Yize izwe selibuswa ngentando yabantu, abantu abamnyama basahlala kude nezizinda zomnotho, kuloba uJabulani Sikhakhane

NGEMVA kweminyaka ewu-30 iNingizimu Afrika yangena ngaphansi kombuso lapho nabantu bomdabu benamalungelo agcwele izwe alikenzi mehluko otheni ukuguqula indlela uhulumeni wobandlululo ahlela ngayo inhlalo nemisebenzi yabantu abamnyama.

Sisethubeni lokuqala kahle ekade sakugcina ngezinto eziseqhulwini ezintathu, kuloba uBusi Mavuso

ININGIZIMU Afrika iqala u-2026 ngamanani ezimpahla zomkhiqizo aphezulu, ugesi ongacimi, isimo sezimali esizinzile nemalimboleko ephansi, okudala isisekelo esiqinile somnotho kule minyakeni eyishumi edlule.

‘Sebenzisa imali ngendlela ongeke uzisole ngayo kusasa’ 

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele uLungelo Nzimande, odume ngelikaDlala Matifana. Uwumsakazi osesebenze kwi-Eantouch Radio, kwiLife FM. Manje uthula uhlelo lwantambama kwi-Intokozo FM ngoMsombuluko kuya ngoLwesine ngo-3 kuya ku-6 ntambama ne-Intokozo FM Top 20 ngoMgqibelo ngo-9 kuya ku-11 ekuseni, uwuDJ eziteshini zomsakazo ezihlukene okubalwa iGagasi FM, Ukhozi FM, iVuma FM neRadio 2000 ezinhlelweni ezihlukene futhi unohlelo oluthi Silungisa Umjolo, alusakaza kuYouTube

Ukushayela uphuzile kungenza umshwalense ungakhokhi  

UMPHATHI woPhiko lwemiShwalense ehhovisi lomxazululi wezinkinga zezikhungo zemali iNational Financial Ombud Scheme of South Africa uNkk u-Edite Teixeira-Mckinon ululeka abashayeli ukuthi bangashayeli bephuzile ngala maholidi ngoba umshwalense wabo wezimoto ngeke ubakhokhele.

Umasipala uzobambisana nezinhlaka ezihlukene ukubhekana nokuguquguquka kwesimo sezulu 

EMIZAMWENI yokuqinisekisa ukuthi ukuguquguquka kwesimo sezulu akudali umonakalo wezigidigidi, uMasipala waseThekwini uzosebenzisana nezinhlaka ezihlukene ukuza nezisombululo. 

UMasipala waseTshwane umose uR1.4 billion – umcwaningimabhuku-jikelele

PHEZU kwemizamo emihle yemeya kaMasipala waseTshwane uNksz uNasiphi Moyo yokuletha uguquko oluhle kulo masipala kodwa kulo nyaka wezimali umasipala uthole umbiko womcwaningimabhuku-jikelele omubi okhombisa ukuthi imali iyamoseka. 

UMasipala waseThekwini umi ngomumo ukumukela izivakashi ngamaholidi 

KULINDELWE izivakashi eziwu-1.3 million ngala maholidi eThekwini. Lezi zindaba zimenyezelwe ngenkathi kuthulwa ngokusemthethweni izinhlelo zamaholidi asehlobo ngoLwesihlanu eWahooz e-uShaka Marine, eThekwini, KwaZulu-Natali.

Umqondisi wokuShushisa omusha kufanele alethe ithemba emphakathini nasemabhizinisi, kuloba uBusi Mavuso

KUNESINQUMO esibalulekile esizothinta imboni yamabhizinisi eminyakeni eyishumi ezayo. Umengameli uqoke ikomiti okufanele likhethe umqondisi woPhiko lokuShushisa umPhakathi omusha. 

UMagashula uzokhunjulwa ngokuthanda izwe nabantu abampofu – uRamaphosa 

UMENGAMELI uCyril Ramaphosa uthi  owowayewukhomishana womqoqintela iSouth African Revenue Service (iSars) uMnu u-Oupa Magashula, oshonile, uzokhunjulwa ngokuzinikela kwakhe ekusebenzeleni abantu baseNingizimu Afrika.

Amabhizinisi amancane abonga ukukhanya okulethwa wukunqamuka

NJENGOBA ukucima kukagesi obekukhungethe iNingizimu Afrika sekuthanda ukuphela ngenxa yezinguquko ezinhle ezenzeka e-Eskom, amabhizinisi amancane, nawumgogodla womnotho, abuyelwa yithemba nomfutho.

Izivakashi eziza eKZN zizongenisa uR13 billion ngamaholidi kaDisemba

UNGQONGQOSHE womNyango wokuThuthukisa umNotho, ukuVakasha neMvelo KwaZulu-Natali uMfu uMusa Zondi uthi balindele izivakashi eziphakathi kuka-1 million no-1.1m ezivela kwezinye izifundazwe zaseNingizimu Afrika neziwu-34 000 ezivela kwamanye amazwe ngala maholidi kaDisemba.

‘Amaciko awacabangele umhlalaphansi’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noPallance Dladla, umlingisi kumafilimu nemidlalo yethelevishini. Waduma kwi-Sibaya ewuJabu Zungu, wadlala kwi-Intersexions, i-Rhythm City, Is’Thunzi ne-Tempy Pushas, i-Hard to Get nochungechunge lweNetflix i-Shadow. Useke wathola imiklomelo aqokwa kuyo kubalwa ama-South African Film and Television Awards ne-Best Actor Award kwi-New Vision International Festival

Umasipala ubambisene neTransnet emsebenzini kaR100 billion

IMEYA kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba ithi zizothela izithelo ezinhle izinhlelo zokusebenzisana kwamasipala neTransnet esiqale umsebenzi wokunweba ichweba kaR100 billion.

UMasipala waseThekwini usize amabhizinisi ukuyokhangisa eGhana 

UKUQINISEKISA ukuthi osomabhizinisi baseThekwini bathola izimakethe zokudayisa imikhiqizo yabo, uMasipala waseThekwini usanda kubahambisa embukisweni wosomabhizinisi iGlobal Entrepreneurship Festival (iGEF) eLa Palm Beach Hotel e-Accra, eGhana. 

Impumelelo yeG20 ikhombisa okungenziwa yiNingizimu Afrika osekuqinisa isisekelo, kuloba uBusi Mavuso 

ININGIZIMU Afrika kufanele iziqhenye ngendlela eyenze ngayo imihlangano yeG20. Imicimbi yangesonto elidlule efaka nengqungquthela yeB20 kwase kulandela iG20 Leaders Forum ikhombise umhlaba ukuthi yini esikwazi ukuyenza uma ezokuthutha zisebenza kahle, ingqalasizinda esezingeni nokubaluleke kakhulu – indlela esengamela ngayo ezepolitiki nayo yonke imicikilisho ehambisana nokusebenzisana namanye amazwe. 

Isivumelwano seG20 sibeke eqhulwini izikweletu zamazwe nokuguquguquka kwesimo sezulu

UKUGUQUGUQUKA kwesimo sezulu nezikweletu ezikhula njalo zamazwe aneminotho emincane kuseqhulwini lwesivumelwano esisayinwe ngamazwe engqungqutheleni yeG20 ebiseNasrec, eGoli, eGauteng ngempelasonto. 

Amatomu asephethwe owesifazane onamava emnyangweni omqoka eThekwini

UMNYANGO ongamele ukuhambisa izidingo kubantu bakuMasipala waseThekwini usuphethwe wumuntu wesifazane njengoba izintambo seziphethwe wuNksz uLindokuhle Mkhize.

Umphakathi kufanele ubambisane nomasipala ukulwa nenkohlakalo: imeya yaseThekwini 

IMEYA kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba ifuna kuqiniswe ezokuphatha, kuphuculwe ubuchwepheshe futhi kufundiswe nomphakathi izindlela zokulwa nenkohlakalo.

Yinkulu inselelo yamazwe asathuthuka ngokuguquguquka kwesimo sezulu, kuloba uJabulani Sikhakhane

AMAZWE ase-Afrika abhekene nenkinga enkulu yokuthi wubani ozokhokhela izindleko zokulungiselela ukubhekana noshintsho kwisimo sezulu. Lolu shintsho luhambisana nokwanda kwezikhukhula kwezinye izindawo, kuthi kwezinye isomiso.

Amehlo omhlaba azobe ethe njo kwiNingizimu Afrika njengoba ukukleliswa kabusha kuqinisekisa izinguquko ezenzekayo, kuloba uBusi Mavuso 

YISONTO elikhulu leli eNingizimu Afrika, njengoba kubuthene abaholi abahlukene bakwamanye amazwe amakhulu emhlabeni emihlanganweni yeG20 futhi osomabhizinisi bazohlangana engqungqutheleni iB20. 

Isonto lokuqaphela amaqola likhumbuza abantu ngamasu okuvika

LELI sonto lisetshenziselwa ukuxwayisa abantu ngokukhwabanisa nezinye izinhlobo zokuqolwa kwabantu emhlabeni jikelele. 

Podcasts

Inqolobane