Usemkhulu umsebenzi wokufukula osomabhizinisi besifazane, kuloba uMoipone Malefane

OSOMABHIZINISI besifazane babamba iqhaza elibalulekile ekuthuthukiseni nasekukhuliseni umnotho lapha ezweni naphesheya. Yize kunenqwaba yezinselelo ababhekene nazo kodwa ucwaningo oluhlukene lutshengisa ukuthi bafaka isandla ekuphuculeni inhlalakahle ngokwakha umsebenzi, ukunciphisa ububha, ukuqhamuka nezinto ezintsha nokuthi amabhizinisi afake wonke umuntu.

Unebhizinisi lamafutha okupheka elingajwayelekile elokishini 

KUSUKELA ewine uR50,000 kwiSME Toolkit yeBusiness Partners Limited ngenyanga edlule, uMnu uCalab Baloyi useqalile ukwenza izinto ezizokhulisa umkhiqizo wakhe wokupheka, amafutha iNosso-Sunflower

Onebhizinisi lempupho yesiphuzo sakudala usesabalalele nakwamanye amazwe. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

ABANINGI bayichaza njengempuphu yoqobo yokwenza isiphuzo se-ginger emnandi kunazo zonke eNingizimu Afrika. Inhloso yabanikazi beGinja Gemere wukusiza abantu baziqalele amabhizinisi abo ngokuthenga le mpuphu bese beyazidayisela yona. 

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page