Umlimi uqhubeka endimeni eyaklanywa wuyisemkhulu

ESIGODINI esincane iMoremela, eHlabekisa, eMpumalanga, ukulima emndenini sekuyindlela yokuphila amashumi eminyaka. Kwaqala ngomkhulu owayesebenza umhlaba, manje intokazi iqhuba lelo fa ngokuziqhenya.

Uqhakazisa umhlaba ngamaveji nezithelo okungavamile

EMASIMINI avundile budebuduze naseMangaung, eBloemfontein, eFree State, ipulazi elincane livunguza ngamandla afana nezitshalo ezikhula kulona. Umlimi osemcane oneminyaka ewu-20 uhlakulela amaveji angavamile nezithelo, kwesinye isikhathi okuhlukile kokwejwayelekile ngemibala.

Umfuyi wesifazane ulandela igama lakhe lobuBhunu

INTOKAZI yaseGanyesa, eNorth West, ekhulele emndenini ofuyayo ilandela isibongo sayo ngebhizinisi layo lokufuya futhi ehamba ezinyathelweni zikamkhulu wayo nonina, bobabili ababenothando lokulima.

Uguqule amaphupho asebunganeni, wawenza ibhizinisi lokulima elichumayo

IZANDLA zentokazi esencane yaseLimpopo zazihlala zikwazi ukuzwa inhlabathi. Kusukela ekukhumbuleni kwayo kokuqala izindawo zasemakhaya ezijulile zaseKgosi, eSekhukhune, lapho ogogo bakhe babevuka ekuseni bambize futhi babendawonye behamba bebheka emhlabeni owudedangendlale.

Ishayekile imboni yezolimo ngemisebenzi – usomnotho

IZIBALO zezinga lokungasebenzi kwabantu eNingizimu Afrika eziveze ukuthi isibalo sabantu abangasebenzi sinyukele ku-33.5% ngekota yesibili yango-2024, ezishicilelwe yiStatistics South Africa ngesonto elidlule, zitshengise ukuthi ukuncipha
kwemisebenzi kushaye kwezwakala kakhulu embonini yezolimo.

Ukholwa wukuthi inkunzi isematholeni otshala uthando lwezolimo ezikoleni

Ukholwa wukuthi inkunzi isematholeni otshala uthando lwezolimo ezikoleni

Ushiye umsebenzi wasebhange wagxila ekufuyeni izinkukhu. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

WAYENGAKAZE azicabange eqala ibhizinisi ngelinye ilanga futhi wayejabule ngomsebenzi ayewenza kwelinye lamabhange kodwa inkinga yaqala mhla ezwa engasawuthandi umsebenzi awenzayo, esefuna inselelo entsha.

Usheba umsebenzi awufundele nezolimo ngenhloso yokuziphilisa nokuthuthukisa umphakathi wangakubo. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UKHULE engawunakile umkhakha wezolimo, impumelelo ekuwona nomehluko ongawenza emphakathini kodwa kunezinto ezimbili ezitshale futhi zakhulisa uthando lwakhe kule mboni. 

Abanamava emboni yokufuya izinyosi bahlangane nomakhelwane basungula umfelandawonye owenza imikhiqizo ehlukene yoju. INTATHELI YESOLEZWE iyabika

SEBEDAYISELA izitolo ezinkulu omakhelwane baKwaMaphumulo, ngasogwini olusenyakatho yaKwaZulu-Natali, abahlangene ngebhizinisi lokufuya izinyosi.

Ipulazi elilima ngobuchwepheshe obungandile selingenise nasemakethe yaphesheya. INTATHELI YOMBELE iyabika

IPULAZI labalimi besifazane elisebenzisa indlela yokutshala yezobuchwepheshe bokuzichelela, phecelezi i-hydroponic farming, ngelokuqala eliphethwe ngabantu besifazane abamnyama ezweni elidayisa amakinati ama-macademia phesheya.

Baqhamuke nesisombululo semvelo enkingeni kamanyolo obizayo. Omunye wabo uxoxe neNTATHELI YOMBELE

UKUBIZA kukamanyolo kulezi zinsuku kuholela ekutheni abalimi basebenzise imali eningi bethenga umanyolo. Abanye sebeze banciphisa amasimu abawalimayo ngenxa yezindleko. Bahlale befisa ukuthi zehle izindleko zawo.

Usefunde ukuhlelela izikhathi zobunzima uma kubhimba uhlelo. INTATHELI YOMBELE iyabika

IZINSELELO zebhizinisi zimfundise ukuthi angagxili emkhakheni owodwa. UNksz Thobile Mpontshane, onepulazi afuye izingulube kulo iMampontshi Farming & Fencing yaseVryheid, KwaZulu-Natali, uwumfuyi wezingulube nomlimo wamaveji.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page