‘Ubuchwepheshe besimanje buzofukula ezokuvakasha’
WUNOMONDE ZONDI
UBUCHWEPHESHE besimanje buzokwenza bonke abantu babeyingxenye yemboni yezokuvakasha futhi zonke izivakashi ngisho nabantu abanokukhubazeka bathakasele ukuvakasha.
Zisho kanje izikhulumi kwi-Africa’s Travel Indaba esongwe eThekwini, KwaZulu-Natali ngesonto elidlule. Ukubheka iqhaza elibanjwa wubuchwepheshe ngenye yezinto ezibhungwe kakhulu kulo mbukiso wezokuvakasha.
Isiphezulu esiphezulu se-Universal Access Consultants uNks uTarryn Tomlinson sithe ukuthulwa kwe-AVA, “umsizi” osebenza ngobuchwepheshe kuzolekelela abadweba amaplani amabhilidi nabawangemelayo babenesisombululo okuyisona sokucwaninga amabhilidi.
UNks uNazreen Ebrahim weNaz Consulting International uvumelane noNks uTomlinson. Uthe ubuchwepheshe buzoqeda izingqinamba embonini yezokuvakasha futhi buphucule indlela izivakashi ezizizwa ngayo uma zivakasha.
Uthe ubuchwepheshe besimanje buvel e buyingxenye enkulu yempilo yabantu nsuku zonke njengoba besebenzisa uGoogle nezinsiza ezinjengeChatGPT okusetshenziswa yizigidi zabantu.
UNks u-Ebrahim uthe ulimi luyinselelo enkulu kubantu uma bevakasha kodwa ubuchwepheshe obuhumushayo buyasiza.
“Bakwenza loku ngokuthi ulwazi lutholakale ngezilimi ezihlukene, okwenza izivakashi zikwazi ukuxhumana nabantu balapho besuke bevakashele khona,” kusho yena.
Isikhulu esiphezulu se-Uncommon Sense uMnu uMqondisi Gumede sithe ukukwazi ukuhlanganisa ulwazi oluqoqwa yizinkampani ngezindlela ezihlukene kungakwazi ukusiza izinkampani zixhumane kangcono namakhasimende futhi zilusebenzise ukuzikhulisa.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/05/16/ubuciko-nezokuvakasha-kungalekelelana-amaciko/