Abavukuza ezimayini ngokungemthetho sebezohlawula kanzima. Izithombe: Zithunyelwe

Umthethosivivinyo uhlongaza ukuthi ‘amaZamazama’ ahlawuliswe uR100 million

YINTATHELI YOMBELE 

UKULWA nenkinga yabavukuzi abaphendula iNingizimu Afrika igobolondo, ungqongqoshe womNyango woBulungisa uNksz uMmamoloko Kubayi umemezele ukuthi bahlela ukuchibiyela umthetho wezimayini ngokuthula i-General Mining Laws and Amendment Bill

Ngaphansi kwalo mthethosivivinyo uNksz uKubayi uthe abantu abavukuza ngokungemthetho bazohlawula uR100 million noma bavalelwe ejele iminyaka ewu-30. 

Kuleli sonto kufe abavukuzi abangekho semthethweni ababizwa ngamaZamazama abawu-14 abadabuka eLesotho ngesikhathi imayini akade bemba kuyona idilika eRustenburg, eNorth West. 

NgoLwesibili uNksz uKubayi uthe i-General Mining Laws Amendment Bill izoqinisekisa ukuthi ukumba ezimayini ngokungemthetho kuyicala njengoba bekungelona ekuqaleni. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/01/22/uhulumeni-nezinkampani-zezimayini-abasukumele-eyemigodi-eyasala-ikhamisile-kuloba-ujabulani-sikhakhane/

UNksz uKubayi uthe akusiwona amaZamazama kuphela azoboshwa kodwa nabalekelela ukuthi akwazi ukungena emgodini nabathenga umkhiqizo awumbayo bazoboshwa. 

UNksz uKubayi ufuna kujeze nabalekelela abavukuzi abangekho emthethweni

Uthe: “Kubalulekile ukuthi siqinise umthetho ngoba ukuvukuza ngokungemthetho kubeka umphakathi nengqalasizinda engcupheni futhi kuhambisana nobugebengu obuhleliwe. Kwenza imiphakathi ibenomhlaba oshonayo, njengoba kwezinye izindawo imizi isengcupheni yokuthi kugubheke imigodi.”

Izinguquko ezihlongozwa yilo mthethosivivinyo zisho ukuthi ngaphansi komthetho i-Diamonds Act inhlawulo yezaphulamthetho izosuka kuR250 000 ibewuR100m. Abagwetshwa ukuya ejele bazodonse iminyaka esuka kweyishumi iye kwewu-30. 

Ababoshwa ngokuphula i-Precious Metals Act bazohlawula uR100m kusuka kuR100 000, iminyaka yokudonsa ejele isuke kwewu-20 ibewu-30.

I-Junior Mining Council ithe iyakuthakasela ukuqinisa umthetho kukahulumeni kodwa kufanele wenze kubelula ukuthi abavukuzi abancane abasemthethweni bathole izimvume zokusebenza ukuze kuphele inkinga yamaZamazama.

Umfelandawonye wezinyunyana iSouth African Federation of Trade Unions uthe uhulumeni kufanele udale amathuba emisebenzi futhi ulandele izinkampani zezimayini ezingazivali kahle uma seziqede ukumba.

Ungqongqoshe unxuse izakhamuzi nezinye izinhlaka ezithintekayo ukuthi ziphawule ngalo mthethosivivinyo kusukela manje kuze kube wumhlaka-11 wangoSepthemba. Imininingwane yalo mthetho itholalaka ngokungena ku- https://justice.gov.za/index.html

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page