Umqondisi wokuShushisa omusha kufanele alethe ithemba emphakathini nasemabhizinisi, kuloba uBusi Mavuso

KUNESINQUMO esibalulekile esizothinta imboni yamabhizinisi eminyakeni eyishumi ezayo. Umengameli uqoke ikomiti okufanele likhethe umqondisi woPhiko lokuShushisa umPhakathi omusha. 

Impumelelo yeG20 ikhombisa okungenziwa yiNingizimu Afrika osekuqinisa isisekelo, kuloba uBusi Mavuso 

ININGIZIMU Afrika kufanele iziqhenye ngendlela eyenze ngayo imihlangano yeG20. Imicimbi yangesonto elidlule efaka nengqungquthela yeB20 kwase kulandela iG20 Leaders Forum ikhombise umhlaba ukuthi yini esikwazi ukuyenza uma ezokuthutha zisebenza kahle, ingqalasizinda esezingeni nokubaluleke kakhulu – indlela esengamela ngayo ezepolitiki nayo yonke imicikilisho ehambisana nokusebenzisana namanye amazwe. 

Amehlo omhlaba azobe ethe njo kwiNingizimu Afrika njengoba ukukleliswa kabusha kuqinisekisa izinguquko ezenzekayo, kuloba uBusi Mavuso 

YISONTO elikhulu leli eNingizimu Afrika, njengoba kubuthene abaholi abahlukene bakwamanye amazwe amakhulu emhlabeni emihlanganweni yeG20 futhi osomabhizinisi bazohlangana engqungqutheleni iB20. 

Izinto esizizuze nge-Operation Vulindlela ezangempela kodwa kuyatotoba ngezinye, kuloba uBusi Mavuso 

UKUTHULWA kombiko wekota yesibili nge-Operation Vulindlela ngesonto elidlule kuyisikhumbuzo somsebenzi obalulekile ewenzayo kodwa futhi nokuthi usengakanani umsebenzi okufanele wenziwe.

Ukuphuma kwi-grey list kunezifundo esingazisebenzisa kwezinye izinguquko, kuloba uBusi Mavuso 

KUFANELE sijatshulelwe isimemezelo sangesonto elidlule sokuthi iNingizimu Afrika isiphumile ohlwini okufakwa kulona amazwe athathwa ngokuthi awanayo imithetho eqinile yokulwa nokushushumbisa imali i-grey list yeFinancial Action Task Force (iFATF). 

Yinto engathi shu uhlelo olusha oluhlongozwa ngomasipala, kuloba uJabulani Sikhakhane 

AKUKHO mehluko otheni ozokwenziwa wuhlelo olusha lomNyango weziMali lokuzama ukufukula ukusebenza komasipala emadolobheni amakhulu ayisishiyagalombili aseNingizimu Afrika. 

Ukuphela kwe-Agoa yithuba lokuqala kabusha eNingizimu Afrika, kuloba uBusi Mavuso 

UKUPHELA kwesivumelwano sokuhwebelana ebesivuna amazwe athile e-Afrika uma ehweba neMelika i-African Growth and Opportunity Act (i-Agoa) ekupheleni kwenyanga edlule kuyizinkomba zokushintsha kwezinto phakathi kobudlelwano beNingizimu Afrika neMelika.

Sidinga izinto ezizosisiza ngisho singasabhekene nenselelo yentela ebanjwa ezimpahleni, kuloba uBusi Mavuso

UMNOTHO womhlaba uyasimama uma izinto zicace kahle. Uma kungasenzeki amabhizinisi kufanele ashintshe indlela enza ngayo noma kuphele ngawo. 

Usizo lokuthi uhulumeni ubaxhasa kangakanani abampofu lukalwa yisimo sepolitiki nesomnotho, kuloba uJabulani Sikhakhane

ZIBALULEKILE izikali zamazinga enhlupheko ezweni. Zibayizikali zenqubekelaphambili yezwe; ukuthi liyasimama noma cha. Futhi ziwusizo olukhulu kuhulumeni ekusunguleni izinhlelo zokuxhasa abantu abahluphekayo.

Ziyethembisa izingxoxo ngezohwebo neMelika kodwa asikwazi ukulinda izixazululo zangaphandle, kuloba uBusi Mavuso 

IMIZAMO yokulungisa ubudlelwano bethu bokuhwebelana neMelika iqinile njengoba ungqongqoshe womNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau evakashele khona ngesonto elidlule futhi kunamalungiselelo okuthi umengameli uMnu uCyril Ramaphosa aye khona kuleli sonto. 

Imboni yokugembula eNingizimu Afrika ikhula ngesivinini, nokho kuletha usizi kweminye imindeni, kuloba uJabulani Sikhakhane

UKUKHULA kwemboni yokugembula kukhomba ukwanda kobunzima obuthwelwe ngabantu baseNingizimu Afrika njengoba sekuphele iminyaka engaphezu kwewu-15 umnotho wezwe ukhula ngezinga eliphansi elingakwazi ukumelana nezidingo zezwe. 

Ukudlanga kobugebengu kunqinda ukukhula komnotho eNingizimu Afrika, kuloba uJabulani Sikhakhane

IMINININGWANE ekhishwe yiStatistics South Africa (iStats SA) kuleli sonto ngesimo sezokuphepha ezweni ikhomba ukuthi siyanda isibalo sabantu abazizwa bengaphephile ezindaweni abahlala kuzo, ikakhulu uma sekuhlwile.

Isinyathelo sikangqongqoshe wezokuThutha singenza kutshalwe uR100 billion ezitimeleni, kuloba uBusi Mavuso 

KUNESINQUMO esibalulekile esithathwe ngesonto elidlule esizobanesandla ekukhuliseni nasekuqiniseni ezokuncintisana embonini yokuthutha izimpahla eNingizimu Afrika.

INingizimu Afrika ingakwazi ukushintsha ngokushesha ukuqeda ukuntuleka kwemisebenzi, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO elidlule sizwe ukuthi isibalo sabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika sinyukele ku-32,9%, okusho ukuthi umuntu oyedwa kubantu abadala abathathu akasebenzi. 

Sizogada izinguquko zikahulumeni ukuqikelela ukuthi ziyaphumelela, kuloba uBusi Mavuso 

IMPUMELELO yethu emabhizinisini incike kuhulumeni. Uma uhulumeni uhluleka, izwe liyahluleka. Uma izwe lihluleka, amabhizinisi ayahluleka.

Uhulumeni awushintshe izinhlelo zokubhekana nokuguquguquka kwesimo sezulu, kuloba uJabulani Sikhakhane 

UMNYANGO weziMali uhlongoza izinguquko ezinhlelweni zikahulumeni zokubhekana nomonakalo odalwa yizinhlekelele zemvelo okubalwa kuzona izikhukhula, isomiso, imililo yequbula nezidalwa ngabantu njengezibhelu. 

Ukungakhokheli osomabhizinisi abancane ngesikhathi kukhomba ukuhlulwa wumsebenzi kukahulumeni, kuloba uJabulani Sikhakhane 

KUSAQHUBEKA ukuphula umthetho izikhulu zikahulumeni ezingeni lezwe nelezifundazwe. Loku zikwenza ngokungakhokhi ngesikhathi imali eziyikweletayo, okuyisenzo esishaya kakhulu osomabhizinisi abancane nabasafufusa, ikakhulu abamnyama okuyibona abavamise ukuhwebelana nohulumeni.

Izisebenzi zikahulumeni azisazazi izinkinga ezibhekene nomphakathi, kuloba uJabulani Sikhakhane

UKUXAZULULA izinkinga ezikhungethe iNingizimu Afrika kudinga izisebenzi zikahulumeni ezinamakhono nolwazi olunzulu, hhayi kuphela nje ngomsebenzi okumele wenziwe kodwa nangesimo sempilo yezakhamuzi zezwe ngokuhluka kwendlela eziphila ngayo.

Imithetho emisha ngobuchwepheshe iqhakambisa izidingo zabantu kunepolitiki, kuloba uBusi Mavuso

KUNGIJABULISILE ngesonto elidlule ukubona kushaywa imithetho echaza ukuthi iminyango kahulumeni isivumelekile ukuziqokela abantu ezobasebenzisa uma idinga abantu abazoyihlinzeka ngobuchwepheshe.

Umnotho wethu uyahluleka kanti kufanele sikulungise loku, kuloba uBusi Mavuso 

ISINQUMO senye yezinhlangano ezibuyekeza indlela amazwe aphatha ngayo umnotho nokuthi akwazi kangakanani ukukhokha izikweletu zawo iS&P Global sokuphinde iklelise kahle iNingizimu Afrika uma ibheka okulindeleke kuyona siwubufakazi bokuthi yini eyingozi. 

Amabhizinisi azoqhubeka nokubambisana ne-Operation Vulindlela, kuloba uBusi Mavuso  

I-OPERATION Vulindlela ingazishaya isifuba ngendima esikhathuliwe ukuxazulula inkinga kagesi, ukuphucula ezokuthutha izimpahla, ukuhlinzeka izisebenzi zakwamanye amazwe ezinamakhono izimvume zokusebenza eNingizimu Afrika nokunye okuningi.

Sidinga umnotho ozovula amathuba omsebenzi entsheni, kuloba uJabulani Sikhakhane

SESINYUKE kakhulu isibalo sabafundi baseNingizimu Afrika abaphothula uMatikuletsheni kodwa iningi labo elingondingasithebeni ngoba alisebenzi futhi alidluleli ezikhungweni zemfundo ephakeme nezokuqeqeshela amakhono.

INingizimu Afrika ayinyakaze ukunciphisa umphumela wentela yeMelika embonini yezimoto, kuloba uBusi Mavuso

IMBONI yezimoto yaseNingizimu Afrika iwumgogodla womkhiqizo wezimboni zomnotho wethu. Yiyona ekhiqiza u-60% wezimpahla esizidayisela amanye amazwe futhi yiyona mboni enkulu kunazo zonke kwezikhiqiza izimpahla ezweni.

Ubuchwepheshe bumqoka ukwenza umsebenzi kahulumeni ngendlela, kuloba uBusi Mavuso

LABO bethu abasemabhizinisini bayazi ukuthi ubuchwepheshe bumqoka kanjani ukuze uncintisane kahle nezimbangi zakho. Ngaphandle kwabo ngeke ukwazi ukunika amakhasimende akufunayo.

Ucwaningo lukhombisa ukuthi abantu abamnyama abasakukhuthalele ukushada, kuloba uJabulani Sikhakhane 

ZIYANDA izinguquko ngenhlalo nesimo sempilo yezakhamuzi zaseNingizimu Afrika, ikakhulu eyabantu abamnyama. Loku kuvezwa yimininingwane ehlukene eqoqwa yiStatistics South Africa (iStats SA), ekhomba ushintsho olukhulu endleleni abantu abamnyama abaziphethe ngayo nezinkolelo zabo.

Ukwandisa amazwe esihwebelana nawo kumqoka, kuloba uBusi Mavuso

KULELI sonto iPhalamende laseNingizimu Afrika liphasise isiphakamiso sokukhuphula intela ebanjwa ezimphaleni i-value-added tax, osekuqubule inkulumompikiswano ngomphumela wakho emnothweni.

INingizimu Afrika izozwa ngamanye amazwe uma uhulumeni uqhubeka nokusonga izandla, kuloba uJabulani Sikhakhane

AMAZWE anamandla ngokomnotho nezimali zikahulumeni amatasatasa nemizamo yokuzilungiselela impilo ngaphansi kwesimo lapho uhulumeni kamengameli waseMelika uMnu uDonald Trump usuhoxise khona usizo lweMelika kwamanye amazwe. 

Uma imali isetshenziselwa ukuxazulula inkinga kufanele kube yisisombululo esibambekayo, kuloba uBusi Mavuso

UKUNTULEKA kwemisebenzi yinkinga okufanele siyixazulule ngokushesha kanti indlela yokwenza loko wukukhulisa umnotho. Izinguquko ezinqala zikhulisa umnotho, zinciphisa izindleko zokubanebhizinisi futhi zenza izinkampani zitshale imali ukukhulisa umsebenzi.

Uhulumeni kufanele uyifakele izibuko eyamabhizinisi angakhokhi i-VAT, kuloba uJabulani Sikhakhane

IZIBALO ezintsha ezikhishwe yiStatistics South Africa (iStats SA) zikhomba ukuthi siyehla isibalo sabantu bomdabu abanamabhizinisi angabhalisiwe ngokusemthethweni, ikakhulu lawo angakhokhi i-value-added tax (i-VAT).

Sizobathinta kanjani abathengi iSabelomali sango-2025, kuloba uThabani Ndwandwe

ABANTU baseNingizimu Afrika bebeyilindele ngabomvu inkulumo kangqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana yeSabelomali sango-2025 , benethemba lokuthi kuzothathwa izinyathelo zokunciphisa ukudonsa kanzima ngokwezimali.

ISabelomali asikhombise ukuthi izwe liyakwazi ukulawula izindleko nesikweletu, kuloba uBusi Mavuso

UKUSHESHA ukushintsha kwezinto kwezombusazwe emhlabeni kusho ukuthi iSabelomali saleli sonto okwakufanele sithulwe emasontweni amabili edlule sesizothulwa izinto sezihluke kakhulu. Izenzo zeMelika ziphoqa ohulumeni yonke indawo ukuthi bacabange ngezindlela ezintsha.

I-B20 neG20 yithuba elihle nejoka elikhulu, kuloba uBusi Mavuso 

BESIMATASA siyiNingizimu Afrika ngesonto elidlule. Ngapha sishaye into ecokeme kuthulwa iB20 neG20 futhi iCape Town isibusise ngesimo sezulu esihle kodwa futhi nomsindo kwipolitiki kwamanye amazwe ubungazibekile phansi.

Asingadididiswa wumsindo nge-VAT, indaba inosopolitiki

UKUHLEHLISA ukuthula iSabelomali kuleli sonto kwenzeke ngoba ngaso sonke isikhathi osopolitiki abanandaba namuntu ngaphandle kwezinhloso zabo. Noma bangadweshulana manje, bampongoloze bonke, bajahe ukutshengisa ukuthi babakhathalele kangakanani abantu baseNingizimu Afrika kodwa iqiniso wukuthi bayafana bonke.

Ngemva kwesikhundla sikamengameli asikho esibaluleke ukudlula esikangqongqoshe weziMali, kuloba uJabulani Sikhakhane

UKUHLELA iSabelomali sezwe nokusethula ePhalamende kuvame ukuthathwa njengento eqondene kakhulu nezomnotho nomsebenzi wezimakethe.

 ISabelomali kufanele sibeke eqhulwini ukukhulisa umnotho, kuloba uBusi Mavuso

ISABELOMALi kuleli sonto ngenye yezinto ezibalulekile emizamweni yethu yokuthi kuphele unyaka umnotho usukhule ngo-3%. Uhulumeni kufanele uqikelele ukuthi awenzi izinto ezingaphezu kwamandla awo, ugxile ekusebenziseni imali ukukhulisa umnotho nokuyitshala.

Abaholi abasukume, banganqeni ukugxekwa ngabanezinye izinhloso – Kganyago

ABAHOLI yibona okufanele bahambe phambili ekuxazululeni umonakalo ezinhlakeni abaziholayo, kungapheleli kuphela ekutheni kukhona abantu abazogxeka futhi kungathenjelwa kuphela ezinhlanganweni zomphakathi ezingenzi inzuzo ukuthi zizwakalise ilaka lazo.

Emva kweNkulumo eBhekiswe eSizweni enhle, amehlo asethe njo kwiSabelomali, kuloba uBusi Mavuso

INKULUMO eBhekiswe esiZweni ibinayo yonke imininingwane ngezinto ezizokwenzeka, hhayi nje izethembiso. Iqhakambise inqubekelaphambili esibekhona ekuguquleni imboni kagesi nokushintsha kwezinto embonini yokuthutha izimpahla nezinhlaka zobulungisa.

U-Trump uyisikhumbuzo sokuthi amazwe athembele eminothweni yawo, kuloba uJabulani Sikhakhane 

ISINQUMO sikamengameli waseMelika uMnu uDonald Trump sokumisa izinhlelo zokuxhasa amanye amazwe, phakathi kwawo okukhona neNingizimu Afrika, siyisikhumbuzo sokuthi izwe kufanele likwazi ukuzimela kwezezimali.

Ongqongqoshe nabaholi bamabhizinisi bethule umyalezo omuhle eDavos, kuloba uBusi Mavuso 

EMBUTHANWENI waminyaka yonke ohlanganisa abaholi bamabhizinisi nabepolitiki emhlabeni iWorld Economic Forum (iWEF), obuseDavos, eSwitzerland, ngesonto elidlule, iNingizimu Afrika ikhulume ngezinto esizizuzile nokuthi yini enye engayenza. Nongonyaka odlule, umyalezo wethu wawukhuluma ngesingase sikwenze. 

Uhulumeni nezinkampani zezimayini abasukumele eyemigodi eyasala ikhamisile, kuloba uJabulani Sikhakhane

UNZIMA umsebenzi okudingeka wenziwe yiNingizimu Afrika ukukhuculula ukusebenza kwamabhizinisi amancane, ikakhulu angabhalisiwe ngokusemthethweni.

Ukusebenzisana kwamabhizinisi nohulumeni kuyisibonelo esihle emhlabeni, kuloba uBusi Mavuso

UMHLANGANO omuhle wamabhizinisi nohulumeni usugqugquzele umgqigqo wokuphuthumisa izinguquko ezinqala.

Okuyolungisa isimo somasipala ezweni sekufana noJohane 14, kuloba uJabulani Sikhakhane

IZINKINGA zomasipala eNingizimu Afrika nezisombululo zazo sezafana nesaladi yeklabishi yodumo evame ukubizwa ngoJohane 14, ngokwevesi lesibili encwadini kaJohane eBhayibhelini.  Ngokuthi lijwayelekile kakhulu leli vesi, laziwa nayizingane, livame ukutakula abaningi abazithola … Read More

Wunyaka wokuthi iNingizimu Afrika ikhombise amangwevu emhlabeni, kuloba uBusi Mavuso

LONA wunyaka onezinto eziningi esizibhekile emhlabeni kodwa engikholwa wukuthi uzoba muhle eNingizimu Afrika. Sinethuba lokwakhela phezu kwezinguquko ezenziwe eminyakeni embalwa edlule.

Ukungafundi, ukungaqeqeshwa nokungasebenzi kuyingozi ezizukulwaneni, kuloba uJabulani Sikhakhane

ISIBALO sabantu abangondingasithebeni abaneminyaka ephakathi kwewu-15 newu-24 siphezulu kakhulu eNingizimu Afrika. Lapha sikhuluma ngabantu abangasebenzi, abangekho esikoleni noma ezikhungweni zemfundo ephakeme. Babizwa ngamaNEET, ukunqamulela ukuthi not in education, employment or training.

Amanani ezindlu ayisibuko ngesimo sezwe, kuloba uJabulani Sikhakhane

IBALULEKILE intengo yezindlu, okuyitemu esilisebenzisa ukuhlanganisa izindlu namaflethi) ezweni. Iyinkomba enkulu yesimo somnotho wezwe nenhlalonhle nje yesizwe. Ziningi-ke izizathu ezidala ukunyuka nokwehla kwentengo yezindlu.

Kuningi okufanele kusijabulise njengoba sizohlaba ikhefu, kuloba uBusi Mavuso

IMIZAMO emandla yosomabhizinisi nohulumeni yokusebenzisana isiqala ukuthela izithelo. Kubukeka sengathi unyaka sizowuphetha sekuphele amakota amathathu ugesi ungakaze ucinywe. 

Ukubuyekeza imboni yomshwalense wemingcwabo kudinga ukushayelwa ihlombe, kuloba uJabulani Sikhakhane

ABELUSI bemboni yezimali bazobuyekeza ukusebenza yomshwalense womngcwabo. Lolu phenyo luzothinta nokusebenza kwabangcwabi njengoba sekuneminyaka bedayisa umshwalense wemingcwabo.

Kuningi okubhekwayo nokunesandla endleleni izwe elibhekwa ngama-ratings agency ngayo,  kuloba uJabulani Sikhakhane

ZINE izinto ezibalulekile ezicutshungulwa kabanzi uma kubhekwa indlela uhulumeni wezwe aphethe ngayo umnotho walo nesimo sezimali. Lo msebenzi wenziwa yizinkampani ezibizwa ngokuthi ngama-ratings agency. 

Ukusebenza kahle komnotho kumqoka uma uhulumeni uzoboleka imali, kuloba uJabulani Sikhakhane

UHULUMENI waseNingizimu Afrika uzoboleka uR424.7 billion ezimakethe zemali kuleli zwe naphesheya. Loku kuzosho ukuthi ekupheleni konyaka wezimali wango-2024/25 uhulumeni uzobe ukweleta uR5.6 trillion, isamba esilinganiselwa ku-75% wengxenye yomkhiqizo womnotho wezwe.

Ziningi izimpawu zezinto ezinhle ezweni, nokho iGauteng isihlehlisela emuva, kuloba uBusi Mavuso

UKUBUYEKEZWA kwendawo okukleliswe kuyo iNingizimu Afrika yiS&P Global njengoba isibekwe lapho kukleliswa khona amazwe angeyona ingozi uma ebolekwa imali yigxathu lokuqala lokuthi sibuyele endaweni enhle eyasiphunyuka ekuqaleni kokubheduka kwe-COVID-19.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page