Ukhetho lomasipala lusho ukuthi sesifikile isikhathi sokukhuculula komasipala, kuloba uBusi Mavuso
SESIFIKE qathatha ekuweni komasipala. Isinqumo somNyango weziMali sokugodla isibonelelo somasipala abawu-69 silandela umbiko womcwaningimabhuku-jikelele osekuphele iminyaka engaphezu kweyishumi uveza ukuthi ukungasetshenziswa kwemali ngendlela (okuyiyonankomba enkulu yenkohlakalo) kunyukile unyaka nonyaka, kungenazinyathelo ezithathwayo.
Izinguquko ezweni seziqala ukuthela izithelo, kuloba uBusi Mavuso
NGESONTO elidlule kubenezindaba ezimnandi ezintathu kanti zonke zisho into eyodwa. Ukusimama komnotho kubengaphezu kobekulindelekile. IBhange lomHlaba limemezele ukuthi iChweba laseThekwini lenze kangcono kunawo wonke emhlabeni. I-Fitch iphucule indawo eklelise iNingizimu Afrika okokuqala eminyakeni ewu-20. Uhlelo loguquko seluqala ukuthela izithelo.
Ukusondeza omasipala abakhulu akuziphuculi izinto, kuloba uJabulani Sikhakhane
UBUKHULU bukamasipala bubalulekile kodwa ngezizathu ezihlukene. Omasipala abakhulu, ngokwendawo abanayo noma abantu abangaphansi kwabo, basesimweni esifanele ukuzakhela nokuziphathela izinhlelo ezidinga imali eningi okungaba ngeyamanzi nengqalasizinda yokuhambisa indle. Nokho uma bebakhulu babakude nezakhamuzi bese bengazihambisi kahle izidingo kubantu.
Akuyekwe ukucekela phansi izimboni kungaze konakale kakhulu, kuloba uBusi Mavuso
NOMA yiziphi izifiso iNingizimu Afrika enazo zokuvuselela izimboni zishabalala sibhekile. UmNyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana kufanele usihole ukushintsha izinto uma uthatha izimboni njengezibalulekile ekukhuleni komnotho weNingizimu Afrika. Uma uhluleka, kunesizukulwane saseNingizimu Afrika esizothwala kanzima.
















































