UMnu uCelimpilo Mthembu, umsunguli weCelimpilo M yaKwaMashu, eThekwini, KwaZulu-Natali, eyenza umsebenzi wobuciko. Izithombe: Zithunyelwe

Uthisha oyiciko wamvula amehlo ngemboni 

WUTHOBILE ZWANE

ICIKO eliwusomabhizinisi likholwa wukuthi kubalulekile ukucwaninga ngaphambi kokuqala umsebenzi uma uyiciko ukuze wenze umsebenzi osezingeni eliphezulu.

UMnu uCelimpilo Mthembu, umsunguli weCelimpilo M, yaKwaMashu, eThekwini, KwaZulu-Natali, waqala ukudweba efunda u-Grade 4 ngesikhathi yena nabangani bakhe bengenela umcintiswano wokudweba. 

Uthi wayezithandela ukudweba abantu. “Ngaleso sikhathi ngangithanda ukudweba ikakhulukazi opopayi esasibabuka ngaleso sikhathi amaDragon Ballz, okwaba yiyonanto eyasigqugquzela kakhulu. 

“Njengoba sasihlale siqhudelana, umuntu kwakufanele aqhamuke nokuhlukile njalo. Ngikhumbula ukuthi nganginebhuku elaliqukethe imidwebo ehlukene,” kukhumbula yena.

Wenze i-Diploma in Visual Arts eCreative Arts College kanti waqeqeshwa naseK-Cap Multi-Arts Centre KwaMashu. Uthi ukuqeqeshwa kulezi zikhungo kumsizile ukupholisha ithalente nokukhulisa ulwazi lwakhe.  

“Ngathola nothisha owayenesineke owayesifundisa nokuthi nje yena wayephila ngokudweba seloku kwathi nhlo. Loko kwangigqugquzela kakhulu ukuthi kukhona umuntu owathola umsebenzi ngenxa yobuciko futhi ushadile, unezingane ukwazi ukondla umndeni wakhe. Loko ngakuthanda kakhulu kwangenza ukuthi ngiwuthande kakhulu lo mkhakha,” kusho uMthembu.

Eminye yemisebenzi yobuciko yeCelimpilo M

Imidwebo iqala kuR6 000 kuye kuR100 000 kuya ngosayizi nohlobo lwawo.

Uchaze indlela adweba ngokuthi ithatha kubantu aphila nabo endleleni abenza izinto ngayo. Umsebenzi wakhe udle ngemibala ehlukile lapho echaza ubuhle bomuntu omnyama.

“Empilweni sibhekene nezimo ezingafani. Kuyabonakala loku kwimidwebo yami nokuthi kukhona imibala engafani, ikhombisa ukuhlangana kwabantu nokuhlukana kwabo emotweni ethutha umphakathi uzitshele ukuthi uzophinde umbone kanti ubugcina ukumbona, usuyombheka ungamtholi. Mina ngibheka izimo ezikanjalo,” kusho yena.

Into emsizayo uma enza umsebenzi wukwenza ucwaningo ngenye into entsha azoyenza elandelayo. “Kuyangisiza kakhulu ukuthi ngihambele izindawo zamaciko akhona eThekwini naseNingizimu Afrika yonkana, ukuhamba ubuka ezindaweni zabanye abantu yila ofunda khona okukhulu futhi nokuningi ngomsebenzi wabo nokuxoxa nabo ngezihloko ezithile ugcine usuthola ulwazi oluningi kuyasiza kakhulu,” kusho uMthembu. 

Okwamanje usebenzisa izinkundla zokuxhumana ukuzikhangisa nokudayisa umsebenzi wakhe. 

Ngonyaka odluele wabayingxenye yombukiso iSankofa Arts Exhibition, esamhlabe umxhwele kakhulu, lapho ahlangana namaciko awahlonipha kakhulu, okubalwa kuwona oMnu uSihle Shozi, uKhulekani Mkhize, uLindani Maduna noMajor Ndlovu.


Ubuciko beCelimpilo M bugxile empilweni yabantu yemihla


Uthi izinselelo ziningi kulo mkhakha, ngakho kufanele ubewumuntu okwazi ukumelana nanoma yisiphi isimo futhi uzehlise.

“Okuhle wukuthi ngathola ithuba lokukhangisa umsebenzi wami eGoli. Sengithole nethuba lokusebenza namaciko amakhulu futhi ahlonishwayo eThekwini,” kusho yena. 

Uma ebuzwa ngokuthi wazizwa kanjani eqala ukudayisa umsebenzi wakhe wokuqala umdwebo owu-A3 wentombazane ethwele isigubhu samanzi ekhanda.

“(Ngaloko) ngabona ukuthi umsebenzi wami uyakhula. Kukhona nalapho engadayisa khona imidwebo ewu-21 kwewu-25. Ngabona lapho ukuthi umsebenzi wami uyakhula, ngaqala ngawuhlonipha,” kukhumbula  uMthembu.

Uthi izinselelo ziyafika, wakhuthaze osomabhizinisi abasafufusa ukuthi bavuke bazithintithe uma kufika isikhathi sezinselelo.

“Ukubambezeleka kwakho akusho ukuthi sekuphelile ngawe noma le nto oyifisayo ngeke isenzeka. Izokwenzeka, isikhathi yisona esingakafiki, qhubeka uzame.” 

  • Facebook: Celimpilo M Rootage

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/10/02/ubuciko-bakhe-bumvulele-umnyango-webhange-lombuso-uxoxe-noslindile-khanyile/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page