Wenza impilo ibelula kwabanqena ukuwasha amateki 

UKUBONA izinkinga ezibhekene nabantu ngokuhlanza amateki abo kwenza insizwa yaseThekwini, KwaZulu-Natali, yasungula ibhizinisi elibathula umthwalo emahlombe. Babodwa abanqena ukuwasha amateki, abanye bavika ukuntshontshelwa amateki anekiwe.

Abanikazi bamaspaza bayakuqonda okufunwa wuhulumeni kodwa kuzobanzima

ABANIKAZI bamaspaza basematheni kulezi zinsuku eNingizimu Afrika ngenxa yezigameko zokufa kwezingane osekuvele ukuthi zidle ukudla obunobuthi ezikuthenge ezitodlwana zabo.

Ubuchwepheshe bokukhokha obusha obuzofukula amabhizinisi amancane

UBUCHWEPHESHE obusha bokukhokhela izimpahla obethulwe yiStandard Bank abugcini nje ngokusiza osomabhizinisi abancane babenendlela elula yokukhokhisa amakhasimende kodwa buhlose nokubasiza nangezinye izinto ezithinta ukuphatha ibhizinisi.

Kuzoliwa nemicikilisho kahulumeni ekhinyabeza amabhizinisi asafufusa

UHULUMENI usumemezele olunye uhlelo ohlose ngalo ukuphucula indawo okusebenzela kuyo osomabhizinisi abancane. Ngesikhathi wethula iSabelomali saphakathi nonyaka wezimali i-Medium-Term Budget Policy Statement (i-MTBPS), umNyango weziMali uthe kuzoqeqeshwa abantu komasipala.

Uletha ukudla kwasesilungwini elokishini ngendawo enesitayela

ULETHELA abantu izibiliboco zokudla kwesilungu wazifaka ntshi elokishini ngokuvula indawo yokudla ngaphandle kwedepho yamabhasi yaseMlaza, eningizimu yeTheku, KwaZulu-Natali.

Upholisa amakhanda abantu ngemigilingwane yomlingo

INSIZWA yaseMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali, yabona ikhono layo lokwenza umlingo ngesikhathi sokubheduka kwe-COVID-19 kanti isiziphilisa ngakho. Izichaze njengomuntu othanda ukusebenzisa ikhono layo ukuletha injabulo kwabayibukelayo.

Isikole samnika umqondo webhizinisi yekota enomkhuba

WAYENZA umsebenzi wesikole lapho kwakufanele baqhamuke nohlelo lwebhizinisi kanti kuzogcina kuzaleka ibhizinisi elimsizile ngemva kokudilizwa emsebenzini. Namuhla uNksz uNeliswa Mntungwa usewumnikazi weKota 2 Nice, indawo yokudla okusheshayo yaseMgungundlovu, KwaZulu-Natali.

Indoda yama-muffin ihlose ukwaziwa emhlabeni wonke

UMNIKAZi wenkampani ebhaka ama-muffin ubheke ukukhulisa ibhizinisi lakhe laziwe umhlaba wonke, aqhubeke lapho agcine khona njengoba esengeze izitolo zalo eziwu-22, waqasha izisebenzi ezintsha eziwu-49. UMnu uMorero Moloi, odume ngelika-Muffin Man nowumnikazi weMcMore International, uhlola imakethe ukukhulisa ibhizinisi.

Isonto lamvula amehlo ngezimpahla ezisheshayo

WAKHULA efisa ukuba wummeli. Yingakho enza izifundo zomthetho e-University of South Africa, aziphothula ngo-2018. Nokho kwashintsha konke eseqede ukufunda uNksz uWandipha Sotsaka langa limbe esesontweni mhla amalungu ebandla lakhe encoma isikhwama ayesiphethe.

Asafufusa kwezokuvakasha athole isigxivizo

KUBONGWE abanikazi bamabhizinisi ezokuvakasha asafufusa kwi-Africa’s Travel Indaba izolo ngesikhathi benikwa izitifiketi eziqinisekisa ukuthi amabhizinisi abo asezingeni elifanele ukuhlinzeka ngomsebenzi.

Hhethiya!, nangu umsunguli womshini ogaya isinemfu 

UTHELA izithelo umqondo wensizwa yaseRamokoksastad, eNorth West, wokwenza impilo ibelula kubanta ababhema isinemfu ngokwenza kungadingeki ukuthi bagaye amahlamvu esinemfu. Loku ikwenza ngomshini kagesi owenza loku

Wabona ithuba, washiya phansi ukufundisa ukuze angene ebhizinisini lokudiliva inyama enqabile. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKHULE enothando lwamabhizinisi, yingakho ebengathembele emsebenzini wokufundisa kwelinye lamakolishi azimele njengoba ebenebhizinisi lokuhambisela abantu amaveji nezithelo emalokishini aseThekwini, KwaZulu-Natali.

Banebhizinisi elivuthayo elinakekela imvelo. Omunye wabo uxoxe neNTATHELI YOMBELE

CISHE baningi abakhathazekile ngokushintsha kwesimo sezulu. Kuthiwa isizathu esinye sezizathu eziholela ekuguquguqukeni kwesimo sezulu wukuthi imvelo ayinakekelwa ngendlela efanele njengokulahla udoti ezindaweni ezingafanele.

Iyadlondobala intokazi engazifaki izinzipho emsebenzini ukuze izibambele mathupha ‘umsebenzi wamadoda’. Manje isigabe nangamakhasimende aseMelika. INTATHELI YOMBELE iyabika

UKUSEBENZA ngezinsuku ezithile obekwenziwa ngenkathi kuhlasele i-COVID-19 kumkhuthaze ukuthi asule emsebenzini ayofeza iphupho lakhe lokuzimela.

Ukhulise ibhizinisi ngokufunda emaphutheni kayise. Uxoxe no TEBOGO MOKWENA

UNKSZ u-Annah Ngxeketo, unqume ukwenza izinto ngendlela ehlukile enkampanini yakhe yezokuthutha ngoba ngoba wabona ukuthi ibhizinisi lezokuthutha likayise alifinyelelanga lapho kwakufanele ngabe lafinyelela khona.

Ukubanhlakanhlaka kwabasiza osomabhizinisi abancane kwenza kubenzima ukuthi basizakale, kusho umelekeleli. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUNGABASIZA osomabhizinisi abancane ukuthi zonke izinhlangano nezinhlaka ezizama ukubasiza zibambisane ukuze usizo lutholakale endaweni eyodwa ukwenzela ukuthi kube lula ukuthi lutholakale esikhundleni sokuthi balufune ezindaweni ezihlukene. 

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page