Ibhodi entsha yePublic Investment Corporation izoqeda ukuxokozela – ungqongqoshe

UNGQONGQOSHE eHhovisi likaMengameli uNks uKhumbudzo Ntshavheni umemezele ibhodi entsha yenkampani kahulumeni etshala imali iPublic Investment Corporation (iPIC) njengoba uhulumeni ufuna isimo sibuyele kwesijwayelekile kulesi sikhwama esitshala izimpesheni zezisebenzi zikahulumeni.

Abesifazane bazohlonyiswa ngolwazi lwamabhizinisi kwi-EmpowerHer Market Trade Fair

INYANGA yabaNtu beSifazane izovulwa ngomfutho njengoba ungqongqoshe eHhovisi likaMengameli obheke izindaba zaBantu beSifazane, iNtsha nokukhubazeka uNkk uSindisiwe Chikunga ezobanika amathuba omnotho.

Amahhotela agudle ulwandle lwaseThekwini azolungiswa ngoR250 million

UMASIPALA waseThekwini umemezele ukuthi ibeyimpumelelo iSouthern African Association for the Conference Industry yalo nyaka.

INingizimu Afrika izoxoxisana neMelika ngokunyusa intela yezimpahla – ungqongqoshe

OSOMABHIZINISI baseNingizimu Afrika abadayisa izimpahla eMelika bazokhokha imali ethe xaxa ngemva kokuthi inyuse intela eliyikhokhisa amazwe awu-60 adayisa izimpahla khona.

Kuhlukene imibono ngeqhaza lomasipala ekusizeni osomabhizinisi abancane

NAKUBA omasipala benomsebenzi wokuseka amabhizinisi amancane ukuze akhule afukule umnotho wendawo, osomabhizinisi abaningi basemalokishini nasezindaweni zasemakhaya KwaZulu-Natali bahlukene ngemibono ngohlobo losizo abaluthola kuhulumeni.

Amazwe eSADC asezohweba ngekwanza yase-Angola

EMVA kweminyaka kusebenza irandi ukukhokhela izimpahla uma kuhwebelana amazwe ase-Afrika eseningizimu sekuzosebenza nekwanza lase-Angola.

I-Cosatu ifuna kuphuthume ukuqoka ibhodi yePublic Investment Corporation

UMFELANDAWONYE wezinyunyana iCongress of South African Trade Unions (iCosatu) usucele ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ukuthi asheshise ukuqoka ibhodi entsha yenkampani kahulumeni etshala imali iPublic Investment Corporation (iPIC).

Umhlaba wonke uzobheka imalimboleko yaseMelika

KUZOBHEKWA ngabomvu izibalo zokulula izikweletu zemboni ezimele kuleli sonto njengoba zikhuphuke kakhulu ekuqaleni kwalo nyaka. Izinkomba zikhomba ukuthi ababheka izimakethe ezweni bazobheka ukuthi simi kanjani isimo sokutsheleka imali emva kombiko weBhange lomBuso oveze ukuthi ukuboleka imali kubalulekile njengokuyitshala embonini ezimele.

‘Sebenzisa imali ngendlela yokuthi ikusebenzela’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noNkanyiso Bhengu. Uwumlingisi nomethuli wezinhlelo zakuthelevishini. Waduma kwi-Pop Stars yeSABC 3 ngo-2002, wethula i-Coca-Cola Mega Millions kwi-e.tv, wathula uhlelo lokholo lwangeSonto i-Agape kwiSABC 1, wadlala indawo kaSthembiso kwi-Nomzamo kwiSABC 1, wacula kwiJoyous Celebration kusukela ngo-2006 kuya ngo-2009. Useke walingisa nakweminye imidlalo yethelevishini okubalwa kuyona i-Home Affairs, iSokhulu & Partners, i-The London Guy, i-Stokvel, i-Soul Buddyz, i-Mazinyo Dot Q, i-Going Up Again ne-The Journey nakwifilimu i-Gums and Noses

Usihlalo wePublic Investment Corporation usule isigubhukane

ZIYANDA izinkinga zenkampani kahulumeni etshala imali iPublic Investment Corporation (iPIC) njengoba izolo kusule usihlalo webhodi noyiphini likangqongqoshe womNyango weziMali uDkt uDavid Masondo.

Abaqashi abawu-6 064 abagodle imali yempesheni bazoshushiswa

KUZOSHUBA kubaqashi abangayidluliseli ezikhwameni ezifanele imali yomhlalaphansi yezisebenzi yize beyibamba emholweni wazo njengoba umlawuli wemboni yezimali iFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) esesebenzisana noPhiko lokuShushisa ukuqinisekisa ukuthi akudlalwa ngemali yazo yomhlalaphansi.

IKwaZulu-Natali izofukula umnotho waseNingizimu Afrika nge-gas

UMNOTHO waseNingizimu Afrika uzolawulwa yiKwaZulu-Natali eminyakeni embalwa ezayo njengoba kuzokwakhiwa isikhumulo se-gas esikhulu iZululand Energy Terminal (iZET) echwebeni laseRichards Bay, KwaZulu-Natali.

Nakuba abantu besifazane benegama elihle lokukhokha izikweletu kodwa bakweletelwa kancane, kuloba uJabulani Sikhakhane

AMABHIZINISI amancane asungulwa noma aphethwe ngabantu besifazane awatholi ukusekwa ngezimali okufanele, kutholakala ukuthi asilele emuva kunamanye phezu kobufakazi beminyaka eyishumi bokuthi osomabhizinisi besifazane bamagange ukukhokhela izikweletu zabo ukudlula abanye osomabhizinisi.

Ama-2000 awahlukile kwisizukulwane esidala kwezezimali – umbiko

KUYE kubenokungatholani phakathi kwama-Gen Z, abantu abazalwe phakathi kwango-1997 kuya ngo-2012 nabantu abadala. Bavame ukubizwa ngama-2000 futhi banolimi lwabo oluhlukile abalusebenzisayo, yindlela yokuziphatha nesiko labo.

Yonga okungangamandla akho – ikusasa lakho lincike kukhona

IMALI yakho oyisebenzela kanzima iyanyamalala ngaphambi kokuphela kwenyanga kanti ukonga kunzima kakhulu. Esikhundleni sokukhathazeka ngenye into ebonakala idinga imali, uvele ungabe usonga ngoba uthi ulinde ukuhola imali ethe xaxa.

Sekuthela izithelo ukugodla imali yomasipala – uGodongwana

UNGQONGQOSHE womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthi luthela izithelo ezinhle uhlelo lokugodla imali yesabelo somasipala ewuR13,5 billion njengoba abawu-42 sebewulandela umthetho.

Usihlalo webhodi yePublic Investment Corporation uxoxe nezisebenzi

AKUKHO esizonifihlela kona. Usho kanje usihlalo webhodi yenkampani kahulumeni iPublic Investment Corporation (iPIC) uMnu uDavid Masondo ngesikhathi eyobonana nezisebenzi zayo ukuchaza ngesimo esikhona ngoLwesine.

I-Toyota itshale uR10,4 billion ukukhiqiza iHilux entsha eNingizimu Afrika

NAKUBA inkampani ekhiqiza izimoto iToyota South Africa Motors itshale izigidigidi zamarandi ukukhiqiza iveni layo elithandwayo iToyota Hilux eNingizimu Afrika kodwa ithi kufanele kubenemithetho nengqalasizinda ezolekelela ukukhula kwemboni yezimoto.

Abantu sebevuleke amehlo ngokuhlelela umhlalaphansi – ucwaningo olusha

SIYANDA isibalo sabantu asebezihlupha ngezindaba ezithinta impesheni eNingizimu Afrika, okufaka nabahola imali encane. Nokho abaningi kusaba yinto abayicabangayo, hhayi abayisukumelayo.

INingizimu Afrika ibhekene nempi yokudla okungenampilo nokubizayo – uMotsoaledi 

NJENGOBA ikhomishana yamalungelo abantu iSouth African Human Rights Commission (iSAHRC) iqhuba uphenyo ngokubiza kwamanani okudla eNingizimu Afrika, ungqongqoshe womNyango wezeMpilo usesole izinkampani ezizimele ngokusabalalisa ukudla okungenamsoco ezweni.

Amanzi angena endlini kwiPublic Investment Corporation kusula abaqondisi ababili

KUNGAKAPHOLI maseko ibhodi yePublic Investment Corporation (iPIC) imise isikhulu sayo esiphezulu, isikhungo esilawula imboni yezimali iFinancial Service Conduct Authority (iFSCA) isiqale uphenyo ngokwenzeka kule nkampani kahulumeni etshala izimali.

Indlela iPublic Investment Corporation eyakhiwe ngayo iyenza ibhodwe eliconsayo, kuloba uJabulani Sikhakhane

I-PUBLIC Investment Corporation (iPIC), inkampani kahulumeni ephatha izimali zesikhwama sempesheni yezisebenzi zikahulumeni nezinye izimali ezinjenge-UIF, ngeke ibenokuthula uma kungaxazululwa izinto ezimbili.

Ukhetho lomasipala lusho ukuthi sesifikile isikhathi sokukhuculula komasipala, kuloba uBusi Mavuso

SESIFIKE qathatha ekuweni komasipala. Isinqumo somNyango weziMali sokugodla isibonelelo somasipala abawu-69 silandela umbiko womcwaningimabhuku-jikelele osekuphele iminyaka engaphezu kweyishumi uveza ukuthi ukungasetshenziswa kwemali ngendlela (okuyiyonankomba enkulu yenkohlakalo) kunyukile unyaka nonyaka, kungenazinyathelo ezithathwayo.

Izinkampani ezizimele sezizokwazi ukuzithengela umjovo wamatele 

IZINHLAKA ezisembonini yolimo zithi sekuzoshesha kakhulu ukujovela izinkomo amatele ngemva kokuthi ungqongqoshe omusha womNyango wezoLimo uMnu uWillie Aucamp evumele izinkampani ezinamandla ukuzithengela imijovo. 

Luya ePhalamende olukaR13,5 billion womasipala abangenzi kahle 

USIHLALO wekomiti lokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uDkt uZweli Mkhize umemezele ukuthi kuzobanomhlangano ophuthumayo wokubhunga ngemali egodlwe wumGcinimafa ewuR13,5 billion yomasipala abahluleka ukuphatha imali.

Asimile Siyaqhuba: Iminyaka emihlanu yokusimamisa umnotho ngezinkundla ezisezingeni eliphezulu

UKUQHAKAMBISA umsebenzi omuhle kaMasipala weTheku kusukela ngo-2021 kuya ngo-2026, kunomkhankaso i-Five-Year Service Delivery Milestone enendikimba ethi: “Asimile Siyaqhuba: Resilience Through Adversity”, okusho ukuphokophela ngisho kunzima.

Asibajezisi omasipala kodwa siyabalungisa – umGcinimafa

KUYE ngamagama enkehli njengoba umNyango weziMali umemezele ukuthi uzogodla izibonelelo eziwuR13,5 billion zomasipala abawu-69 ngenxa yokungaphathi kahle kwabo imali nokuhluleka ukulungisa izinto akade bekhuzwa ngazo.

Asimile Siyaqhuba: iminyaka emihlanu yokwenza izindawo ezihlanzekile eThekwini

UMASIPALA waseThekwini uyaqhubeka nokuqhakambisa umsebenzi wawo weminyaka emihlanu wokuhlinzeka umphakathi ngezidingo ngokuqhakambisa umsebenzi woPhiko lokuQoqa Izibi ekwezeni idolobha elihlanzekile, eliphephile nelisimeme.

Ukuphatha ngobuqotho kusho ukulandela umgomo okuvunyelenwe ngawo, kuloba uBusi Mavuso

KUTHUSILE ngesonto elidlule ukuzwa usihlalo webhodi le-Eskom uMnu uMteto Nyati esola iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) neBusiness Unity South Africa (iBusa) ngokugxambukela okufana nosopolitiki, loku esineminyaka sikugxeka. Uqale washo ezinkundleni zokuxhumana ngaphambi kokusho emsakazweni.

Sesifikile isikhathi sokwenza izinto zentela – iSouth African Revenue Service

MINYAKA yonke ukuqala kukaJulayi kusho isikhathi sokubika ngentela kwabakhokhintela eNingizimu Afrika. I-South African Revenue Service (iSars) isimemezele ukuthi sesifikile isikhathi sokubika ngentela nokubuyelwa yimali phecelezi i-filing season.

Asimile Siyaqhuba: Iminyaka emihlanu yokwakha ubuxhakaxhaka bezokuthutha besimanje nobuphephile

EMINYAKENI emihlanu edlule, i-eThekwini Transport Authority (i-ETA) yenze umsebenzi onqala ekuguquleni isimo sezokuthutha kuMasipala waseThekwini ngokutshala kwingqalasizinda, izinto ezintsha, izindlela eziphephile nokuhlela ezokuhamba eziphucukile.

Asimile Siyaqhuba: iminyaka emihlanu yokuvuselela imboni yabahwebi bamatafula

UMASIPALA waseThekwini uyaqhubeka nokuqhakambisa umsebenzi wawo weminyaka emihlanu wokuhlinzeka umphakathi obizwa nge-Five-Year Service Delivery Milestones onendikimba ethi “Asimile Siyaqhuba: Resilience Through Adversity”, okusho ukuphokophela nasebunzimeni.

Asimile Siyaqhuba: Sekuphele iminyaka emihlanu kwakhiwa izindawo zokuhlala ezinesithunzi

MKHULU umsebenzi owenziwe wuMasipala waseThekwini ukuhlinzeka ngezindlu ezisezingeni elifanele nasekuphuculeni izindawo zokuhlala.

Umasipala waseGoli awuswele. Inkinga wukuthi awuphethwe kahle, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO elidlule umkhandlu weBusiness Leadership South Africa (iBLSA) uhlanganile ukubhunga ngocwaningo obelubheka isimo sedolobha laseGoli, oluthulwe wuNks uLael Bethlehem weGenesis Analytics. Imiphumela ishaqise kakhulu.

Asimile Siyaqhuba: Iminyaka emihlanu yokusimamisa imboni yezolimo

MKHULU umsebenzi owenziwe wuMasipala waseThekwini endimeni yezolimo. Lo msebenzi ubonakala ngomkhankaso weminyaka emihlanu wezinto ezizuziwe i-Five-Year Service Delivery Milestones, ngaphansi kwendikimba ethi “Asimile Siyaqhuba: Resilence Through Adversity”, okusho ukuphokophela nasebunzimeni.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page