U-R168 billion weSabelomali saseKZN uzobeka inhlalakahle eqhulwini 

SIZOLETHA impilo engcono kubantu baKwaZulu-Natali iSabelomali esiwuR168 billion esithulwe wungqongqoshe womNyango weziMali uMnu uFrancois Rodgers eMgungundlovu ngoLwesibili.

Osopolitiki ngeke baphinde bazitamuzele emnothweni uma sibambelela ezinguqukweni ezinqala – isithangami

IZINGUQUKO ezinqala osekuneminyaka ziqalile ngaphansi kohlelo i-Operation Vulindlela azibalulekile kuphela ngenxa yokuthi zizolekelela ukukhulisa umnotho kodwa zimqoka futhi ngoba yiyona ndlela yokuvikela umnotho kungakhathalekile ukuthi wubani ophethe kuhulumeni.

Kwethulwe umbiko ngezingozi zabathengi 

KUNEZINTO ezine ezithinta abathengi baseNingizimu Afrika okufanele umlawuli wemboni yezimali, iFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) azibeke eqhulwini ukuvikela abathengi. 

Seziyaqala izitokfela ukushaya ngonyawo olusha – iFNB 

ZIYANDA izitokfela ezisibonayo isidingo nomvuzo wokutshala imali isikhathi eside kunokuyibekela izidingo zesikhashana kuphela. 

Usemningi umsebenzi ekuphuculeni indlela omasipala abaphatha imali ngayo – umcwaningimabhuku-jikelele

NJENGOBA iNingizimu Afrika izobanokhetho lohulumeni basekhaya, umncwaningimabhuku-jikelele uthi simo sikahulumeni wasekhaya siyaqhubeka nokubasibi ekuletheni izidingo emphakathini.

Isikhwama esingakhokhele umfelokazi sesibikwe kwiFinancial Sector Conduct Authority

USHAQEKE wabikela umXazululi wezinKinga zemPesheni umfelokazi oyalelelwe yisikhwama sempesheni ukuthi uzothola uR6 000 kuphela emalini yomyeni wakhe obesesebenze iminyaka engaphezu kwewu-40 enkampanini eyodwa. 

U-Trump uyaqhubeka nokusabisa amazwe ngentela yezimpahla

AZISAMNAKI izimakethe umengameli waseMelika uMnu uDonald Trump njengoba zingazange zinyakaze ngesikhathi esabisa amazwe aseYurophu ngokuthi uzonyusa intela yezimpahla zawo ezidayisa eMelika uma engamvumeli ukudla iGreenland futhi unamasosha alungele ukwenza lo msebenzi noma nini. 

Ukushayela uphuzile kungenza umshwalense ungakhokhi  

UMPHATHI woPhiko lwemiShwalense ehhovisi lomxazululi wezinkinga zezikhungo zemali iNational Financial Ombud Scheme of South Africa uNkk u-Edite Teixeira-Mckinon ululeka abashayeli ukuthi bangashayeli bephuzile ngala maholidi ngoba umshwalense wabo wezimoto ngeke ubakhokhele.

UMasipala waseTshwane umose uR1.4 billion – umcwaningimabhuku-jikelele

PHEZU kwemizamo emihle yemeya kaMasipala waseTshwane uNksz uNasiphi Moyo yokuletha uguquko oluhle kulo masipala kodwa kulo nyaka wezimali umasipala uthole umbiko womcwaningimabhuku-jikelele omubi okhombisa ukuthi imali iyamoseka. 

UMasipala waseThekwini umi ngomumo ukumukela izivakashi ngamaholidi 

KULINDELWE izivakashi eziwu-1.3 million ngala maholidi eThekwini. Lezi zindaba zimenyezelwe ngenkathi kuthulwa ngokusemthethweni izinhlelo zamaholidi asehlobo ngoLwesihlanu eWahooz e-uShaka Marine, eThekwini, KwaZulu-Natali.

UMagashula uzokhunjulwa ngokuthanda izwe nabantu abampofu – uRamaphosa 

UMENGAMELI uCyril Ramaphosa uthi  owowayewukhomishana womqoqintela iSouth African Revenue Service (iSars) uMnu u-Oupa Magashula, oshonile, uzokhunjulwa ngokuzinikela kwakhe ekusebenzeleni abantu baseNingizimu Afrika.

Amabhizinisi amancane abonga ukukhanya okulethwa wukunqamuka

NJENGOBA ukucima kukagesi obekukhungethe iNingizimu Afrika sekuthanda ukuphela ngenxa yezinguquko ezinhle ezenzeka e-Eskom, amabhizinisi amancane, nawumgogodla womnotho, abuyelwa yithemba nomfutho.

Izivakashi eziza eKZN zizongenisa uR13 billion ngamaholidi kaDisemba

UNGQONGQOSHE womNyango wokuThuthukisa umNotho, ukuVakasha neMvelo KwaZulu-Natali uMfu uMusa Zondi uthi balindele izivakashi eziphakathi kuka-1 million no-1.1m ezivela kwezinye izifundazwe zaseNingizimu Afrika neziwu-34 000 ezivela kwamanye amazwe ngala maholidi kaDisemba.

Isivumelwano seG20 sibeke eqhulwini izikweletu zamazwe nokuguquguquka kwesimo sezulu

UKUGUQUGUQUKA kwesimo sezulu nezikweletu ezikhula njalo zamazwe aneminotho emincane kuseqhulwini lwesivumelwano esisayinwe ngamazwe engqungqutheleni yeG20 ebiseNasrec, eGoli, eGauteng ngempelasonto. 

I-Google isizokhokhela izinkampani zaseNingizimu Afrika ngezindaba zazo

KUPHELILE ukuxhashazwa kwezinkampani zaseNingizimu Afrika yizinkampani zobuchwepheshe okubalwa iGoogle, iYouTube nezinye emva kokuthi ikhomishi eyengamele ukuncintisana okuhle iCompetition Commission inqume ukuthi lezi zinkampani kufanele zikhokhe.

SeziyaShosholoza izinto enkampanini yezitimela kahulumeni – uGodongwana

ZIPHUCUKILE izinto enkampanini yezitimela kahulumeni iPassenger Rail Agency South Africa (iPrasa), njengoba izitimela sezihambe izikhawu eziwu-1116 million kulo nyaka wezimali uma kuqhathaniswa nokuhamba kawu-11.8m ezawuhamba ngonyaka wezimali wango-2022/23. 

I-Discovery Bank ihlawuliswe uR3 million ngokungasukumeli okusolisayo kuma-akhawunti ayo

UPHIKO oluqapha ukusebenza kwamabhange ngaphansi kweBhange lomBuso iPrudential Authority (iPA) luhlawulise iDiscovery Bank uR3 million ngokungalandeli imithetho ye-Financial Intelligence Centre Act isigaba 38 sango-2001 (se-FIC Act).

Ishoda ngoR2.3 billion iRoad Accident Fund 

IYAQHUBEKA nokulahleka imali esikhwameni esinxephezela abantu balimele ezingozini zomgwaqo iRoad Accident Fund (iRAF) njengoba umbiko womcwaningimabhuku-jikelele uveze ukuthi sishoda ngoR2.3 billion, okusho ukuthi imali ekhona nezimpahla zaso ayilingani nemali edingeka ukwenza umsebenzi.

Uzoqhubeka nokubopha izifociya uhulumeni kwethulwa iSabelomali – ingqapheli

NJENGOBA kusasa ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ethula iSabelomali saphakathi nonyaka i-Medium-term Budget Policy Statement,  kulindeleke ukuthi aqinisekise ukuthi uhulumeni uyaqhubeka nokonga imali yize kusenenkinga yesikweletu sezwe esikhulu. 

I-Sars ayithi nsi ngoR5.3 billion ewufuna kwiSasfin Bank 

I-SOUTH African Revenue Service (iSars) ithi izoqhubeka necala layo lokufuna inhlawulo ewuR5.3 billion eSasfin Bank eyisola ngokuphula umthetho wentela, njengoba ithi leli bhange lavumela abakhokhintela ukuthi bahambise imali yabo kwamanye amazwe ngaphandle kokulandela umthetho olawula loku.

Kuqashwe abantu abasha abawu-8 180 embonini yezingcingo 

KULOKOZA inhlansi yethemba ngokudaleka kwemisebenzi eNingizimu Afrika emva kokuthi iBusiness Process Enabling South Africa (iBPESA) iveze ukuthi kudaleke amathuba emisebenzi ewu-8 180 embonini ye-global business services (iGBS). 

Ukuphuma kwi-grey list yisiqalo – umGcinimafa

UKUPHUMA kweNingizimu Afrika ohlwini iFinancial Action Task Force (iFATF) efaka amazwe athathwa njengangenamithetho eqinile yokulwa nokushushumbisa imali nokuxhasa izinhlangano zabashokobezi i-grey list yisiqalo somsebenzi wokuqinisa izinhlaka zomthetho eNingizimu Afrika.

Umnotho wezwe awukhuliswa wukukhangeza – Motsepe 

USIHLALO we-African Rainbow Minerals uMnu uPatrice Motsepe uthe iNingizimu Afrika idinga imigomo ebheka ukukhula komnotho nenhlalakahle yabantu futhi ineqhaza emnothweni kodwa loku yinto okufanele uhulumeni uyenze ngokubambisana namabhizinisi. 

Ususondele umnqamulajuqu wokukhokha intela 

ABAKHOKHINTELA ababanjelwa intela emiholweni bayakhunjuzwa ukuthi umnqamulajuqu wokubika kumqoqiwentela eNingizimu Afrika iSouth African Revenue Service (iSars) imininingwane yemali abayiholile ngonyaka wezimali u-2024/25 wuMsombuluko ozayo. 

Kuphele amahlathi okucasha esikhwameni sempesheni ebesigweva nemali yesisebenzi esashona

ISIKHWAMA sempesheni semboni yezinsimbi  iMetal Industries Provident Fund siyayelelwe yiphini lomXazululi wezinKinga zemPesheni uMnu uNaheem Essop ukuthi sikhokhele umndeni wesisebenzi esashona imali yaso yempesheni efanele. 

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page