Wunyaka wokuthi iNingizimu Afrika ikhombise amangwevu emhlabeni, kuloba uBusi Mavuso

LONA wunyaka onezinto eziningi esizibhekile emhlabeni kodwa engikholwa wukuthi uzoba muhle eNingizimu Afrika. Sinethuba lokwakhela phezu kwezinguquko ezenziwe eminyakeni embalwa edlule.

Umgomo wokuhweba kufanele ugxile ekuphuculeni indlela esincintisana ngayo namanye amazwe, kuloba uBusi Mavuso 

KUNGABE yimiphi imigomo yezimboni uhulumeni wobumbano ozoyiqhakambisa? Ngimangazwe wucwaningo lweBhange loMhlaba obelubheka indlela iNingizimu Afrika eqhuba ngayo ekuhwebeni namazwe aphesheya oluveze ukuthi isalele emuva ekukhuliseni umnotho.

Sidinga ongqongqoshe abazohlonipha umsebenzi kahulumeni, kuloba uBusi Mavuso

INKULUMO kaMengameli uCyril Ramaphosa ngesikhathi egcotshwa ngesonto elidlule iyikho kanye esikudingayo ngalesi sikhathi emlandweni wombuso wentando yabantu. Umengameli uthe abavoti batshengisile ukuthi bafuna “umnotho oshintshile, okhulayo, ofaka wonke umuntu nowakha imisebenzi yezigidi zabantu abafuna umsebenzi namathuba amabhizinisi abo bonke osomabhizinisi ezweni lethu”.

Sifuna uhulumeni ozosukumela amabhizinisi amancane abamnyama: osomabhizinisi

UMFELANDAWONYE wamabhizinisi abantu abamnyama uthemba ukuthi noma ngabe wubani i-ANC ezokhetha ukubumba naye uhulumeni kuzoba yinhlangano ezobeka eqhulwini umthetho wokufukula abantu abamnyama emnothweni, i-Black Economic Empowerment (iBEE).

I-ANC ibhekene nenkiyankiya ngohulumeni omusha, kuloba uJabulani Sikhakhane 

ININGIZIMU Afrika isezimpambanweni zomgwaqo ngokwepolitiki nezomnotho. Isinqumo sezepolitiki singabanomphumela omuhle noma omubi kwezomnotho ngenxa yokuxhumana kwale mikhakha yomibili.

‘Bayazicanasela osopolitiki ngenxa yobumpumputhe babantu ngezomnotho’ 

ENINGIZIMU Afrika, njengasemazweni amaningi, abantu abaningi bavota ngezinhliziyo, hhayi ngokuqonda imigomo yezinhlangano abazikhethayo. Osopolitiki bayakwazi loku futhi bayakusebenzisa ngokubagxisha namanga ikakhulukazi ngemigomo ethinta izihloko ezibucayi njengomnotho.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page