Abanye bahlehla nyovane ukucaphuna empeshenini ngenxa yentela – umbiko 

BAWU-28 525 abantu abahoxise izicelo zabo zokucaphuna ezikhwameni zabo zempesheni ngoba bebona ukuthi imali yentela abazoyikhokha yinkulu.

I-PIC ibheka isikhulu esiphezulu esisha

IBHODI yePublic Investment Corporation (iPIC) isiqalile ukubheka isikhulu esiphezulu esisha esizothatha izintambo kuMnu u-Abel Sithole uma sekuphela inkontileka yakhe ngoJulayi ngonyaka ozayo.

Akungagcinwa icala uma kufundiswa abantu ngokuphatha imali – umlawuli 

KUFANELE kube nendlela yokufundisa abantu ukuthi yize kungabasiza ukucaphuna empeshenini yabo njengoba kuzokwethulwa i-Two-pot retirement system ekugunyazayo loku kodwa ikhona nengozi yokuthi kubenomphumela omubi uma sekufike isikhathi sokuthatha umhlalaphansi.

Ukhukhulelangoqo wemboni yezimali wokufundisa abantu 

 IZINHLAKA ezihlukene zemboni yezimali zizobuthana engqungqutheleni ngenhloso yokuqhamuka nendlela ezophucula indlela efundisa ngayo abantu ukuphatha imali. 

Zizoziphendulela izikhwama zempesheni uma abantu bengayitholi imali – umlawuli

IZIKHWAMA zempesheni ezizobe zingakulungele ukuthi amalungu azo akwazi ukukhipha ingxenye yempesheni yawo uma sekusebenza umthetho ogunyaza loku ngenyanga ezayo yizona okufanele zichaze ukuthi kudalwe yini lokhu. Kunenqwaba engakakufezi konke okudingekayo.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page