I-Competition Commission iqoke amaphini kakhomishana amabili
YINTATHELI YOMBELE
IKHOMISHINI eqinisekisa ukuthi kunokuncintisana okuhle phakathi kwezinkampani ezisebenza eNingizimu Afrika, iCompetition Commission imemezele ukuqokwa kwamaphini amabili kakhomishana ekuqaleni kwenyanga ezayo.
UMnu Bukhosibakhe Majenge noNks uTamara Mokoka baqokqe wungqongqoshe womNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau, obachaze njengabantu abanamava asizile ukuphucula umsebenzi wekhomishini.
Uthe ukuqokwa kwabo kuzoqinisekisa ukuthi ubuholi obuphezulu abushodi ngalutho emsebenzini wabo wokuqinisekisa ukuncintisana okuhle, ukuvikela abathengi nokuseka ukukhula komnothho.
Ukhomishana weCompetition Commission uNks uDoris Tshepe uzithakasele izindaba zokuqokwa kukaMajenge noNks uMokoka, wabahalalisela.
“Lesi sinyathelo siqinisekisa umsebenzi wekhomishini. UMajenge noNks uMokoka bakhulele lapha kwikhomishini, basebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi yenza imigomo esebenza ngayo, bathatha izinqumo ezifanele. Kubalulekile kakhulu loku kulo msebenzi wethu. Ukuqokwa kwabo kukhombisa ukuthi iyabonakala imisebenzi yabo nobungoti abanabo.
“Bazosebenza kahle ngoba bayakuqonda okufanele kwenziwe yikhomishini nokubaluleka kwayo ekuvikeleni abantu. Esikhathini lapho ikhomishini kufanele inqume ngendlela efanele kokwenzekayo emnothweni. Ulwazi abanalo ngekhomishini luzosilekelela ukwenza umsebenzi esinawo ngokwe-Competition Act.”
UMajenge ngemva kwesikhathi eside esebenza kwikhomishini. Wafika ngo-2008 eyinhloko yeCorporate Compliance, wayi-principal legal counsel ngo-2009 kanti uphathe i-Legal Services Division kusukela ngo-2014.

UMajenge, omunye wamaphini kakhomishana amasha
Ngesikhathi enza lo msebenzi ubehamba phambili ekwakheni amacebo ezomthetho nokuqinisa uma kuyiwa kwiCompetition Tribunal, kwiCompetition Appeal Court, eNkantolo eNkulu naseNkantolo yomThethosisekelo.
Usizile ukuthi ikhomishini iphumelele ekuxazululeni amacala abucayi okuncintisana ngesikhathi eyi-chief legal counsel, eyi-divisional manager yophiko lwe-Legal Services nangesikhathi ewukhomishana obambile.
Wabawummeli ogunyaziwe ngo-2000, uneziqu i-BProc zase-University of Fort Hare ne-LLM yase-University of South Africa.
UNks uMokoka unamava eminyaka engaphezu kwewu-20 kwezokuncintisana, ezomnotho nemigomo esebenza embonini ezimele nakuhulumeni. Usephathe izikhundla eziningi kwikhomishini okubalwa i-divisional manager: Mergers and Acquisitions, umeluleki emacaleni afika kwikhomishini, ewumhlaziyi wemigomo, inhloko yezangaphandle futhi wabawumqondisi wokuqala wophenyo lwemboni yezempilo i-Health Market Inquiry.

UNks uMokoka ungelinye lamaphini kakhomishana amabili
Ukuqokwa kwakhe ngeNyanga yabaNtu beSifazane kunesigqi ngoba kukhumbuza abantu ngokubaluleka kwabantu besifazane ebuholini bokulawula ukuncintisana nokubaluleka kwabesifazane kwezomthetho, ezomnotho nemigomo yomphakathi.
Uke wacubungula ukuhlangana kwezinkampani ezinkulu futhi ube neqhaza ekubhaleni imigomo yokuhlangana kwezinkampani nokuhlaziya ngomphumela wako.
UNks uMokoka une-Bachelor of Economics yaseRhodes University, i-Honours in Commerce yase-University of the Witwatersrand ne-Master of Commerce in Economics yase-University of the Witwatersrand.

