I-Standard Bank isebenzisana nabafuyi nemboni yobisi ukunqanda amatele

IMPI yokulwa namatele isingenwe yibhange elikhulu ngokwezimpahla elinazo e-Afrika iStandard Bank, ememezele ukuthi isisebenzisana nenkampani yemikhiqizo yobisi iClover neMilk Producers’ Organisation (iMPO) ukunqanda ukubhebhetheka kwalesi sifo sezinkomo.

Owa’phoxa’ abazali eshintsha indlela usewumfuyi wezinkomo zohlobo

NGEMVA kokuphothula i-Diploma in Animal Production nokucijwa wumNyango wezoLimo, insizwa yaseMpumalanga nabazali bayo babenethemba lokuthi izothola umsebenzi ehhovisi  likaNokusho elinesihlalo esijikelezayo. Nokho izinto zahamba ngenye indlela.

INingizimu Afrika ibuyela ekuzikhiqizeleni imigomo yamatele 

NJENGOBA iNingizimu Afrika ibhekene nokubheduka kwamatele nezinkinga ezihambisana nawo, njengokutholakala kwemigomo ngokushesha, kuntwela ezansi ngemva kokuthi isikhungo socwaningo kwezolimo sidlulisele kungqongqoshe womnyango umthamo wokuqala wemigomo yamatele seloku sagcina eminyakeni ewu-20 edlule ukuyikhiqiza.

Abenzi betiye basemakhaya baya embukisweni omkhulukazi phesheya

UHLOBO lwetiye lomdabu laseLimpopo likhangiswa phesheya lapho izinkampani zokudla nezeziphuzo zaseNingizimu Afrika zidlana imilala khona ngemikhiqizo yazo embukisweni i-Anuga International Food and Beverage Trade Fair eseCologne, eJalimane. Lo mbukiso uqale mhlaka-4 kanti uphela kusasa.

Olima ngezindlela zesimanje uqhuba igama lomndeni kwezolimo

UMA kukhulunywa ngezolimo eNingizimu Afrika, kwesinye isikhathi kunabantu abafafaza inkoleloze yokuthi abantu abamnyama baqale ukubanentshisekelo yale mboni ngesikhathi okuqalwe ngaso uhlelo lokubabuyisela umhlaba ababephucwe wona ngesikhathi sobandlululo, okungelona iqiniso.  

Umfuyi osemncane uthuthukisa intsha ngamakhono

WUTHOBILE ZWANE  UMFUYI osemncane waseMpumalanga Kapa oyikazela iizindondo zolimo ucija abalimi bangomuso ukuqinisekisa ukuthi ayikho intsha engasebenzi.  UMnu uTshilidzi Matshidzula, oneminyaka ewu-35, usezuze inqwaba yezindondo zolimo kanti ufuna ukudlulisela ulwazi … Read More

Umlimi osemncane ufisa ukulima ku‘dlise’ entsheni

INTOKAZI yaseNgonyameni, ngaseMlaza, eningizimu yaseThekwini, KwaZulu-Natali, yabona ukuthi emphakathini ehlala kuwona imisebenzi iyindlala futhi abantu baswela ukudla nsuku zonke. Yalibona kanjalo ithuba lokwenza umehluko ngokulimela umphakathi amaveji.

Umlimi omncane uhamba endimeni eyaklanywa wumsunguli wepulazi

EDOLOBHENI iDennilton, eLimpopo, kunepulazi elibhekane nezinselelo eziningi kodwa manje eselichuma njengoba likhula ngamandla unyaka nonyaka. IMakuwa JJ Farming, kodwa esibizwa ngeMakuwa Latest, yipulazi elingamahekthare awu-40 kanti liyifa elashiwa wumsunguli walo uMnu uJJ Makuwa ongasekho.

Umlimi uqhubeka endimeni eyaklanywa wuyisemkhulu

ESIGODINI esincane iMoremela, eHlabekisa, eMpumalanga, ukulima emndenini sekuyindlela yokuphila amashumi eminyaka. Kwaqala ngomkhulu owayesebenza umhlaba, manje intokazi iqhuba lelo fa ngokuziqhenya.

Uqhakazisa umhlaba ngamaveji nezithelo okungavamile

EMASIMINI avundile budebuduze naseMangaung, eBloemfontein, eFree State, ipulazi elincane livunguza ngamandla afana nezitshalo ezikhula kulona. Umlimi osemcane oneminyaka ewu-20 uhlakulela amaveji angavamile nezithelo, kwesinye isikhathi okuhlukile kokwejwayelekile ngemibala.

Umfuyi wesifazane ulandela igama lakhe lobuBhunu

INTOKAZI yaseGanyesa, eNorth West, ekhulele emndenini ofuyayo ilandela isibongo sayo ngebhizinisi layo lokufuya futhi ehamba ezinyathelweni zikamkhulu wayo nonina, bobabili ababenothando lokulima.

Umlimi osemusha uhlakulela impumelelo 

ESIGODINI esithulekile iMhlwazini, eBergville, KwaZulu-Natali, owesilisa osemncane uqala usuku ngokuhlola amasimu akhe agcwele isipinashi, amaklabishi, utamatisi namazambane.

Umfelandawonye wabesifazane basemakhaya ukhuthazwe ngendlela yakudala yokulima

KUBALULEKILE ukuqhakambisa amandla nokuzimisela abantu besifazane basemakhaya abenza umehluko emphakathini ngokulima.

Uguqule amaphupho asebunganeni, wawenza ibhizinisi lokulima elichumayo

IZANDLA zentokazi esencane yaseLimpopo zazihlala zikwazi ukuzwa inhlabathi. Kusukela ekukhumbuleni kwayo kokuqala izindawo zasemakhaya ezijulile zaseKgosi, eSekhukhune, lapho ogogo bakhe babevuka ekuseni bambize futhi babendawonye behamba bebheka emhlabeni owudedangendlale.

Wangena kwezolimo ukuchaza unina ongasekho nokuzilapha 

UKULIMA yinto ejulile kwintokazi yaseMfume, eningizimu yaseThekwini, KwaZulu-Natali, njengoba ithi ukusebenza ngenhlabathi yikona okwamelapha emva kokudlula kukanina emhlabeni. Ukulima wumsebenzi ayevame ukuwenza naye ngaphambi kokugxila kuwona awenze ibhizinisi.

Ishayekile imboni yezolimo ngemisebenzi – usomnotho

IZIBALO zezinga lokungasebenzi kwabantu eNingizimu Afrika eziveze ukuthi isibalo sabantu abangasebenzi sinyukele ku-33.5% ngekota yesibili yango-2024, ezishicilelwe yiStatistics South Africa ngesonto elidlule, zitshengise ukuthi ukuncipha
kwemisebenzi kushaye kwezwakala kakhulu embonini yezolimo.

Bafafaza amakhono ezolimo entsheni yendawo

UPHILELA ukuhlinzeka umphakathi ngezithombo namaveji asanda kuvunwa ngamanani aphansi futhi unentshisekelo yokuqeqesha nokuthuthukisa amakhono ezolimo emphakathini ukuze uzithuthukise futhi uziphilise.

Ufukula umphakathi ngezifundo ezatshalwa wugogo nomkhulu 

UKUKHULELA emakhaya kugogo nomkhulu kumfundise ukulima nokulusa. Uthi umkhulu wakhe wamfundisa ukulusa nokunakekela imfuyo.

Abalimi abamnyama bafisa ukuncintisana ezingeni eliphezulu

ABALIMI abamnyama abasafufusa bafisa uhulumeni omusha ugxile ekubesekeni ukuze bafinyelele ezingeni elithile lokuncintisana elizokwenza bafake isandla esibonakalayo emnothweni. 

Phezu komkhono Hulumeni – abalimi bezwe

INHLANGANO yabalimi baseNingizimu Afrika ifisa uhulumeni omusha ugxile ekulungiseni izinselelo ezikhona ngemigomo nokuthi uqhubeke nezinhlelo ezikhona kulo mnyango ezweni lonke nasezifundazweni.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page