokwemukela loku kusebenzisana futhi uzibophezele ekuqhubeni izinguquko futhi usheshise ukuzenza.
Ngokubambisana singalifikisa leli zwe lapho kufanele lifike khona ukwakhela abantu balo umnotho nemisebenzi, into esiyifisayo sonke.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/06/14/kuletha-ithemba-ukubambisana-okusha-phakathi-kukahulumeni-nosomabhizinisi-kuloba-ubusi-mavuso/