Isikhulu esiphezulu esibambile seKwaZulu-Natal Tourism and Film Authority uMnu uSibusiso Gumbi ehlose ukuthuthukisa ezokuvakasha namafilimu. Isithombe: Sithunyelwe

I-KZN izoqinisa imboni yokuvakasha namafilimu ukufukula umnotho

YINTATHELI YOMBELE

UHULUMENI waKwaZulu-Natali uthule inkampani entsha ehlanganisa ezokuvakasha namafilimu, iKwaZulu-Natal Tourism and Film Authority izolo.

Le nhlangano iholwa wuMnu uSibusiso Gumbi oyibamba leSikhulu esiPhezulu. UGumbi kuningi okuhle okwenziwa yilezi zimboni zombili emnothweni wesifundazweni nowezwe. 

“IKwaZulu-Natal Tourism and Film Authority ihlela ukuqinisa ubudlelwano neSA Tourism and National Film & Video Foundation ukuqinisekisa ukuthi isifundazwe sibekwa eqhulwini uma kubhekwa izindawo (okuqoshelwa kuzona) amafilimu, zamabhizinisi nokungcebeleka,” kusho uGumbi. 

Ugcizelele ukuthi ezokuvakasha ngenye yezimboni ezimqoka ekukhuliseni umnotho waseNingizimu Afrika, evula amathuba emisebenzi, efukula abantulayo nephucula impilo yawo wonke umuntu. 

Uthe inselelo kuzoba wukukhulisa ezokuvakasha ukufeza injongo yokuthi kufike izivakashi ezingu-21 million ngo-2030.

UGumbi uthe ku-R59.6 billion osetshenziswe yizivakashi eziqhamuka emazweni aphesheya ngo-2022, u-R4.2bn utholwe yiKZN. 

“Sihlose ukuyinyusa le mali ngokweseka ukuthuthukisa nokuguqula imboni yamafilimu nokugqugquzela indlela okwenziwa ngayo umsebenzi nokuzophendla indlela yokuthi kubenezinto ezintsha embonini yezokuvakasha,” kusho yena. 

Le nhlangano izimisele ukwandisa amafilimu aqoshwa eKZN ikakhulukazi ngoba ubusika balesi sifundazwe abubandi kangako. 

Ibhodi yesikhashana ephethe le nhlangano iholwa wusihlalo uSolwazi uThandi Nzama, iphini likasihlalo uNks  uLinda Ngcobo kanti amanye amalungu ebhodi wuSolwazi uThokozani Nzimakwe, uDkt uKrishna Naidoo, uMnu uMusa Mzimela, uNks uNise Malange, uNks uDiana Hoorzuk, uMnu uSifiso Kalinjani, uSolwazi uPaulus Ngcobo noMnu uSithembiso Madlala.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2020/10/15/sishintshile-isithothobala-esiyikzn-njengoba-imboni-yemidlalo-yethelevishini-namafilimu-ivuke-emaqandeni-ulanga-khanyile-uyaloba/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page