UNkk uZama Mchunu, umnikazi we-Uthingo Kids and Salon Spa esePinetown, eThekwini, KwaZulu-Natali, ebhucabhuca izingane. Izithombe: Zithunyelwe

Udle ngebhizinisi elingandile kubantu neligxile kodado

WUTHOBILE ZWANE 

UNEBHIZINISI lokubhucabhuca izingane umzimba kanti wagqugquzelwa ukuvula ibhizinisi ngenxa yokulahlekelwa wumsebenzi ngesikhathi kubheduka i-COVID-19.

UNkk uZama Mchunu, waKwaDabeka, eThekwini, KwaZulu-Natali uwumsunguli we-Uthingo Kids Spa ePinetown esebenzela ngemva kwenxanxathela yezitolo ePinetown, eThekwini, KwaZulu-Natali.

“Ngavula lendawo yokubhucabhuca izingane ngoba nginothando lokuqala ibhizinisi elihlukile futhi eligxile ezinganeni. Ekuqaleni kwami ngangihlobisa emicimbini, ngagcina sengifaka nokubhucabhuca izingane. Kuthe sengibona nabantu beyithakasela kakhulu le nto engiyenzayo ngakhuthazeka ngaqala ngafuna indawo yami engizosebenzela kuyona,” kulanda yena.

Uthingo Kids Spa lwaqala ukusebenza luwumahambanendlwana. UNkk uMchunu uthe inhloso yakhe wukujwayeza izingane, ikakhulukazi zamantombazane, ukuthi ziye ezindaweni zokubhucabhuca umzimba.

“Ngisho abafana noma sebezama ukuyiyenga noma kwesinye isikhathi uthola ukuthi ingane isindala isebudlelwaneni ehlukunyezwayo kubo, ngeke iphume kubona ngoba owesilisa ejwayele ukuyiyisa e-spa kodwa uma kuyinto ekhule iyiswa wumzali, kungabalula ukuthi iphume kulobo budlelwano, ayithuswa ukuthi iyiswe e-spa kanje,” kusho uNkk uMchunu. 

Leli bhizinisi lakhe lihambisana namanye amabili okuwu-Uthingo Day Care & Pre-School nendawo yokucwala izinwele. Iphupho lakhe wukugcina esenamagatsha iNingizimu Afrika yonke.

“Ibhizinisi lami lidlondlobale kakhulu ngaze ngavula indawo yokucwala izinwele yezingane ngoJulayi wangonyaka odlule,” kusho yena.

Amakhasimende etendwa ngokubhucwabhucwa e-Uthingo Spa

“Amabhizinisi ami asize nabanye abantu engibaqashile ababehleli ekhaya, ngoba enkulisa ngiqashe abantu ababili, e-salon babili naseSpa babili, okusiza neminye imindeni ikwazi ukulala idlile,” kusho uNkk uMchunu. 

Bavula zonke izinsuku uma ubekisile. Uthi ingane iyodwa iwuR250 kodwa uma seziwu10 noma ngaphezulu, ingane iyodwa yehliselwa kube wu-R140 ukubhucabhuca.

“Umuntu engibukela kuyena nongikhuthazayo uDJ Zinhle. Ngichazwa yindlela enza ngayo izinto, ukuthi asebenzisane nomndeni wakhe, uyangikhuthaza kakhulu. Uyangigqugquzela ukuthi kuyenzeka. (Akusho lutho) ukuthi kuthatha isikhathi esingakanani njengoba yena kwamthatha iminyaka ewu-20 noma ekade aliqala ibhizinisi lakhe kodwa likwazi ukuthi laziwe kanje manje emhlabeni wonke,” kusho yena. 

Kwezinye izinselelo abhekana nazo ekubeni wusomabhizinisi, ubalule ukuphatha imali akubone ukuthi kusamhlula. “Okunye ngiyafunda ukuthi ebhizinisini kufanele uhlale uzithoba, uzehlisa emakhasimendeni akho, uxolisa ngisho iphutha lingekho kuwena. Kufanele uxolise ngaso sonke isikhathi. 

“Enye inselelo engibenayo ngoba kuyibhizinisi eligcwele kakhulu (kubelungu wukuthi) uma sesiza ngapha kubantu abamnyama bayahluleka wukugcina isikhathi ngoba leli bhizinisi lisebenza ngokubekisa isikhathi,” kuphetha yena.

Ngokwezinhlelo zangomuso, ufisa ukusimamisa ibhizinisi lakhe ngolwazi lwalo mkhakha ngokufundela i-beauty therapy

  • FB: Uthingo Kids Spa

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/02/03/okhula-ehlale-egundile-usewumsamariya-wabanezinkinga-ezihlukene-zezinwele-uxoxe-nosimangaliso-ntshangase

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page