UNksz uSithembile Ndlovu, umsunguli we-Uluthando Agri Projects yaseMdlebeni, KwaDukuza, etshala amakhowa iwadayisele izitolo ezinkulu. Izithombe: Zithunyelwe

Owayengaziboni ewumlimi useyindlovukazi yamakhowa

WUTHOBILE ZWANE

INTOKAZI eneminyaka ewu-39 eyakhula kulinywa kubo ayikaze izicabange ukuthi ngelinye ilanga iyobanebhizinisi lokutshala amakhowa elidayisela izitolo ezinkulu.

UNksz uSithembile Ndlovu, owakhulela eShowe, KwaZulu-Natali, kodwa osehlala eMdlebeni, KwaDukuza, uwumsunguli we-Uluthando Agri Projects, etshala amakhowa ohlobo ama-oyster mushroom. Iwadayisela izitolo ezinkulu okubalwa kuzona iKwaDukuza Spar, iBallito Food Lover’s Market, i-Ideals Butchery, iNature’s Best neFarm Choice Food Market.

“Ngangingakaze ngizibone ngiwumlimi. Ngangihlale ngicabanga ukuthi ngizosebenza ehhovisi kodwa kwakuhlale kuyisifiso sami ukubanebhizinisi,” kusho yena.

Ngaphandle kokutshala amakhowa, uNksz uNdlovu uthi usebenzisana nabafundi abafundela ezolimo ngokubanika izikhwama zokutshala amakhowa ukuze bakwazi ukuzitshalela futhi bathole ulwazi abangalusebenzisa.

Le ntokazi, eteketiswa ngelika“Mushroom Queen”, ithi ibhizinisi yaliqala ngokutshala amakhowa egaraji layo kodwa kwabanzima ukuwadayisa ngoba umphakathi wawungakholwa ukuthi amakhowa aphephile ukudliwa.

Amakhowa e-Uluthando Agri-Projects

Nokho uNksz uNdlovu akalilahlanga ithemba. Waqhubeka nokutshala kwenye indawo kwaze kwaba yilapho ibhizinisi liqala khona ukukhula. Usebenzisa izikhwama ezikhethekile ukuwatshala eziwagcina endaweni enesimo esifanele ukuze akhule kahle.

Laqhubeka nokukhula njengoba isidingo samakhowa sikhula, kanti uyaqhubeka nokuthola abantu abasha abafuna ukuthenga amakhowa. Ngaphandle kokudayisela izitolo, udayisela nabantu abawadingayo. Uthi isibalo samakhasimende akhe siyaqhubeka nokwanda njengoba abantu abaningi sebebona ukubaluleka kwamakhowa nezindlela ezihlukene angaphekwa ngazo.

UNksz uNdlovu wafundela i-Bachelor of Business Management and Financial Planning e-University of South Africa. Wazinika iminyaka embalwa ukufunda ukutshala amakhowa ngaphambi kokusungula ibhizinisi ngo-2022.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/05/02/nakuba-kunzima-kodwa-iyavuleka-kancane-iminyango-kubalimi-bamakhowa-abasafufusa-intatheli-yombeli-iyabika/

Uthi useqashe izisebenzi ezinhlanu ngokugcwele, kanti ezintathu ziyitoho. “Ngicija abantu besifazane abadala abahlanu baseShowe, abalungiselela ukuqala amapulazi abo, ngakho ngijabule kakhulu ukubanika ulwazi enginalo,.” kusho yena.

 UNksz uNdlovu ekhangisa ngamakhowa embukisweni

Uthi usebenza nentsha nabesifazane besonto lakhe ukubafundisa amakhono okulima. UNksz uNdlovu utshala endaweni ayinikwa isonto lakhe i-Assemblies of God. Le ndawo inezimo ezifanele ukuthi amakhowa akhule kahle njengoba ilanga lingangeni ngqo.

“Ngaqala ukutshala amakhowa egaraji lami kodwa ngokukhula kwebhizinisi ngaphelelwa yindawo. Ngathokoza kakhulu ukuthi isonto langivumela ukuthi ngisebenzise amagumbi alo ngesikhathi ngisakhulisa ibhizinisi lami,.” kusho yena.

Uthi ezinye zezinselelo aseke wabhekana wukuntshontshelwa esontweni, ukunqamuka kukagesi nokufa kwemishini.

UNksz uNdlovu ululeka abafisa ukuqala ibhizinisi ngokuthi: “Awudingi ukubanemali eningi ukuze uqale ibhizinisi. Kwesinye isikhathi okudingekayo ukuzimisela ukufunda, ukusebenza kanzima nokusebenzisa kahle amathuba avelayo.”

Ufisa ukwakha i-laboratory yamakhowa ezomvumela ukuthi andise ukutshala imbewu yamakhowa, awakhulise futhi aphucule ukusebenza kwebhizinisi.

UNksz uNdlovu uthi i-Uluthando Agri Projects isezinhlelweni zokuthuthela endaweni enkulu. Uthi lokhu kuzoyenza ikwazi ukwenza izinto ezintsha, yandise izinto ezitshalayo futhi ikwazi ukufinyelela ezindaweni eziningi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page