Sisaqhubeka isiteleka esiqale ngoJuni enkampanini eyakha izimoto eGqeberha

WUBONISWA MOHALE

INYUNYANA yezisebenzi zensimbi iNational Union of Metalworkers (iNumsa) ilwela ukuthi izinkampani zaseChina ezifika eNingizimu Afrika ziholele izisebenzi imali ekhokhwa kule mboni.

Ngomhlaka-15 wangoJuni izisebenzi zenkampani eyakha izimoto iBeijing Automotive International Company (iBAIC) eseGqeberha, eMpumalanga Kapa, zateleka ngemva kokuthi izingxoxo zamaholo phakathi kwenyunyana yazo iNumsa nomqashi zifinyelele kwangqingetshe.

I-Numsa ikhala ngokuthi iBAIC ifike ezweni imboni yezimoto inendlela esemthwethweni yokuholela izisebenzi kodwa yona ayizange ifune ukuziholela ngale ndlela eyaziwayo.

Unobhala-jikelele weNumsa uMnu u-Irvin Jim uthe: “Izinkampani ezakha izimoto ezweni, phecelezi ama-original equipment manufacturers anemali eziyiholela izisebenzi esemthethweni. Ziyasebenzisana ukuqinisekisa ukuthi imithetho iyalandelwa.

“I-BAIC iholela kancane, inezigigaba ezenzayo ezingawahloniphi amalungelo ezisebenzi. Isisebenzi sakhona esihola kancane sihola uR48 ngehora ekubeni kule mboni isisebenzi esihola kancane sihola uR121 ngehora,” kuchaza yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/09/05/siphazamisa-amabhizinisi-isiteleka-samatekisi-idurban-chamber/

Uthe ngonyaka odlule iBAIC idilize izisebenzi ngoba ithi ilungisa ifemu yayo kodwa kuthe ngo-Agasti yazibiza isizoziholela uR48 ngehora.

Kusukela lapho, uthi baloku bexoxa nezikhulu zenkampani kodwa abasitholi isixazululo kanti sebeze bacela nezinhlaka ezihlukene kuhulumeni ukuthi zingenelele.

Uthe izisebenzi ezipenda izimoto zihola uR84 ngehora esikhundleni sikaR163,24, kuthi ezishiselayo zihole uR48 ngehora esikhundleni sikaR180,53. Bakhala nangakuthi lezi zisebenzi aziwutholi umhlomulo ohambisana nekhono lazo okwenzeka kule mboni.

Ubalule nokuthi bafuna indlela yokusebenza eBAIC ihambisane nako konke okwenzeka embonini yabakha izimoto ezweni kungabikhona ukuyenzelela.

U-Jim uthi okwamanje asikatholakali isixazululo kodwa izingxoxo ziyaqhubeka ngoba akusiwo amaholo kuphela abakhala ngawo, kwazise bafuna kucace ukuthi kufanele kwenzekeni embonini eyakha izimoto njengoba sekufika ezinye izinkampani ezakha izimoto ezweni.

Imizamo yokuthola ukuphawula kweBAIC ayiphumelelanga njengoba kushaye isikhathi sokushicilela ingakayiphenduli imibuzo yoMbele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page