Izimoto ngezinye zezinto iNingizimu Afrika evelele ekuzikhiqizeni. Kubalulekile ukuthi leli zwe lazi elimandla kukona engahweba ngakho namanye amazwe, kusho umlobi wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Kuningi okuhle ngokuhwebelana namanye amazwe, kuloba uJabulani Sikhakhane

UKUXHUMANA kwamazwe ngokwezomnotho nezimali kubalulekile entuthukweni yamazwe, ikakhulukazi asafufusa, njengeNingizimu Afrika. Kungaba nemiphumela eminingi engaba wusizo olukhulu ukuthuthukisa izwe. 

Loku kuxhumana kwenzeka kakhulu ngokuhwebelana phakathi kwamazwe nokutshala imali. Nokho izwe kumele lizazi ukuthi lime kuphi ngokwamakhono uma liziqhathanisa namanye amazwe nokuthi yiziphi izimpahla elingazikhiqiza ukuze likwazi ukuncintisana namanye amazwe. Uma linesifiso sokwenza izimpahla ezithile kodwa lingenawo amakhono ako, kufanele lizibuze ukuthi yini okufanele liyenze ukuze libe nalawo makhono

Kubalulekile loku njengoba iNingizimu Afrika ihlale ishumayela ivangeli lokuvuselela izimboni, ikakhulukazi nokusebenzisa imikhiqizo yamagugu ambiwayo ukwenza izimpahla ezingadayiswa kwamanye amazwe. Okwamanje iNingizimu Afrika idayisa okumbiwayo kwamanye amazwe lapho kufike kuguqulwe ukwenza izimpahla, ezinye zazo ezibuye zizodayiswa ezweni.

Uma sikhuluma ngokuhwebelana kwamazwe sisho izinkampani ezizinze kula mazwe, ezizimele nezingaphansi kukahulumeni. Amazwe ngokwawo awakwazi ukuhwebelana.

Ukuhweba nokutshala imali kunezithelo ezinhle, kanti kungaba wumnyombo wemiphumela yezinkinga eziqhamuka kwelinye izwe.  Kwenzeka loku ngo-2008 ngesikhathi imiphumela emibi eyadalwa izinkinga zamabhange aseMelika nokusebenza kwezimakethe kwakapakela kwamanye amazwe.

Ukubaluleka kokuxhumana entuthukweni nenqubekelaphambili yezwe kusho ukuthi abaphathi bezwe kufanele basebenze kanzima ukuqinisa ubudlelwano bezwe namanye. Kanti kufanele bahlale beqaphe izinkinga ezingaqhamuka ngalobu budlelwano, bazilungiselele ukuthi izwe likwazi ukumelana nako.

Amanye amazwe avame ukwandisa amazwe anobudlelwano nawo ukuze izwe linganciki kakhulu ebudlelwaneni nezwe elilodwa. Lesi sinyathelo siba ngenye yezindlela zokuvikela izwe ezinkingeni ezingaqhamuka kwelinye.

Kwezohwebo, ubudlelwano bamazwe bulawulwa yizivumelwano phakathi kwamazwe noma yizinhlangano zamazwe, ezinjenge-European Union neSouthern African Development Community. 

Kunemigomo futhi ebekwe yiWorld Trade Organization elawula ukuhweba phakathi kwamazwe angamalungu ale nhlangano.

Kuningi okuhle ngokuhweba. Okokuqala, ukuthenga kweNingizimu Afrika kwamanye amazwe kusho ukuthi abantu bakuleli zwe bathola izimpahla ezisezingeni eliphezulu, isibonelo nje amakhompyutha asetshenziswa ezweni namaselula akhiwa kwamanye amazwe.

Izinkampani zaseMelika nakwamanye amazwe anjengeSouth Korea zisebenzisa izindodla zezimali unyaka nonyaka zifuna ubuchwepheshe obusha bokuthuthukisa amakhompyutha namaselula eziwakhiqizayo. Izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ziyahlomula ngaloku, ngenxa yokuvuleka kwemigudu yohwebo.

Kubalulekile loku ngoba amazwe awavamile ukufana ngezinga lamakhono okwenza izimpahla ezithile nobuchwepheshe obuhambisana nalokhu. Okwesibili, umehluko ngamazinga entuthuko usho ukuthi ukwenza izimpahla nezinye izidingo ezithile kwenzeka kalula kwamanye amazwe.

Kusho ukuthi izwe ngalinye lingakwazi ukuncika kakhulu kulokho elinekhono kulo. Nokho lokhu akusho ukuthi izwe ngeke likwazi ukuthuthuka lize libenekhono lokwenza izimpahla ezithile. Okubalulekile wukuthi izikhulu zezwe zazi ukuthi yini okufanele yenziwe ukuze izwe lifinyelele kulelo zinga.

Asilinganise ngemboni yamadayimani. Le mboni inezigaba. Esokuqala esokuthola lapho ekhona bese kwakhiwa imayini. Kulandele izikhungo lapho amadayimane ehlukaniswa ngezinhlobo nezinga lawo. Uma esehlukanisiwe athunyelwa lapho esikwa bese epholishwa khona. Emva kwaloko athunyelwa emafemini enza ubucwebe, okungaba yimigexo nezindandatho okudayisa ezitolo. 

Zonke lezi zigaba azikho endaweni noma ezweni elilodwa. Ngamanye amazwi, ukusika nokupholisha amadayimani akwenziwa kakhulu ezweni eliwakhiqizayo. Isizathu saloku wukwehluka kobuciko nobuchwepheshe. 

Emazweni lapho kumbiwa khona amadayimane, njengeBotswana, iNamibia neNingizimu Afrika, awavamile ukuba neqhaza elikhulu ekusikweni nokupholishwa kwawo emhlabeni jikelele.

Ukusika nokupholisha amadayimane kubalulekile kakhulu. Ubuciko ekusikeni nokupholisha kwenza ukukhanya kungene ngaphakathi kwedayimani. Kwenza libukeke kahle. Ubuciko nobuchwepheshe obudingekayo kulo msebenzi kungathatha iminyaka noma izizukulwane ukuthi kufike ezingeni eliphezulu emhlabeni. 

Phakathi kwamazwe ahamba phambili kule mikhakha yi-India. I-India inomlando omude wamadayimane. Yake yaba wumkhiqizi omkhulu ngesikhathi isaphethwe amaNgisi nangaphambi kokufika kwawo. Iseneqhaza elikhulu kule mboni. Cishe angaphezu kuka-70 wamadayimane kwayikhulu emhlabeni jikelele asikwa futhi apholishwe e-India, ngaphambi kokudayiwa kwamanye amazwe. I-India isuke iwathengile la madayimane kwamanye amazwe.

I-India idume kakhulu ngekhono layo lokusika nokupholisha uhlobo lwamadayimane amancane kakhulu, okuyinto amanye amazwe angakwazi ukuyenza ngezindleko eziphansi njengoba kwenza amaNdiya.

Nakhona e-India, akulona izwe lonke elinala makhono. Isifundazwe esibalulekile kakhulu ekusikeni nasekupholisheni amadayimane yi-Gujurat, ikakhulukazi idolobha iSurat. Kwezokuhweba ngawo, idolobha iMumbai yilona elihamba phambili.

Nokho amazwe anjengeBelgium, i-Israel neMelika aneqhaza elikhulu kwezamadayimane. Idolobha laselgium i-Antwerp] yilapho kuzinze khona imboni yamadayimane. Kwa-Israel yise-Tel Aviv, kuthi eMelika yiNew York.

Ukwakha amakhono okwenza imisebenzi ethile kungathatha isikhathi eside, yingakho nje izinhloso zamazwe zokushintsha ezikwenzayo zivame ukungafezeki kalula.


FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2020/11/19/uncoma-izinkundla-zokuxhumana-oneminyaka-enebhizinisi-lokukhiqiza-ubucwebe-nathi-selidlondlobale-selinamakhasimende-kwamanye-amazwe-uxoxe-nozimbili-vilakazi/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page