Inkunz’ emidwayidwa

UNkk uBusi Skenjana, umsunguli weStokvel Academy, isikhungo esicija izitokfela ezihlukene. Isithombe: Sithunyelwe

Ingaphezu kweminyaka ewu-50 eyibambe ishisa ezitokfeleni

IMBONI yezimali kuyithathe isikhathi eside ukubona ukunotha kwezitokfela futhi namanje abanye kuyona abakakuboni ngokuphelele ngenxa yomlando wezwe wobandlululo nendlela le ndlela yokonga imali eyaqala ngayo.

Inhloko ebheke ukugwema ingozi eStandard Bank Group naseStandard Bank South Africa, phecelezi i-chief risk officer, uMnu uThabani Ndwandwe. Isithombe; Sithunyelwe

Ukugada ingozi yinto ayizwa emithanjeni yegazi

YIZE athatha isinqumo esadumaza abazali bakhe, ibandla nomphakathi omkhulisile ngesikhathi eshintsha izifundo ayezenza enyuvesi, namuhla usevuna okuhle ngaleso sinqumo futhi neNingizimu Afrika iyahlomula.

UDkt uNgobani Makhubu uqokwe wumengameli wezwe ukuthi abewukhomishana weSouth African Revenue Service. Isithombe: Sithunyelwe

Isinomphathi omusha iSouth African Revenue Service

OBEYISEKELA likakhomishana weSouth African Revenue Service (iSars) uDkt uNgobani Makhubu nguye osezophatha lesi sikhungo sikahulumeni esiwumqoqintela. 

Kusukela ngonyaka ozayo uNks uLytania Johnson uzoncelisa amawele eFNB, njengoba ezoba yisikhulu esiphezulu seFNB nese-Retail and Business Banking. Isithombe: Sithunyelwe

Zikhwele kwi’mbokodo’eFNB ezobayisikhulu esiphezulu

I-FIRSTRAND imemezele izinguquko ebuholini baleli bhange njengoba uNks uLytania Johnson ezophatha izikhundla ezimbili, esokubayisikhulu esiphezulu seFNB nesokubayisikhulu esiphezulu se-Retail and Business Banking (iRBB). 

UMnu uSam Ngumeni uthatha izintambo zokubayisikhulu esiphezulu saseWoolworths. Isithombe: Sithunyelwe

Zikhwele kuNgumeni, ‘umfana omdala’ eWoolworths 

NGEMVA kokuthi isikhulu esiphezulu eWoolworths uMnu uRoy Bagattini sithatha umhlalaphansi, lesi sitolo sizovala isikhala sakhe ngoMnu uSam Ngumeni.

UMnu uLebogang Mogashoa, ozobawumXazululi weziNkinga zeziMpesheni kusukela ngenyanga ezayo. Isithombe: Sithunyelwe

INingizimu Afrika isizobanomxazululi wezinkinga zezimpesheni omusha 

UNGQONGQOSHE womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana umemezele ukuthi useqoke uMnu uLebogang Magashoa ukuthi abe wumXazululi weziNkinga zemPesheni kusukela ngoDisemba 8. 

UMnu uCheslyn Jacobs uzowuqala kamnandi unyaka ozayo njengoba ezobayisikhulu esiphezulu saseTymeBank kusuekela Januwari wangonyaka ozayo. Isithombe: Sithunyelwe

Kugcwalisiwe ukuthatha izintambo kwesikhulu esisha eTymeBank 

I-TYMEBANK ithole imvume yePrudential Authority yeBhange lomBuso ukuthi iqhubeke nokuqoka uMnu uCheslyn Jacobs abeysikhulu esiphezulu esisha, kusukela ngomhlaka-1 wangoJanuwari wangonyaka ozayo. 

UKapt uDennis Mqadi oqale umsebenzi wakhe wokuba yisikhulu esiphezulu seSouth African Maritime Safety Authority kule nyanga. Isithombe: Sithunyelwe

I-Samsa inomshayeli omusha onamava

INKAMPANI kahulumeni engamele ukusebenza nokuphepha kwalo lonke ulwandle lwaseNingizimu Afrika iSouth African Maritime Safety Authority (iSamsa) imemezele ukuthi uKapt uDennis Mqadi useyisikhulu esiphezulu sayo. 

Umsunguli nosihlalo weChapu Chartered Accountants uMnu uRhangani Mbhalati uthi le nkampani esiqashe abantu abawu-100 ikhuliswe ngamakhasimende atshele abanye ngayo. Izithombe: Sithunyelwe

Ukhuthazwe wububha onenkampani ecwaninga amabhuku yabamnyama

NGESIKHATHI elwela ukushintsha izifundo ayezenza eseku-Grade 11 ngoba esefuna ukufunda iziBalo wayephokophele ukushintsha impilo yakhe neyezingane zakubo engazi ukuthi uzogcina eshintsha nenqwaba yeminye imindeni.  

UDkt uMzamo Masito, umphathi weCanva Africa nomsunguli wenhlangano engenzi nzuzo enakekela abafana abampofu i-African Men Care. Izithombe: Zithunyelwe

Ukhathalele imfundo nokufukula abafana abahlwempu

UKUBONA unina evuka ezithatha iminyaka isihambile ngokubuyela esikoleni kumenze waphokophela ukwenza izinto ezinkulu nezingcono empilweni.

UMnu uSandile Dhlomo uthathe izintambo zokubayinhloko ye-Ericsson South Africa. Isithombe: Sithunyelwe

Zikhwele kuDhlomo e-Ericsson South Africa

UMNU uSandile Dhlomo uzobayinhloko entsha ye-Ericsson South Africa kusukela ekuqaleni kwale nyanga nelungu lethimba elihola i- Ericsson West and Southern Africa.

Umphathi weHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele KwaZulu-Natali uNkk uNomalungelo Mkhize uthi ihhhovisi lakhe aligcini nje ngokugada ukulahleka kwemali kodwa konke okwenzela phansi umphakathi. Isithombe: Sithunyelwe

Isiqengqe sezinombolo sijatshuliswa wukuletha ushintsho empilweni yabantu

UPHUMA emndenini ogcwele othisha kwazise uninakhulu wayewuthisha, omalume nezinye izihlobo bawothisha. Ngisho unina washiya ubunesi, wabawuthisha.

UNksz u-Andiswa Bata usanda kuqokwa ukuthi abeyi-managing executive for Business and Commercial Banking eNedbank Group. Isithombe: Sithunyelwe

Umakadebona emabhange ahlukene uyoshintsha izinto eNedbank

I-NEDBANK imemezele ukuqokwa kukaNks u-Andiswa Bata abeyi-managing executive for Business and Commercial Banking kuleli bhange. 

Obeyiphini lomqondisi-jikelele eHhovisi lomGcinimafa uNks uTshepiso Moahloli uyoqala eNew Development Bank. Isithombe: Sithunyelwe

Zikhwele kuNksz uMoahloli eNew Development Bank

OBEYIPHINI lomqondisi-jikelele eHhovisi lomGcinimafa emNyangweni weziMali eqondene ne i-Asset and Liability Management, uya eNew Development Bank (iNDB) ukuyobawumqondisi-jikelele we-Africa Regional Centre. 

Isikhulu esiphezulu eStandard Bank Group uMnu uSim Tshabalala sibuswa wumqondo othi amabhange kufanele aqikelele futhi aqinise isandla ngoba imali ayisebenzisayo akuyona eyawo, ngakho awakwazi ukwenza noma yikanjani ngemali yabantu. Isithombe: Sithunyelwe

Abantu baseNingizimu Afrika bantula ulwazi ngemali – uTshabalala

KUNINGI osekwenziwe yimboni yezimali ukufukula abantu, ikakhulu labo ababencishwe amathuba kodwa kuningi esengakwenza ukunciphisa ukungalingani nokuqinisekisa ukuthi wonke umuntu ubamba iqhaza emnothweni.

Ngemva kweminyaka ewu-11 sibambe amatomu, sithatha umhlalaphansi isikhulu esiphezulu saseCapitec Bank uMnu uGerrie Fourie. Isithombe: Sithunyelwe

Isikhulu seCapitec sibeka izintambo phansi

SITHATHA umhlalaphansi ngoJulayi isikhulu esiphezulu saseCapitec Bank uMnu uGerrie Fourie, ebesesiphathe lesi sikhundla iminyaka ewu-11.

UNksz uSenamile Masango, i-nuclear physicist nomsunguli weSenamile Masango Foundation, egxile ekuthuthukiseni abantu besifazane kwisayensi, ushone ngokuzuma ngempelasonto. Izithombe: Zithunyelwe

Ubewusosayensi ofuna izisombululo ezintsha nonentshisekelo yokufukula abantu besifazane

UNKSZ uSenamile Masango, obesanda kuqokwa wumengameli uMnu uCyril Ramaphosa ukuthi abeyilungu leHuman Resource Development Council, akasekho emhlabeni. Ubeneminyaka ewu-37.

Sikhulu isililo ngokushona kukaMnu uTito Mboweni, ophathe izikhundla ezihlukene kuhulumeni. Isithombe: Sithunyelwe

‘UMboweni ufukule umnotho waseNingizimu Afrika’ 

UZOKHUNJULWA ngokuba ngomunye wabaholi ababenesandla esikhulu ekusimamiseni umnotho waseNingizimu, izinhlaka zawo nokubambelela ezimisweni zokukhulula abantu abamnyama uMnu uTito Mboweni, ongasekho emhlabeni. Ubeneminyaka ewu-65.

UDkt uVusi Mazibuko, imenenja-jikelele yeMoses Mabhida Stadium yaMasipala waseThekwini. Izithombe: Zithunyelwe

Ugalagala lokuphatha ezemidlalo luphila ubizo

NGO-1976, unyaka abafundi baseSoweto abavuka umbhejazane ngawo, okwaholela ekukhwezeleni umzabalazo wabantu abamnyama eNingizimu Afrika ngaphansi kukahulumeni wengcindezelo yohulumeni wobandlululo, wayemthuqasi elusa izinkomo ngenkathi ontanga yakhe besesikoleni

UMnu uNhlanhla Ndlovu, isikhulu esiphezulu seCivil Society South Africa. Izithombe: Zithunyelwe

Ubuholi bamlandela esewumfundi osezungeze umhlaba eshisekela intuthuko emphakathini

ISENZO sobandlululo lwabelungu asibona esewumfana edolobheni sokhela inhlansi wokuba yisishabasheki somzabalazo, osewumholi onohlonze emkhakheni wokuthuthukisa umphakathi nokuklama izinqubo zokumela abantu abangontembuzana

Usihlalo omusha weShell South Africa uMnu u-Aluwani Museisi uxoxe noMbele ngezinhlelo zakhe kulo msebenzi wakhe omusha. Isithombe: Sithunyelwe

Uqhakambisa igalelo lomndeni othathe amatomu eShell South Africa

Uqhakambisa igalelo lomndeni othathe amatomu eShell South Africa

UMnu uTshepo Kgobe, isikhulu esiphezulu esisha seGautrain Management Agency, uthembisa izinguquko ezizohlomulisa abagibeli, zingenise imali. Izithombe: Zithunyelwe

Uwunjiniyela ongenqeni ukwenza ushintsho umphathi weGautrain 

WUSLINDILE KHANYILE UKUKHONZILE ukuguqula izinto ezinkampanini kanti lapho ekhona, usenze izinguquko kathathu. Njengoba esanda kukhushelelwa esikhundleni esisha, usephezu kwezinguquko zesine, athi mancane amathuba okuthi zingezokugcina.   UMnu uTshepo Kgobe uyisikhulu esiphezulu … Read More

UNkk uTaweni Gondwe-Xaba, i-managing director yaseThe Hardy Boys, inkampani yezokukhangisa. Isithombe: Sithunyelwe

Ukunconywa wuthisha esemncane kwamholela emkhakheni wokubhala owujikelele kwezokukhangisa, ukushicilela nobuntatheli. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

OMUNYE wothisha ababemfundisa isiNgisi esikoleni samabanga aphezulu wancoma indlela abhala nacabanga ngayo. Loko kwamvula amehlo wazibona ukuthi kanti kukhona into enhle akwazi ukuyenza.

Umsunguli we-Asikhulesonga Co-operative Financial Institution yaseMbumbulu, eThekwini, KwaZulu-Natali uMnu uThemba Mgwaba. Izithombe: Zithunyelwe

Inkulu imfihlo yomnotho elele kwimifelandawonye, kusho osesungule ibhange lalolu hlobo. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe

ININGIZIMU Afrika kufanele ishintshe indlela ebuka ngayo izinhlangano eziyimifelandawonye ukuze ifukule umnotho futhi ikhulise osomabhizinisi abanamabhizinisi angabhalisiwe.

UNks uZibu Nqala, isikhulu esiphezulu se-Entry Markets eFNB. Isithombe: Sithunyelwe

Uphokophele ukuthi amabhange aqhamuke nezisombululo ezisiza amakhasimende antulayo. Uxoxe neNTATHELI YOMBELE

UKHULELE emndenini owawungaswele eDikeni, eMpumalanga Kapa, kodwa uyayazi kahle impilo yemindeni entulayo.

UDkt uPam Ntshangase-Mpanza, umsunguli we-Excellence Health Foundation yaseThekwini, KwaZulu-Natali. Isithombe: Sithunyelwe

Uyisishoshovu sezifo zabesifazane owayehlushwa wukubona befika esibhedlela sebesokhukhweni lokufa. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

AKAPHATHEKANGA kahle ngelinye ilanga esamncane esikhungweni sezempilo kade egula. Wanquma ngaleso sikhathi ukuthi uzoba wudokotela oyophatha kahle iziguli. Kwaqondana nokuthi vele uyaziphuzela kwisayensi nezibalo. 

UMnu uMfundo Mabaso, i-growth head yeFNB Home Finance Isithombe: Sithunyelwe

Emsebenzini wakhe uphilela ukuthi wonke umuntu abe nekhaya elithi yena. INTATHELI YOMBELE iyabika

UMNU uMfundo Mabaso, i-growth head yeFNB Home Finance, wumuntu olwela ukuthi abantu babe nemizi, kuthuthukiswe imigomo okuhloswe ngayo ukuthi kube nemizi ebiza kahle futhi ugxile kakhulu kbantu abangaxhaswa wuhulumeni.

UNkk uNtokazi Nkosi, umsunguli weNtokazi Catering & Events yaseThekwini, KwaZulu-Natali Izithombe: Zithunyelwe

Uqweqwe lomnikazi webhizinisi lokupheka nemicimbi elishaya into ecokeme wavulwa amehlo wumyeni wakhe. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UKUBA wuthisha we-Home Economics iminyaka egida ndawonye kwagcina kumcobe amathambo.

UNkk uDumile Mofokeng, omunye wabasunguli beDT Nursing School yaseThekwini, KwaZulu-Natali

Isithombe: Sithunyelwe

Banebhizinisi elixazulula inkinga yokushoda konesi eNingizimu Afrika. Omunye wabo uxoxe noSLINDILE KHANYILE

BANGABANYE babantu abalekelela iNingizimu Afrika ilwe nenkinga yokuntuleka kwemisebenzi. Kwathi uma bebona inqwaba yabafundi engamukelwa emanyuvesi nasezibhedlela eziqeqesha onesi baqhamuka nesisombululo.

UMnu uBheki Madide, umsunguli nomqondisi we-Ukhozi Tracker, enekomkhulu KwaZulu-Natali

Izithombe: Zithunyelwe

Onohlanga lokukhanda nowaqala ukusebenza emkhakheni wezinhlangano ezingenzi nzuzo ezithuthukisa umphakathi uyivulandlela emkhakheni wokulandela izimoto ngobuchwepheshe. Uxoxe noLANGA KHANYILE

“LOKU okubona ungaphandle ngale mboni kuyiko. Kukhonya izinkampani ezimbalwa; zingezezinye izinhlanga, zingamadlandawonye, zisebenzisana nemishwalense eyodwa. Kunzima uma ungeyena omunye wazo.”

UMnu uBheki Mkhize, isikhulu esiphezulu seFNB Wealth and Investments

Isithombe: Sithunyelwe

Uphokophele ukufundisa abantu ukuthi ukutshala imali akusikho okomntakabani kuphela. INTATHELI YOMBELE iyabika

UMNU uBheki Mkhize, isikhulu esiphezulu seFNB Wealth and Investments, uhola ithimba elinomsebenzi omkhulu wokuqikelela ukuthi imali etshalwa ngamakhasimende abo iphephile, iyakhula futhi ayakuzuza asuke ekuhlosile ngayo.

UMnu uVuyani Jarana, umsunguli nesikhulu esiphezulu se-Ilitha Telecommunications yaseMpumalanga Kapa

Izithombe: Zithunyelwe

Usebenzisa ulwazi nesipiliyoni sobuchwepheshe ukufukula abasemalokishini nasezindaweni zasemakhaya. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

AKAZIHLUPHI ngemisebenzi athi uma eyibheka abone ukuthi awukho umehluko azowenza emphakathini ikakhulukazi ukuphucula impilo yabantu abampofu. Uthi kumqoka kuye ukuthi ethi ebangenisela abanikazi benkampani imali kodwa nempilo yabantu ibe ngcono.

UMnu uMusa Mabesa, isikhulu esiphezulu seGovernment Employees Pension Fund

Isithombe: Sithunyelwe

Ophethe isikhwama esikhulu sempesheni ujatshuliswa wukwazi ukuthi usiza izaguga. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UKUBONA impilo entofontofo ephilwa wuyisemkhulu noninakhulu ngenxa yempesheni abayihola esikhwameni sempesheni sezisebenzi zikahulumeni ngenye yezinto ezimgqugquzelayo emsebenzini wakhe, ezimenza awuhloniphe futhi aqonde ukubaluleka kwawo.

UNks uBaratang Miya, umsunguli nesikhulu esiphezulu seGirlhype yaseWoodstock, eNtsonalanga Kapa

Isithombe: uSlindile Khanyile

Owaqala ukubona ikhompyutha enyuvesi usesebenzisa ubuchwepheshe ukuthuthukisa amantombazane amnyama. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KWAPHELA iminyaka eyisishiyagalolunye engakwazi ukuyofundela umsebenzi emva kokuphothula uMatikuletsheni.

UNkk uNobuntu Hlazo-Webster, umphathi we-Avad Media ne-African Pursuit zaseGoli, eGauteng

Isithombe: Sithunyelwe

Ungene emabhizinisini ephokophela ukwenza ushintsho kanti manje useyoluzama kwipolitiki. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

EKHULA wabona ukuthi indlela abantu abaphila ngayo eNingizimu Afrika ayifani, okwamgqugquzela ukuthi afune ukwenza izinto ngendlela ehlukile waze wagcina esewusomabhizinisi.

UMnu uSiphamandla Mkhwanazi, usomnotho omkhulu eFNB

Izithombe: Zithunyelwe

Ubonga uthisha wakhe osewuqweqwe lukasomnotho. INTATHELI YOMBELE iyabika

UKUKHUMBULA into eyashiwo wuthisha owayemfundisa izibalo, okwaba nesandla emkhakheni agcina ewuthathile.

UNkk uZandile Malinga, umsunguli weStarline Boxing Promotion yaseThekwini, KwaZulu-Natali

Izithombe: Zithunyelwe

Ubona inhlansi yethemba oneminyaka eyibambile ebhizinisini lesibhakela. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UKHULELE emndenini okhonze ezemidlalo kangangokuthi njalo ngeSonto babethi uma bephuma enkonzweni babazi ukuthi bazobuka ibhola nesibhakela.

UMnu uBongani Mavuso, umsunguli weKaMavuso Group, ongcwatshwe ngempelasonto

Izithombe: Zithunyelwe

Ngempelasonto kungcwatshwe umsunguli weKaMavuso Group, ingwazi yentatheli, umlobi neciko. Ngonyaka odlule waxoxa noMbele ngohambo lwakhe. Namhlanje siphinda sishicilela ingxoxo yakhe ukumkhumbula. UZIMBILI MAZIBUKO waxoxa naye

UTHANDO ngomlando wabantu base-Afrika nobuciko sekumvulele iminyango eminingi namathuba ebhizinisi umbhali, usomabhizinisi nentatheli esimnkantshubomvu.

UNkk uNollie Maoto, i-chief data and analytics officer eFNB Commercial Merchant Services

Isithombe: Sithunyelwe

Amagalelo akhe azwakala emhlabeni ophethe embonini yezobuchwepheshe lapho abantu besifazane beseyingcosana khona. INTATHELI YOMBELE iyabika

KWEZOBUCHWEPHESHE, lapho kuhlale kuqhamuka khona izinto ezintsha, kushunyayelwa ivangeli elithi abantu basheshe bayiyeke into uma kubonakala ukuthi ngeke iphumelele, baqhubekele kwenye.

UMnu uNyimpini Mabunda, isikhulu esiphezulu seGeneral Electric Southern Africa

Izithombe: Sithunyelwe noSlindile Khanyile

Ucathulisa abafisa ukuphatha izinkampani ezinkulu ukuze banga‘bhayizi’ njengaye. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UBHALE incwadi afisa sengathi ngabe wayifunda esemncane neyayizomhlomisa njengoba ethi wake waphuphutheka ngoba engazi ukuthi ibhokile ipolitiki futhi kudliwana izithende ezinkampanini ezinkulu.

UMnu uDuma Ngcobo, i-chief operating officer eTracker Connect

Izithombe: Zithunyelwe

Uwumholi ozalwa ngabaholi, usebenza ngaphansi kweso labaholi abanohlonze nobuhlakani kanti manje ucija abanye abaholi. Uxoxe noLANGA KHANYILE

NAKUBA ekhule ewuthunjana, kunamabhizinisi futhi kunesithabathaba esinamagumbi okulala ayisithupha kubo kodwa uMnu uDuma Ngcobo, i-chief operating officer yaseTracker Connect, waqala ukuba nekamelo eneminyaka ewu-16.

UMnu uSandile Ndlanya, i-chief operations officer yeMpucuzeko Training and Skills Development Centre nomqondisi weWushe Projects

Isithombe: Sithunyelwe

Unoxhaxha lwezitifiketi emikhakheni eminingi osekhaleni lokuguqula indlela ezobuciko ezibukwa ngayo. Uxoxe noLANGA KHANYILE

EFUNDA uMatikuletsheni wayazi kahle kamhlophe ukuthi akufuni ukuba wuthisha ngenxa yokuthi wayezalwa wothisha futhi ezalwa nabo. Nakuba ayazi ukuthi ufuna ukusebenza kwandabazabantu, ngenxa yokubukela kubaba wakwamakhelwane owayenomuzi omuhle futhi eshintsha ubutsetse bezimoto, kodwa wagcina ewubuthisha.

UNks uLebo Madiba, isikhulu esiphezulu sePR Powerhouse

Isithombe: Sithunyelwe

Kwamsiza ukuba nabamcathulisayo osekhulise enye yezinkampani ezihlonishwayo kwezokukhangisa nokuxhumana. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KUYASIZA ukukwazi ukwenza umsebenzi ibhizinisi lakho eligxile kuwona. Kepha okumqoka kakhulu wukuba nendlela yokwenza umsebenzi ehlelekile, ukusebenza nabantu abafanele nokulungiselela nokuhambisana nokukhula kwenkampani. Ukungazenzi lezi zinto kungasho ukuwa kwenkampani ngoba isikhathi esiningi ebhizinisini sidliwa ngeminye imisebenzi eyinsika ekuhambeni kwezinto ngohlelo.

USolwazi uTshilidzi Marwala, osanda kuqokwa wangumphathi omusha weNyuvesi yeNhlangano yeZizwe nongumphathi we-University of Johannesburg

Isithombe: Sithunyelwe

Ungoti wezemfundo nobuchwepheshe uthi intsha iyinsika ekukhuleni kwe-Afrika, inqobo nje uma izokwesekwa ngezindlela ezifanele. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

I-AFRIKA inabantu abaningi abasebancane nabasengakwazi ukusebenza. Loku yiyonanto eyenza ihluke futhi engadlisela ngayo ogageni amanye amazwekazi.

UNksz u-Andiswa Mlisa, isikhulu esiphezulu esibambile eSouth African National Space Agency

Isithombe: Sithunyelwe

Uzinikele ukuthuthukisa ulwazi ngokwenzeka emkhathini ukuphucula impilo yabantu emhlabeni. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UKUSEBENZA ngama-satellite nokwenzeka emkhathini yizinto ezingabukeka ziqhelelene nabantu kodwa empeleni kuningi okungama emhlabeni uma kungathiwa lezi zinto azisebenzi. Ukuziqonda kuyasiza futhi kugwema izibhicingo emhlabeni.

UNksz uSonto Mayise, isikhulu esiphezulu eKZN Convention Bureau

Izithombe: Zithunyelwe

Usekhaleni lokuthungathela iKwaZulu-Natali imicimbi owangena kwezokuvakasha engaqondile. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ININGIZIMU Afrika iyahlomula ngoba ewumuntu onganqeni ukuzama izinto ezintsha njengoba afundela ezokuvakasha engaqondile kangangokuthi ngisho nonina wayephoxekile ngoba engasaqhubekanga nokwenza izifundo zokuba yi-chartered accountant.

UNksz uSbusisiwe Myeni, isikhulu esiphezulu se-Imbeleko, Dr Seni Myeni Foundation nomsunguli weKamusa Risk Consulting

Izithombe: Zithunyelwe

Owakhuliswa ngabazali abesebenza emphakathini uhamba ezinyathelweni zabo futhi ufeza iphupho lakhe nelewele lakhe eselenda. Uxoxe noLANGA KHANYILE

NGEMVA kweminyaka esebenza emkhakheni wamabhange, ukusebenzela izikhondlakhondla zamabhange amabili eNingizimu Afrika, ukudla umhlanganiso ngemiklomelo emikhulu namathuba okusebenza embonini ezimele umakadebona emkhakheni wamabhange usegxile obizweni lwakhe – ukuletha ithemba lapho amathuba eyivelakancane khona.

UNksz uSenamile Masango, i-nuclear physicist nomsunguli weSenamile Masango Foundation, egxile ekuthuthukiseni abantu besifazane kwisayensi

Izithombe: Zithunyelwe

Uwusosayensi ofuna izisombululo ezintsha nonentshisekelo yokufukula abantu besifazane kulo mkhakha. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe

WAZI eneminyaka ewu-11 ukuthi angathanda ukuba wumuntu wesifazane wokuqala e-Afrika ukuya emkhathini kanti nakuba kungakenzeki kodwa ziloku zivelile izimpawu zokuthi yiphupho elizogcina lifezekile.

UMnu uPaul Nzimande, umsunguli we-El Roi Communications neMan Lives, usomaqhinga ocija abaholi namabhizinisi, usomabhizinisi ofukula umphakathi nomlobi

Izithombe: Zithunyelwe

Unamava okusebenza, ukuzisebenza, unentshisekelo yokufukula umphakathi nentsha. Ukholwa wukuthi amabhizinisi adinga uNkulunkulu. Uxoxe noLANGA KHANYILE ngohambo lwakhe

“KHULISA umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile, angasuki kuyo.”

UMnu uSimphiwe Nkula, umsunguli we-Emerald Metering & Utility Management

Isithombe: Sithunyelwe

Ongene ebhizinisini engaqondile uxazulula izinkinga zikagesi namanzi. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

WAWUMCHAZA umbhoshongo kagesi ayewubona eseyingane. Ayekwazi ngawo wukuthi yilapho kuqhamuka khona umsakazo njengoba babewubiza nge-FM pole. Isifiso sakhe kwakuwukuthi ngelinye ilanga aqwale lo mbhoshongo, okuyisona esamholela ezifundweni zobunjiniyela.

Podcasts

Inqolobane