Abantu sebezokwazi ukuvimba izingcingo zabadayisi ezinesicefe
WUBONISWA MOHALE
KUZOPHELA maduze ukuhlushwa yizingcingo zezinkampani ezidayisa imikhiqizo ehlukene abantu abangakaze bazinike imininingwane yabo njengoba sesizozovimbeka ekushayeleni abantu.
Lezi zindaba zivele enkundleni yokucobelelana ngolwazi esanda kubakhona yekhomishini yabathengi iNational Consumer Commission (iNCC) ebikhuluma ngokubhalisela ukuvimbela abanganikwanga imininingwane yabathengi ukuthi babathinte.
I-NCC ithule i-Opt-out Registry ngaphansi komthetho ovikela abathengi i-Consumer Protection Act. Abathengi bazokwazi ukubhalisa ohlwini lwabantu abangafuni ukuthintwa yizinkampani ezikhangisayo.
Ithe abathengi bazozikhethela ukuthi bafuna siqine kangakanani isandla ekubavikeleni ngokukhetha ukuthi abazifuni nhlobo izikhangiso noma kunezithile abazivumelayo.
Ukubhalisa abathengi bangangena ku-eservice.thencc.org.za ukuthola yonke imininingwane ngokuvimba izinombolo ezingafanele ukubashayela ucingo nokuthi kufanele benzeni.
Umbiko omusha wenkampani enobuchwepheshe obuveza abashaya ucingo iTruecaller uveza ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bathole izingcingo eziwu-17.47 billion abangazidingi ngohhafu walo nyaka.
NgokweNCC zonke izinhlelo zokuvimba izingcingo ezingafanele zihambisana nomthetho i-Protection of Personal Information Act (i-Popia) wango-2013.
Ithe kubalulekile ukuthi abantu banike igunya lokuthintwa yizinkampani ezidayisa imikhiqizo ehlukene, hhayi nje ukuthi bashayelwe yinoma wubani othole imininingwane yabo ndawana thize. Loku kuhambisana nesigaba 69 se-Popia.
Uma umuntu esebhalisele ukuthi akazifuni izingcingo zokukhangisa kwi-Opt-out Registry akusafanele abangelwe isicefe ngezingcingo nama-email ezikhangiso. Ukubhalisa kule register kubalulekile ngoba kuyawavikela amakhasimende ngoba nezinkampani ezikhangisayo zizobona ukuthi inombolo yomuntu othile ayizifuni izingcingo ezikhangisayo.
I-NCC ithe izinkampani ezikhangisayo kufanele zithumele imininingwane yazo kwi-Registry kanye ngenyanga ukuqinisekisa ukuthi azithinti amakhasimende angadingi ukuthintwa.
Inxuse izinkampani ezikhangisayo ukuthi zifunde kabanzi nge-Registry ngoba kuzobanezindleko ukushayela amakhasimende angadingi ukushayelwa ucingo. Okwamanje alukho usuku oselunqunyiwe ukuthi izinkampani nabathengi kufanele babesebebhalise ngalo kwi-Registry kodwa iNCC inxuse ukuthi babhalise.

