‘Bayazicanasela osopolitiki ngenxa yobumpumputhe babantu ngezomnotho’
WUSLINDILE KHANYILE
ENINGIZIMU Afrika, njengasemazweni amaningi, abantu abaningi bavota ngezinhliziyo, hhayi ngokuqonda imigomo yezinhlangano abazikhethayo. Osopolitiki bayakwazi loku futhi bayakusebenzisa ngokubagxisha namanga ikakhulukazi ngemigomo ethinta izihloko ezibucayi njengomnotho.
Basho kanje ongoti bezomnotho nepolitiki ngesikhathi bexoxa noMbele ngokuthi kunesandla esingakanani ukungaqondi kwabantu izihloko ezithile endleleni abavota ngayo.
NgoLwesithathu, abantu baseNingizimu Afrika bazovota ukukhetha uhulumeni okuzoba ngowesikhombisa kusukela kwaphatha uhulumeni wentando yabantu.
USolwazi uBonke Dumisa, umhlaziyi wepolitiki nomnotho, uthe kusasebenza kakhulu eNingizimu Afrika ukuthi umuntu ukhule kubo kuvotelwa liphi iqembu.

UDumisa uthi abantu bavota ngezinhliziyo
“Njengasemazweni amaningi, abantu baseNingizimu Afrika bavota ngezinhliziyo, babheka ukuthi iqembu elithile ngalithanda nini, abazali bami bavotela ini kodwa ikhona nendawo yokuthi intsha ibuye ithande ukubonakala njengezidlamlilo ngokuphikisana nabazali, nokungakho ngo-2019 i-EFF ingene yathatha amanyuvesi amaningi futhi yangena ePhalamende.
“Kodwa kuloku sizobona kwehla ukusekwa kwe-EFF ngoba sekukhona ukubheka ukuthi bayakholelwa (yini) ezintweni abazishoyo? Ngempelasonto siyibone le nhlangano ishintsha kakhulu kwibihlale ikusho ngodaba lwemingcele ngoba isinokuqonda ukuthi izinto zidinga iSabelomali,” kusho yena.
Ngempelasonto i-EFF ithe abantu baseNingizimu Afrika kufanele bazi ukuthi ayihambisani “nombhedo” wokuvula imingcele noma yikanjani okugqugquzela ukuthi abantu bangene ezweni ngokungemthetho. Ithe kufanele abantu bangene ngokusemthethweni, baziwe futhi ohulumeni babambisane, kwenziwe kancane kancane ukuhlanganisa isifunda.
“Ngeke wenze ubugebengu eNingizimu Afrika bese ubalekela eMozambique. Uma kubanjiswana, sizoba nemininingwane yawo wonke umuntu ezwekazini, ulibofuzo lwabo nokunye. Awukwazi ukuganga ngoba uthembe ukuthi uzoya kwenye indawo ungatholakali,” kusho uDkt uMbuyiseni Ndlozi, ilungu lePhalamende le-EFF ngesikhathi ekhuluma neSABC.
Ekuqaleni kwalo nyaka, le nhlangano okuyiyona eyesithathu ngobukhulu ezweni, yagcizelela ukuthi ukuvala imingcele ngeke kuxazulule izinkinga ezibhekene neNingizimu Afrika.
Usomnotho uMnu uDuma Gqubule uthe izinhlangano zepolitiki zizenzela umathanda ngoba abantu bengayiqondi imigomo yezomnotho.
“Uma ubheka yonke imiqulu izinhlangano zepolitiki ezikhankasa ngayo, uyabona ukuthi umgomo wezomnotho yinto ezingayicabangisisanga bese uyazibuza ukuthi imisebenzi lena eziyithembisayo izokwenzeka kanjani uma zingasho lutho ngemigomo okufanele ikhulise umnotho ngoba ukukhula komnotho kuhambisana nokwakheka kwemisebenzi.
“Kodwa into engicasula kakhulu wukugxisha abantu amanga. I-ANC ithe umnotho ukhule ngokuphindwe kathathu kusukela ngo-1994. Ngesikhathi ngiqala ukuzwa loku ngangicabanga ukuthi benze iphutha, ngabuya ngacabanga ukuthi mhlawumbe bebebala ngamadola noma mhlawumbe abakubalanga ukwehla kwamandla emali kodwa emva kokubheka zonke lezo zinto ngabona ukuthi bebeziqambela amanga nje.
“Ngisho indlela abakhuluma ngayo ngemisebenzi iyakhohlisa. Awukwazi ukuthi uma ukhuluma ngemisebenzi ubheke kuphela ukuthi kunabantu abangu-16.7 million asebeyingxenye yabasebenzayo kusukela waqala ukuphatha kodwa ungasho lutho ngokuthi kuno-41% ongasebenzi.
“Kuningi, uMengameli uCyril Ramaphosa uthe u-30% wezimayini uphethwe ngabantu abamnyama futhi u-39% wezinkampani ezihweba kwiJohannesburg Stock Exchange ngowabantu abamnyama. Sonke siyazi ukuthi akulona iqiniso lelo,” kusho yena.
UGqubule uthe ngisho nezinhlangano ezifana neDA neBuild One South Africa uma zikhuluma ngemisebenzi ezizoyakha kuyabonakala ukuthi ziyasho nje zingacabangisisile futhi azikumatanisi nokukhula komnotho.
“Kumanje kunabantu abawu-12.1m abangasebenzi kodwa iDA ithi izokwakha imisebenzi ewu-2m, okuzwakala kuyisibalo esikhulu uma unganakile. URamaphosa uthe bazokwakha imisebenzi ewu-5m kodwa uma ubhekisisa alukho uhlelo lokwenza lokho kwi-ANC noma kuhulumeni.
“Ngokwezibalo engizenzile uma ubheka ukuthi umnotho uzokhula ngo-1% kuya ku-1.2%, kuzokwakheka imisebenzi engu-700 000 ngonyaka eminyakeni emihlanu ezayo,” kusho uGqubule.
Ngokwezibalo ezikhishwe yiStatistics South Africa ngesonto elidlule, isibalo sabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika singu-32.9% kodwa singu-41% uma kusetshenziswa esibuka ngeso elibanzi.
- Lolu daba luxhaswe yiMedia Monitoring Africa