Izikhukhula zishiye umonakalo onguR1.3 billion eKZN
WUSLINDILE KHANYILE
KUDALEKE umonakalo ongaphezu kukaR1.3 billion KwaZulu-Natali ngenxa yezimvula nesichotho sangesonto elidlule esicekele phansi kakhulu oThongathi, enyakatho yaseThekwini.
Umbiko okhishwe yiHhhovisi likaNdunankulu izolo uveze ukuthi kumonakalo owenzeke kuleli dolobha ungaphezu kukaR480 million. Kuthiwa ingaphezu kwewu-7 000 imizi ethintekile, izikole ezilinganiselwa kweziwu-20 ezicekeleke phansi, imigwaqo, amahholo omphakathi nengqalasizinda kagesi.
Bayisithupha omasipala abathintekile kulezi zimvula ezidlule nemiphefumulo ewu-12. Uhulumeni ubambisene nemboni ezimele nezinhlangano ezingenzi inzuzo usuqalile umsebenzi wokuhambisa usizo.
“Namhlanje (izolo) umNyango wokuHlalisa abaNtu ezweni lonke uhambise umthamo wokuqala wezimpahla zokwakha ozosiza cishe imizi ewu-674 eMagwaveni, oThongathi. Abanikelayo nezinhlangano ezingenzi inzuzo baqale ukuhambisa izinto zokwakha ngoLwesibili emindenini eminingi.
“UmNyango wezaseKhaya uhambise amahhhovisi amabili angomahambanendlwana eMagwaveni ukusiza abantu abalahlekelwe amapasi ukuze bafake izicelo zokuthola amasha. La mahhovisi azoya kuzona zonke izindawo abantu abakhosele kuzo ukuze kusizakale wonke umuntu,” kusho uNdunankulu waseKZN uNkk uNomusa Dube-Ncube.
Uphiko olwengamela izibonelelo zikahulumeni iSouth African Social Security Agency seluhlinzeke abantu abangaphezu kuka-3 400 ngamathikithi okudla.
“Siwulumeni wesifundazwe, siyajabula ngosizo esiilutholile nokuzibophezela kweminyango ehlukene nezinye izinhlaka esibambisene nazo ukusiza imindeni exakekile. Yize inhloso yethu kungesikona ukugcina imindeni ezikhungweni enakekelwa kuzo, sigculisekile ngosizo uhulumeni oluhlinzekayo emindenini ethintekile,” kusho uNkk uDube-Ncube.
Enye yezinkampani ezimele esinikelile ngosizo yiStandard Bank. Imemezele ukuthi izosiza ngo-R2.45m ukulekelela ezindaweni ezithintekile eKZN naseMpumalanga Kapa.
Leli bhange lithe lo mnikelo lizowudlulisa ngezinhlangano ezingenzi inzuzo iSouth Africa Search and Rescue, iRed Cross, iGift of the Givers ne-OneFarm Share ukubheka izidingo ezihlukene zemindeni ethintekile.
Inhloko yeCorporate Citizenship eStandard Bank uDkt uKirston Greenop uthe: “Inhloso yomnikelo wethu wukufaka isandla emizamweni yezinhlangano ezingenzi inzuzo ezizikhandlayo ukwenza umehluko futhi zitakule imindeni exakekile ngenxa yalezi zimo ezimbi.”
Leli bhange ligqugquzela amakhasimende, izisebenzi zalo nomphakathi ukuthi ulekelele ngokunikela ngohlelo lwayo iRand4Rand. Lithe lizoyiphinda kabili imali ezonikelwa yizisebenzi zalo kulolu hlelo.