Yize amanani eqhubeka nokwehla kodwa aweziphuzo ezishisayo, njengetiye nekhofi, anyuke mawala ngoJuni. Isithombe: Sithunyelwe

Amanani ayagoloza ukwehla kodwa kunenhlansi yethemba

WUSLINDILE KHANYILE 

UKWEHLA kwamandla emali kube ngcono ngoJuni njengoba kube ngu-5.1% kusuka ku-5.2% ngoMeyi. Nokho-ke akukasondeli ku-4.5% obekwe yiBhange loMbuso ukuze likhululeke futhi liqale lehlise imalimboleko.  

Izibalo ezishicilelwe yiStatistics South Africa (iStats SA) izolo ziveze ukuthi ukwehla kwamandla emali kuloku kuphakathi kuka-5% no-6% kulezi zinyanga eziyishumi ezidlule.  

Amanani okudla neziphuzo ezingenatshwala ehle kancane esuka ku-4.7% abeme kuwona ngo-Ephreli noMeyi abawu-4.6% ngoJuni.

“Amanani okudla neziphuzo ezingenatshwala ehlile esuka lapho eke aba phezulu kakhulu khona okuwu-14.0% ngoMashi wango-2023. Lapho amanani emi khona ngoJuni yiwona manani aphansi kunawo wonke kusukela ngoSepthemba wango-2020 – ezinyangeni eziwu-45 ezidlule ngesikhathi kubhoke iCOVID-19 – ngesikhathi amanani ayengu-3.8%,” kusho iStats SA. 

Kuningi ukudla okwehlile ngoJuni okubalwa kukho ushukela, oswide noncamnce, amaveji, izithelo, ubisi, amaqanda, ushizi nofishi. Nokho amanani eziphuzo ezishisayo, izinkwa, ama-cereal, amafutha, iziphuzo ezibandayo nenyama anyukile.  

“Amanani eziphuzo ezishisayo anyukele ku-16.5% ngoJuni esuka ku-14.2% ngoMeyi uma kuqhathaniswa nonyaka odlule. Uma kuqhathaniswa nenyanga edlule, anyuke ngo-2.2% okudalwe wukunyuka kakhulu kwamanani e-drinking chocolate (akhuphuke ngo-3.5%), itiye elimnyama (elinyuke ngo-2.7%), ikhofi (elinyuke ngo-2.2%) ne-rooibos (ekhuphuke ngo-1.6%). 

“Amanani esinkwa ne-cereal akhuphuke okokuqala ezinyangeni eziwu-14, afinyelela ku-5.2% ngoJuni, esuka ku-3.9% ngoMeyi. Amanani anyuke kakhulu yimpuphu (ekhuphuke ngo-3.3%) nesitambu (esikhuphuke ngo-3.0%). Uma sinaba, uma kubhekwa amanani okukhiqiza, i-producer price index  (iPPI) anyukele ku-7.2% uma kuqhathaniswa nenyanga edlule (u-4.6%, uma kuqhathaniswa nonyaka odlule) ngoMeyi. 

Amanani ombila anyuke ngo-23.8% uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule. Okwenzeka kwiPPI kuyizinkomba kwesingakulindela ngamanani abathengi, i-consumer price index (iCPI), ngakho lezi zibalo zisitshengisa ukuthi amanani emikhiqizo kambila inyukile,” kwengeza iStats SA.

Amanani obisi, amaqanda noshizi anezinyanga eziyisithupha ehla. NgoJuni abe ngu-7.3% esuka ku-14.5% ngoDisemba wango-2023. Amanani amaqanda anezinyanga eziyisikhombisa ehla njengoba eseku-20.4%.

Amanani ezokuthutha ehlela ku-5.5% ngoJuni esuka ku-6.3% uma kuqhathaniswa nonyaka odlule. Awezimoto ezintsha ehlele ku-5.2% esuka ku-8.4% ngoSepthemba ngonyaka odlule.  

“Izibalo zeNaamsa zitshengisa ukuthi kwehlile ukuthengwa kwezimoto ezintsha njengoba kunciphe ngo-9.0% ngoJuni uma kuqhathaniswa nonyaka odlule. Amanani ezimoto ezingamasekeni ehlele ku-3.0% ngoJuni, esuka ku-3.7% ngoMeyi,” kusho iStats SA.  

Usomnotho wezolimo eFNB uMnu uPaul Makube uthe yize loku okwenzeka ngamanani okudla kusazoqhubeka kodwa kuzodamba njengoba kulindeleke ukuthi isimo sezulu sibe ngcono njengoba sekuzoqala i-La Nina okufanele kunciphise ukunyuka kwamanani omkhiqizo kambila okuzoba nomphumela emananini “esinkwa ne-cereal”. 

FUNDA LAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/07/18/kusazosinda-kwehlela-kubathengi-yize-sekuzolunga-usomnotho/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page