Omasipala abebegodlelwe imali wumGcinimafa sebeyitholile
WUBONISWA MOHALE
KULO nyaka kuqopheke umlando eNingizimu Afrika ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana egodla uR13,5 billion oyimali yesabelo umGcinimafa asinika omasipala.
Le mali uyigodle ngenxa yokuthi omasipala abawu-69 bebengayiphethe kahle imali, bengazikhokhi izikweletu ngesikhathi futhi besebenzisa imali abangenayo.
Isazi somnotho esizimele uSolwazi uBonke Dumisa sithe kubalulekile ukuthi omasipala baqonde ukuthi imali abayithola kumGcinimafa ngeyokwenza izidingo futhi siqine isandla uma bengazifezi lezo zidingo.
Uthe isinqumo sikaGodongwana besibalulekile ngoba sithumela umlayezo oqondile wokuthi ukungaphathi kahle izimali zomphakathi kunomphumela omubi kwabenza lo mkhuba.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/20/sekuthela-izithelo-ukugodla-imali-yomasipala-ugodongwana/
Izolo umGcinimafa udedele imali abeyigodliel ewuR7,1bn njengoba abanye omasipala bazilungisa izinto ayekhale ngazo kodwa abanye abakazilungisi, wayidedela ngoba esenzela ukuthi kungaphazamiseki ukuhlinzeka izidingo emphakathini.
Uthe yize esebanikile imali yabo kodwa loku akusho ukuthi uzobadedela benze umathanda ngoba usazobaqapha ngeso lokhozi ukuthi bayawulandela umthetho wokuphatha izimali zomphakatih i-Public Finance Management Act (iPFMA).
Ngesonto elidlule osonkontileka abalungisa ingqalasizinda yamanzi kuMasipala waseThekwini babhikishe emahhovisi asePinetown bekhala ngokuthi sekuphele izinyanga bengakhokhelwe.
Osonkontileka abakhulume noMbele, kodwa bacela ukungadalulwa njengoba umasipala usuqalile ukukhokha, bathe inkinga yokungakhokhelwa kosonkontileka abasebenza ngengqalasizinda yamanzi iqale ngemva kokuthula uhlelo lokufaka ama-invoice online ngoNovemba ngonyaka odlule.
Akusiwona wodwa lo masipala okweleta osonkontileka. Umehluko wukuthi abakhona bebebhikisha njengoba owaseGoli nowase-Ekurhuleni nabo bekweleta osomabhizinisi izigidi zamarandi.
Omunye usonkontileka uthe bayafisa ukuthi omasipala balandele umthetho abazibekele wona wokubakhokhela kungakapheli izinsuku eziwu-30 uma sebethumele ama-invoice.
Ungqongqoshe womNyango wokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uMnu uVelenkosini Hlabisa uthe banesivumelwano nomNyango weziMali ukuthi umGcinimafa kufanele abaqaphe ngeso lokhozi omasipala. Loku kuzoqinisekisa ukuthi ababuyeli esimweni sokungaphathi izimali kahle.

UHlabisa uthi umNyango wokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu usebenzisana kahle nomGcinimafa
Kuzokhumbuleka ukuthi iPublic Service Commission (iPSC) ikhiphe umbiko kulo nyaka othi osomabhizinisi bakweletwa wuhulumeni uR15,5bn njengoba ngonyaka wezimali wango-2025/26 kungakhokhwanga ama-invoice awu-90 856.
Ukhomishana wePSC uMnu u-Anele Gxoyiya uthe isaqhubeka inselelo yokungakhokheli osomabhizinisi kungakadluli izinsuku eziwu-30 ezibekiwe. Uthe abenza loku baphula iPFMA futhi babeka amabhizinisi amancane engcupheni yokuwa.



