Kugiya Ongoti

Umengameli waseNingizimu Afrika uMnu uCyril Ramaphosa, osanda kuhlanganisa izikhulu zikahulumeni nezamabhizinisi, ubhekene nemicibisholo nxa zonke. Izithombe: Zithunyelwe

Ukungacaci kwekusasa likaRamaphosa kubeka imizamo yokufukula umnotho engcupheni, kuloba uJabulani Sikhakhane

SELITHAMBENE kumengameli we-African National Congress neNingizimu Afrika uMnu uCyril Ramaphosa, njengoba iqembu lakhe  lizobanokhetho lwabaholi abasha ekupheleni kwangonyaka ozayo, kuthi maphakathi no-2029 kubenokhetho lwamalungu ePhalamende ezweni nezishayamthetho zezifundazwe.

Umengameli uMnu uCryil Ramaphosa nezikhulu zikahulumeni nezamabhizinisi ngenkathi kwethulwa isigaba sesithathu sokusebenzisana eHyde Park, eGoli, eGauteng. Izithombe: Zithunyelwe

Kufanele sikhulise umnotho ngokungaphezu kwango-3% futhi sakhe imisebenzi eyizigidi, kuloba uBusi Mavuso

LUKHULU oluhle olungenzeka eNingizimu Afrika. Sinabantu abakhaliphile abakwazi ukuzuza izinto ezinkulu, kusukela kwezemidlalo kuye ezinkampanini ezivelele emhlabeni. Ukukhuthaza abantu abavelele emabhizinisini nakuhulumeni ukuthi bagxile ekukhuliseni umnotho cishe ngo-3% kuzozala impumelelo.

Amalungu eGovernment Employees Pension Fund awekho sengcupheni ezinkingeni eziqhubeka kwiPublic Investment Corporation, kusho umbhali wengosi.

UGodongwana ukhathazeka kufanele ngePublic Investment Corporation, kuloba uJabulani Sikhakhane

AWUKAPHELI umbango wePublic Investment Corporation (iPIC), osekuneminyaka inenselelo yokuphatha ngendlela efanele. I-PIC ingamele imali engaphezu kwangoR3 trillion yezinkampani zikahulumeni, eningi kuyona ngeyempesheni yezisebenzi zikahulumeni ekwiGovernment Employees Pension Fund (iGEPF).

I-Eskom, ephethwe wuMnu uDan Marokane, ihudula izinyawo ngezinguquko ezinqala zokuhlukanisa i-Eskom ukuze kusimame umnotho. Izithombe: Zithunyelwe

Abaphikisa izinguquko ezinqala balahlekisela izwe ngemisebenzi kanti kufanele kuphele loko, kuloba uBusi Mavuso

IZIBALO ezimbi ngokuntuleka kwemisebenzi ezishicilelwe ngesonto elidlule ziyinkomba yenkinga ebhebhethekayo, ikakhulu entsheni. Wuphawu lokuhluleka ukukhulisa umnotho ngezinga elanele ukwakha imisebenzi.

Ukwanda kobuchwepheshe obusamuntu ngenye yezinto ezibhebhezela inhlekelele yokushoda kwemisebenzi eNingizimu Afrika. Izithombe: YiVecteezy neShutterstock

Osopolitiki ababonakali besukumela indaba yokuntuleka komsebenzi, kuloba uJabulani Sikhakhane

ININGIZIMU Afrika izozithola isesimweni esinzima kakhulu kwezomnotho nezepolitiki njengoba ineqoqo eliningi lezisebenzi ezintula umsebenzi.

I-Public Investment Corporation ibaluleke kakhulu emnothweni waseNingizimu Afrika ukuthi ingayekwa isesimweni ekusona. Izithombe: Zithunyelwe

I-Public Investment Corporation idinga uguquko olunzulu ekuphathweni kwayo, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO elidlule inkantolo isiguqulile isinqumo sokumisa isikhulu sePublic Investment Corporation (iPIC) uMnu uPatrick Dlamini emsebenzini. Inqume ukuthi ibhodi eBImisile ibingenagunya lokwenza loko ngoba wungqongqoshe womNyango weziMali onegunya lokulwenza.

Enkulumweni ayethule e-Unisa, umphathi weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago ubuze umbuzo omqoka ngesimo somnotho wezwe. Izithombe: Zithunyelwe

Ngabe iNingizimu Afrika iyafuna yini ukunyusa izinga lokukhula mnotho wayo?, kuloba uJabulani Sikhakhane

UMPHATHI weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago unombuzo osemqoka ngesimo somnotho weNingizimu Afrika. Ubuza ukuthi ngabe izwe limagange yini ukunyusa izinga lokukhula komnotho wezwe.

Muhle umbiko wethimba elijutshwe ukuhlela i-Eskom kabusha okuzoqinisekisa ukusungula inkampani ezimele ezosabalalisa ugesi, kusho umbhali wengosi. Izithombe: YiChatGPT nesithunyelwe

Akusekho ukudideka ngenkampani ezimele ezosabalalisa ugesi, kuloba uBusi Mavuso

NGOLWESIHLANU umengameli uMnu uCyril Ramaphosa wamukele futhi uvumelane nombiko wokuqala wethimba eliphathiswe umsebenzi wokuhlela kabusha inkampani ephehla ugesi, i-Eskom Restructuring Task Team.

Ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ugobe uphondo ngokubamba isabelo somasipala abangaphethe kahle izimali, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

UGodongwana ushaye ungqimphotho ukuze kungaphazamiseki ukusebenza komasipala, kuloba uJabulani Sikhakhane

UNGQONGQOSHE womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana useshaye ingwijikhwebu ngesinqumo sakhe sangenyanga edlule sokugodla imali yesabelo somasipala abawu-69.

Kuyingozi ukuhudula izinyawo ngezinguquko ezinqala embonini efana nekagesi, kusho umbhali wengosi. Izithombe: Zithunyelwe

Asikwazi ukudembesela ngezinguquko ezinqala, kuloba uBusi Mavuso

IZIKO leBusiness Leadership South Africa (iBLSA) eligada nelibuyekeza ukuthi ziqhubeka kanjani izinguquko ezinqala iBLSA Reform Tracker lithule umbiko omusha ngesonto elidlule. Angisho ukuthi kuyakhathaza okuvelile.

Ucwaningo lukhombisa ukuthi abantu besifazane banikwa u-36% kuphela wezikweletu ngo-2024 nakuba babewu-39% wezimali ezibekwa ebhange. Izithombe: yiPexels

Nakuba abantu besifazane benegama elihle lokukhokha izikweletu kodwa bakweletelwa kancane, kuloba uJabulani Sikhakhane

AMABHIZINISI amancane asungulwa noma aphethwe ngabantu besifazane awatholi ukusekwa ngezimali okufanele, kutholakala ukuthi asilele emuva kunamanye phezu kobufakazi beminyaka eyishumi bokuthi osomabhizinisi besifazane bamagange ukukhokhela izikweletu zabo ukudlula abanye osomabhizinisi.

Sihle isiphakamiso sikangqongqoshe womNyango wokuMbiwayo uMnu uGwede Mantashe sokwandisa imikhiqizo kawoyela ebekiwe, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Sesiyavuna ngokwenza okufanele, asakhele phezu kwakho, kuloba uBusi Mavuso

UKUQUBUKA kwempi phakathi kwe-Israel ne-Iran sekuphinde kwabeka ubudlelwano neminotho yamazwe engcupheni futhi yiyonanto ewundabizekwayo.

I-Public Investment Corporation kufanele izilungise ukuze isebenze kahle futhi ingathandwa amaqola, kusho umbhali wengosi. Izithombe: Zithunyelwe

Indlela iPublic Investment Corporation eyakhiwe ngayo iyenza ibhodwe eliconsayo, kuloba uJabulani Sikhakhane

I-PUBLIC Investment Corporation (iPIC), inkampani kahulumeni ephatha izimali zesikhwama sempesheni yezisebenzi zikahulumeni nezinye izimali ezinjenge-UIF, ngeke ibenokuthula uma kungaxazululwa izinto ezimbili.

Yize imeya yaseGoli uMnu uDan Morero ethi akunankinga kuleli dolobha kodwa ubufakazi busho okunye, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ukhetho lomasipala lusho ukuthi sesifikile isikhathi sokukhuculula komasipala, kuloba uBusi Mavuso

SESIFIKE qathatha ekuweni komasipala. Isinqumo somNyango weziMali sokugodla isibonelelo somasipala abawu-69 silandela umbiko womcwaningimabhuku-jikelele osekuphele iminyaka engaphezu kweyishumi uveza ukuthi ukungasetshenziswa kwemali ngendlela (okuyiyonankomba enkulu yenkohlakalo) kunyukile unyaka nonyaka, kungenazinyathelo ezithathwayo.

Uhulumeni wezwe ususukumela indaba yokungaphathi izimali kahle komasipala, kusho umbhali wengosi. Izithombe: yiShutterstock nesithunyelwe

Ukubamba imali yomasipala ngaphambi kokhetho kujulile, kuloba uJabulani Sikhakhane

ISINQUMO somGcinimafa sokugodla, noma singesesikhashana, imali yomasipala abawu-69, okubalwa kubona omasipala abakhulu, simqoka ngenxa yezizathu ezintathu.

I-Business Leadership South Africa iyeke ukukhankasela ukuthi kwande ukuncintisana embonini kagesi, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ukuphatha ngobuqotho kusho ukulandela umgomo okuvunyelenwe ngawo, kuloba uBusi Mavuso

KUTHUSILE ngesonto elidlule ukuzwa usihlalo webhodi le-Eskom uMnu uMteto Nyati esola iBusiness Leadership South Africa (iBLSA) neBusiness Unity South Africa (iBusa) ngokugxambukela okufana nosopolitiki, loku esineminyaka sikugxeka. Uqale washo ezinkundleni zokuxhumana ngaphambi kokusho emsakazweni.

Ziningi ezinye izinto ezisho imali ngaphezu kwamaphepha nohlweza okujwayelekile. Isithombe: yiShutterstock

Imali yezwe ayipheli ngeyamaphepha kuphela, kuloba uJabulani Sikhakhane

UMA kukhulunywa ngemali abantu abaningi bangacabanga ukuthi kushiwo imali yamaphepha kuphela nenkece (uhlweza). Loku kwakuyiqiniso endulo.

Kuyadumaza ukuthi undunankulu waseGauteng uMnu uPanyaza Lesufi nemeya yaseGoli uMnu uDada Morero abazihluphanga ngokuphendula incwadi yeBusiness Leadership South Africa efisa ukubasiza. Isithombe: Sithunyelwe

Umasipala waseGoli awuswele. Inkinga wukuthi awuphethwe kahle, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO elidlule umkhandlu weBusiness Leadership South Africa (iBLSA) uhlanganile ukubhunga ngocwaningo obelubheka isimo sedolobha laseGoli, oluthulwe wuNks uLael Bethlehem weGenesis Analytics. Imiphumela ishaqise kakhulu.

Izimpawu zikhombisa ukuthi ngemva kokhetho lohulumeni bendawo oluzayo omasipala bazoqhubeka nokuphathwa ngokubambisana, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ukhetho lomasipala oluzayo luzozala oholumeni bobambiswano, kuloba uJabulani Sikhakhane

UKHETHO lomasipala ngoNovemba luzoba ngolubaluleke kakhulu emlandweni wezwe kusuka ngo-1994. Isizathu saloku yisimo sezimali somasipala baseNingizimu Afrika esintengayo nokuhluleka kwabo ukumelana nezidingo zemiphakathi. Akukacaci ukuthi sizolungiswa kanjani lesi simo.

Ukungenelela kukangqongqoshe womNyango kaGesi namaNdla uDkt uKgosientsho Ramakgopa yisixazululo sesikhashana kwisikweletu sikagesi saseGoli, okufanele sisukunyelwe, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Inkinga yesikweletu sikagesi eGoli imqoka kwikusasa le-Eskom nedolobha uqobo, kuloba uBusi Mavuso

NGEKE kulunge eNingizimu Afrika uma kungawa idolobha laseGoli. Indlela izinto ezenzeka ngayo ngogesi kulo mkhandlu isiyingozi ngempela. Isikweletu esiwuR5,3 billion leli dolobha elisikweleta i-Eskom asikhokheki ngendlela efanele kanti imiphumela yaloko icace bha ngesonto elidlule.

I-liquified natural gas inesidingo esikhulu eNingizimu Afrika, kuloba umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Kuzohlomula iNingizimu Afrika ngesikhumulo esisha seLNG, kuloba uZakhele Madela

NGESONTO elidlule kuqopheke umlando eNingizimu Afrika emkhakheni wezamandla. I-ExxonMobil South Africa LNG neZululand Energy Terminal (iZET) basayine isisekelo sesivumelwano sokusungula isikhumulo se-liquified natural gas (iLNG) eRichards Bay, KwaZulu-Natali.

IChweba laseThekwini, elenze kangcono emhlabeni, ngenye yezindaba ezimnandi ezintathu ezenzeke eNingizimu Afrika. Isithombe: Sithunyelwe

Izinguquko ezweni seziqala ukuthela izithelo, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO elidlule kubenezindaba ezimnandi ezintathu kanti zonke zisho into eyodwa. Ukusimama komnotho kubengaphezu kobekulindelekile. IBhange lomHlaba limemezele ukuthi iChweba laseThekwini lenze kangcono kunawo wonke emhlabeni. I-Fitch iphucule indawo eklelise iNingizimu Afrika okokuqala eminyakeni ewu-20. Uhlelo loguquko seluqala ukuthela izithelo.

Ucwaningo lweBhange lomHlaba luthi ukufuduka kwabantu kufanele lubukwe njengenselelo yentuthuko yamazwe. Isithombe: Sithunyelwe

Indaba ingamazinga entuthuko ngokusabalala kwabokufika, kuloba uJabulani Sikhakhane

UKUFUDUKA kwabantu besuka emazweni abazalelwa khona beya kwamanye amazwe lusematheni emhlabeni jikelele.

Abantu bokufika bazosizwa wukuthuthukiswa kweminotho yamazwe abo ukunciphasa ukuthutheleka kwabo eNingizimu Afrika, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Inkinga yokufuduka kwabantu emazweni abo idinga abaholi base-Afrika, kuloba uSandile Gumede

UDABA lokugoduka kwabantu bangaphandle, noseluphenduke insakavukela umchilo wesidwaba, ludinga isinono sekati ngoba wudaba olubukhali nhlangothi zonke njengenkemba.

IBhange lomBuso liphoqeka ukuvikela abantu abampofu ngezikhathi ezithile zomnotho, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe yiShutterstock

Kungani iBhange lomBuso linyusa imalimboleko, kuloba uJabulani Sikhakhane

IBHANGE lomBuso libhekene nomsebenzi onzima wokulwa nokwehla kwamandla emali, phecelezi, i-inflation.

Izinto zisengabuyela esimweni esifanele eGoli, eGauteng, njengakudala iGoli liseyiGoli, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ukubheda kwezinto eGoli kudlisela umnotho wezwe, kuloba uBusi Mavuso

NJENGOBA kuzoqala iNdebe yoMhlaba eNorth America kuleli sonto ngikhumbula ngesikhathi lo mqhudelwano useNingizimu Afrika ngo-2010. Umdlalo wokuqala uzophinde ubephakathi kweNingizimu Afrika neMexico, umdlalo wokuqala okwavulwa ngawo le midlalo ngesikhathi ilapha.

Umbiko weKhomishini yokuNcintisana ithi kunyuka ngamawala kwentengo kagesi kungaphezu kwamandla emali, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Amanani kagesi ayaqhubeka nokuklinya abantu, kuloba uJabulani Sikhakhane

IZAKHAMUZI zaseNingizimu Afrika azizukukuthola ukuphefumula ngentengo kagesi okulindeleke ukuthi iqhubeke nokunyuka phezu kwezinguquko ezenziwa wuhulumeni ngokusebenza kwale mboni.

Isinqumo somphathi weBhange lomBuso uMnu uLesetja Kganyago sokunyusa imalimboleko sizosisiza, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ukuphatha imali yezwe kahle kuyasiza. Sesidinga kuphuthunyiswe izinguquko, kuloba uBusi Mavuso

IBHANGE lomBuso lenze isinqumo esifanele ngesonto elidlule ngokunyusa imalimboleko ngo-25 basis points ngenxa yokunyuka kwamanani ezimpahla emhlabeni. Umphathi uMnu uLesetja Kganyago neKomiti eleNgamele uMgomo weMali abangabazanga.

Njengoba kunenselelo yokunyuka kukaphethroli nodizili nemali yezinto zokuthutha umphakathi, uhulumeni kufanele ubheke nezitimela, kusho umbhali wengosi. Izithombe: Zithunyelwe

Izitimela zingehlisa umthwalo emahlombe abathengi, kuloba uSandile Gumede

KULOKU kudunguzela komnotho emhlabeni nokubhebhethekiswa yimpi yeMelika ne-Israyeli behlanganyela i-Iran kuzosishiya simathanjana. 

Isikhulu esiphezulu se-Eskom uMnu uDan Marokane senza umsebenzi omuhle kodwa kuseyisiqalo, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ukuphela konyaka ugesi ungacinywa kufakazela ukusebenza kwezinguquko, kuloba uBusi Mavuso

SIHALALISELA i-Eskom ngokuthi sekuphele unyaka ugesi ungakaze ucinywe. Wushintsho olumangalisayo lolo kunaseminyakeni emithathu edlule lapho kwaba kwacinywa khona ugesi izinsuku ezingu-300, nokwadala umonakalo omkhulu emnothweni.

Ucwaningo lukhombisa izwe elinentsha eningi engenathemba ngekusasa libanenkinga yobugebengu nezidakamizwa, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

INingizimu Afrika ibhekene nengwadla yentsha engasenathemba, kuloba uJabulani Sikhakhane

INTSHA yaseNingizimu Afrika ithwele kanzima. Iningi layo alikho emsebenzini noma ezikhungweni zokuqeqeshelwa amakhono nezemfundo ephakeme.

Kukhona okuhle okwenziwa yisikhulu esiphezulu eTransnet uNks uMichelle Phillips nethimba lakhe, nokho kunokutotoba ngezinye izinto, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Zithela izithelo izinguquko kwezokuthutha kodwa kufanele sibambe umgqigqo, kuloba uBusi Mavuso

IZINGUQUKO embonini yokuthutha izimpahla zimqoka empumelelweni yomnotho wethu. Asikwazi ukuncintisana ekudayiseni izimpahla kwamanye amazwe ngaphandle kwamachweba asebenzayo futhi okufinyeleleka kahle kuwona.

Ucwaningo lukhombisa ukuthi ukwenza omasipala abancane basebenza njengabakhulu akuphuculi izinto ezingeni lomasipala basekhaya, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ukusondeza omasipala abakhulu akuziphuculi izinto, kuloba uJabulani Sikhakhane

UBUKHULU bukamasipala bubalulekile kodwa ngezizathu ezihlukene. Omasipala abakhulu, ngokwendawo abanayo noma abantu abangaphansi kwabo, basesimweni esifanele ukuzakhela nokuziphathela izinhlelo ezidinga imali eningi okungaba ngeyamanzi nengqalasizinda yokuhambisa indle. Nokho uma bebakhulu babakude nezakhamuzi bese bengazihambisi kahle izidingo kubantu.

Kunika ithemba ukubona uhulumeni uqonda imiphumela yemigomo emnothweni, kusho umbhali wengosi. Isithombe: yiShuttestock

Sidinga imithetho ekhombisa ukuthi siyakuqonda ukukhulisa umnotho, kuloba uBusi Mavuso

NGABE imigomo yethu iyakweseka ukukhulisa umnotho? Ungazitshela ukuthi kunjalo. Ukukhulisa umnotho yiyona kuphela indlela yokubhekana nezinselelo zethu – ukuntuleka kwemisebenzi, ububha nokungalingani.

Izakhamuzi zaseNingizimu Afrika zithwele kanzima ngisho zithola usizo lukahulumeni, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Isinqumo sikahulumeni sokonga imali siklinya abantu abahluphekayo, kuloba uJabulani Sikhakhane

USIZO uhulumeni waseNingizimu Afrika olunika abathengi bakaphethroli nodizili luyisibonelo sobunzima obuthwelwe abantu abahluphekayo. Obunye balobu bunzima budalwa yindlela uhulumeni owenza izinto ngayo.

UmNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana, ophethwe wuMnu uParks Tau, usukumele olwezimboni, kusho kombhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Akuyekwe ukucekela phansi izimboni kungaze konakale kakhulu, kuloba uBusi Mavuso

NOMA yiziphi izifiso iNingizimu Afrika enazo zokuvuselela izimboni zishabalala sibhekile. UmNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana kufanele usihole ukushintsha izinto uma uthatha izimboni njengezibalulekile ekukhuleni komnotho weNingizimu Afrika. Uma uhluleka, kunesizukulwane saseNingizimu Afrika esizothwala kanzima.

Ucwaningo olusha luphakamisa ukuthi uhulumeni kufanele ubhekisise izinto ongakwazi ukuzisukumela ukuphucula impilo yezakhamuzi ezintulayo. Isithombe: Sithunyelwe

Uhulumeni unqindekile ukubhekana nezinkinga zezwe, kuloba uJabulani Sikhakhane

UCWANINGO loqweqwe lukasomnotho waseNyuvesi yase-Stellenbosch ngekusasa lezomnotho nentuthuko yeNingizimu Afrika lukhomba ukuthi abaholi bezwe kufanele bacabangisise ukuthi yiziphi izinkinga abangakwazi ukwenza umehluko kuzona ngokushesha, yiziphi ezingathatha isikhathi.

Ziyathembisa izinguquko ezihlongozwa wungqongqoshe womNyango wokuBambisana, ukuBusa nobuHoli beNdabuko uMnu uVelenkosini Hlabisa komasipala, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Kuqinisa idolo ukubona osopolitiki nezikhulu zikahulumeni abaqotho, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO elidlule kusijabulisile ukubanongqongqoshe womNyango wokuBambisana, ukuBusa nobuHoli beNdabuko uMnu uVelenkosini Hlabisa, obekhuluma noMkhandlu wethu ngenqubekelaphambili esibekhona ekushintsheni izinto komasipala.

Amathuba omnotho ahambisana nokwakha iKing Shaka International Airport asancisha abantu abamnyama iqhatha emnothweni. Isithombe: Sithunyelwe

Uhulumeni awuyibhekelelanga intuthuko yamalokishi ngesikhathi wakha iKing Shaka, kuloba uJabulani Sikhakhane

ISINQUMO sikahulumeni sokwakha isikhumulo samabhanoyi esisha iKing Shaka International Airport eLa Mercy, eThekwini, KwaZulu-Natali, sesibeneqhaza elikhulu kwintuthuko yasenyakatho yaseThekwini kule minyaka engaphezu kweyishumi edlule.

I-Business Leadership ngokubambisana nomNyango wezokuVakasha ibinomcimbi wokubhunga ngeqhinga lokukhulisa le mboni eCape Town, eNtshonalanga Kapa, ngesonto elidlule. Isithombe: Sithunyelwe

Ezokuvakasha zisinika ithuba lokusimamisa umnotho, kuloba uBusi Mavuso

IMBONI yezokuvakasha ingenye yezinto okucacile ukuthi singakhulisa umnotho ngazo futhi sakhe imisebenzi. Ngo-2025, kufike izivakashi ezingaphezulu ngo-10.5 million kunesibalo sezazifika ngaphambi kokubheduka kwe-Covid-19.

Kuhle ukubona kunomnyakazo ngeziphakamiso ezivikela abantu ababika inkohlakalo, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Inqubekelaphambili ngezinguquko ezavela kwikhomishini kaZondo iveza okuhle nokuxegayo, kuloba uBusi Mavuso  

LONKE ushintsho olugcina luphumelele lutholakala kanzima. Kuqale kubewumzukuzuku luhlanganiswa, okufaka izinhlaka ezihlukene ngaphambi kokubawumthetho umphakathi obeka uvo ngawo, ngaphambi kokuphasiswa ePhalamende. Emva kwaloko, kuqala inselelo yokuthi usetshenziswe. 

Kukhuthazwa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bonge imali kunokuyibhubhudla. Izithombe: yi-iStock nesithunyelwe

Amanga ngokuthi abantu baseNingizimu Afrika bathanda ukukhithiza kunokonga, kuloba uCowhan Govender

SEKUPHELE iminyaka ucwaningo lukhombisa ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bacwile ezikweletini, abongi ngendlela efanele futhi bayakhithiza.

Ichweba laseThekwini limqoka ekuvimbeni ukuwa kwenkaba yedolobha ekubeni yisizinda somnotho, Isithombe: Sithunyelwe

Isimo somnotho waseThekwini sisadinga ukucutshungulwa kabanzi, kuloba uJabulani Sikhakhane

UCWANINGO ngokuhleleka komnotho ngaphansi kukamasipala waseThekwini luveza imininingwane ebalulekile ngentuthuko yaleli dolobha nokubaluleka kwalo emnothweni wesifundazwe iKwaZulu-Natali.

INingizimu Afrika kufanele izibambe ziqine ngezinguquko ezinqala njengoba enzile umengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa engqungqutheleni yokutshala imali ngenyanga edlule, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ukwehla kwentela ebanjwa kuphethroli kuyasiphefumulisa kodwa izinguquko zakha ikusasa, kuloba uBusi Mavuso

KUYANGIJABULISA ukuthi uhulumeni usilalelile isicelo sokuthi uphungule umthwalo wokunyuka kakhulu kwamanani kawoyela ngokwehlisa okwesikhashana intela ebanjwa kuphethroli. 

Ukuzwela kwemiphumela yempi ese-Iran kufanele kukhumbuze iNingizimu Afrika ukuthi inganciki kwamanye amazwe ngophethroli nodizili. Isithombe: yiPexels

INingizimu Afrika kufanele isukumele ukulungisa imboni kawoyela, kuloba uJabulani Sikhakhane

IMIPHUMELA yempi ese-Iran isiveze igebe elikhulu eNingizimu Afrika ngesimo sikaphethroli nodizili. Zimbili izizathu zaleli gebe.

Mkhulu umsebenzi okufanele wenziwe ukuvuselela isithunzi samaphoyisa njengoba kuvela ngobufakazi obuthulwa kwiKhomishini kaMadlanga, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ezokushushisa zifakazela ukuthi abantu bangaphendula. Manje sekufanele kuhlale kwenzeka, kuloba uBusi Mavuso

UKUBOSHWA kwezikhulu zamaphoyisa eziwu-11 ngesonto elidlule mayelana nethenda kaR360 million kuyinkomba yokuthi siphelile isikhathi sokuzicanasela. 

Ukwanda kweziteshi ezincintisana neSABC nokushesha kokushintsha kobuchwepheshe kwenza ilahlekelwe yimali. Isithombe: Sithunyelwe

Izinselelo zendlela yokusebenza kweSABC zidinga ukusukunyelwa, kuloba uJabulani Sikhakhane

ISINQUMO seSABC sokuvala uhlelo lwethelevishini i-Face the Nation siyisikhumbuzo sodaba lweminyaka lokuthi le nkampani kahulumeni esakazela umphakathi kufanele ixhaswe kanjani.

Impi eseMiddle East Isiqala ukuzwela kubakhiqizi nabathutha uwoyela kanti uhulumeni kufanele uphuthume ukuvikela amabhizinisi nomnotho, kusho umbhali wengosi. Isithombe: yiPexels

Okufanele sikwenze ukubhekana nothuthuva oseluqubukile emhlabeni, kuloba uBusi Mavuso 

IMPI eseMiddle East kungenzeka ilimaze umnotho emhlabeni kakhulu kuye nokuthi izoqhubeka isikhathi esingakanani. Amabhizinisi aseNingizimu Afrika asevele asebenzela ukunqanda umonakalo futhi sidinga osopolitiki ukuthi babambisane nathi.

Okushiwo wukhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natali uJenene ngomsuka wobugebengu eNingizimu Afrika udinga ukuphenyisiswa yizazi, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Ukwanda kobugebengu ezweni akuyona impi yamaphoyisa wodwa kodwa kudinga umphakathi wonke, kuloba uJabulani Sikhakhane

SEKUKANINGI ukhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natali uNhlanhla Mkhwanazi ebeka izizathu athi ziwumsuka wokwanda kobugebengu obenziwa ikakhulu yintsha. Izizathu zakhe zihambisana neminye imininingwane ngesimo sempilo eNingizimu Afrika.

Kuhle ukuthi ungqongqoshe womNyango wokuBusa, ukuBambisana nobuHoli beNdabuko usukumela indaba yokulungisa omasipala, kusho umbhali wengosi. Isithombe: Sithunyelwe

Kufanele sikunqande ukucekeleka phansi kwezinto komasipala, kuloba uBusi Mavuso

NGIMANGELE ngesonto elidlule ngesikhathi umqondisi-jikelele emNyangweni wamaNzi nokuThutha iNdle uMnu uSean Phillips ekhuluma “ngendlela izinto eziqhubeka nokubheda ngakhona” mayelana nokuhlinzeka amanzi komasipala abaningi.  

Podcasts

Inqolobane