Amandla emali ehleli ngenyanga edlule awu-4,3%
WUBONISWA MOHALE
IZIBALO ezintsha zamandla emali zikhombisa ukuthi ehlile ngoJulayi abawu-4,3% esuka ekubeni wu-5% ngoJuni. Izolo iStatistics South Africa (iStats SA) sithe okwehlise amandla emali i-consumer price inflation kube wukwehla kwamanani kaphethroli.
Esitatimendeni, isazi somnotho esifundisa e-University of North-West Business School uSolwazi uRaymond Parsons sithe: “Amandla emali ebephezulu kulo nyaka ngenxa yokunyuka kwamanani kaphethroli emhlabeni kodwa silindele ukuthi uma kuphela uSepthemba iBhange lomBuso liyiyeke lapho ikhona imalimboleko. Phela lifuna amandla emali cishe abephakathi kwango-2% no-4% ngaphambi kokuthi lithathe izinyathelo ezinqala.”
Izibalo zeStats SA ziveze ukuthi amanani kaphethroli ehle ngo-7,8% inyanga nenyanga kodwa aphezulu ngo-20,6% endaweni ayekuyo uma kuqhathaniswa nango-2025.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/23/izonyuka-nakanjani-imalimboleko-izingqapheli-zomnotho/
Ukudla neziphuzo ezingenatshwala imali yako yehle ngo-0,9% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka esuka ku-1,6% ngokudlule, lesi sikali siphansi kakhulu kweseminyaka ewu-16 edlule.
Osomnotho baseFNB bathe nakuba amandla emali ehlile ngoJulayi zilindele ukuthi anyuke abewu-4,5% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka uma sekuphuma izibalo zango-Agasti ngenxa yokuqhuneka kwempi seeMiddle East.
Zithe uma kuba nokuphazamiseka emananini kawoyela emhlabeni kuzonyuka amanani kaphethroli, imali yokugibela nezindleko zokukhiqiza. Loku kuzophazamisa izinhlelo zeBhange lomBuso lokugcina imalimboleko ku-3%.
I-macro-economic analyst yaseStandard Bank uNks uChristelle Grobler ithe amandla emali ehle kakhulu kunesikali ebesilindelekile, asuke ku-5% awu-4,3%. Uthe ukwehla kungenzeka kube okwesikhashana ngenxa yokuthi amanani kaphethroli nakadizili asazoqhubeka nokunyuka.
Khonamanjalo, izibalo zokuthenga izimpahla zikhombisa ukuthi ngo-1,6% uma kuqhathaniswa unyaka nonyaka ngoJuni sisuka ku-2,2% ngoMeyi.
Loku kusho ukuthi yize abantu bethenga kodwa abasakhithizi kodwa bathenga abakudingayo.
Ukuthenga izimpahla nezicathulo kwehle ngo-2%, kwathi ukuthenga opende nama-glass kwehla ngo-4%.
Ukudayisa kwezincwadi, ubucwebe nezimpahla zokudlala kukhuphuke ngo-7,5% okusho ukuthi kukhuphuke ngo-1,7% kuloko ezaziyiko ngonyaka odlule.

