Kuqokwe isikhulu esisha seNew Development Bank
UMBELE
KUQOKWE uMnu uMonale Ratsoma ukuba yiPhini likaMengameli nesikhulu esiphezulu seziMali seNew Development Bank (iNDB). Leli bhange liyingxenye yomfelendawonye wamazwe eBRICS.
UNgqongqoshe weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthe uRatsoma uzothatha izintambo kuMnu uLeslie Maasdorp, obesephathe lesi sikhundla kusukela ngo-2015.
URatsoma wuqweqwe kule mboni njengoba ebewumqondisi-jikelele weNDB Africa Regional Centre kusukela ngo-2018 kanti uke wabayisikhulu emNyangweni weziMali. Wake wasebenza nasembonini ezimele esebenza e-Absa naseStandard Bank.
Khonamanjalo, umKhandlu waseThekwini uqoke uMnu uCyril Xaba abeyimeya entsha. Uvala isikhala sikaMnu uMxolisi Kaunda.
UXaba, obeyilungu lePhalamende, uthe bazosebenzisana ukubuyekeza izindawo lapho izinto zingahambi kahle khona ukuqhamuka nezindlela ezintsha zokulungisa izinto.
Uthe ezinye zezinto ezizobaseqhulwini wukuphucula ingqalasizinda yamanzi nethutha indle nokuqinisekisa ukuthi amanzi ahlale ekhona, ukuhlanza idolobha nokulenza liphephe, ukuvuselela idolobha, ukuqinisa indlela umkhandlu ophethwe ngayo nokulwa nenkohlakalo nokuheha abatshalimali ukuze kubenomnotho ofaka wonke umuntu futhi owakha imisebenzi.
Kwezinye izindaba, iSouth African Municipal Workers’ Union (iSamwu) isayine isivumelwano sonyaka esigunyaza ukuthi imali yezisebenzi ezisembonini yamanzi zinyuselwe imiholo ngo-7%, kusukela mhlaka-1 ngoJulayi kulo nyaka.
I-Samwu inamalungu awu-160 000 kwizisebenzi zikamasipala eziwu-300 000. Izingqapheli zike zathi ukunyusela izisebenzi zikahulumeni imiholo ngaphezu kwezinga elingaphezu kwamandla okukhula kwamandla emali kuzothwalisa kanzima umNyango womGcinimafa neBhange loMbuso.
Khonamanjalo, izisebenzi zeFord Silverton Assembly Plant zibuyele emsebenzini ngemva kokuthi inkampani ikhokhele isisebenzi ngasinye uR20 000.
Kwezinye izindaba uMnu Songezo Zibi, umholi weRise Mzansi, uqokwe ngo-elethu ukuthi abewusihlalo weStanding Committee on Public Accounts.
UZibi, ophakanyiswe yi-ANC, yesekwa yiDA, uzohola leli komiti elibheka ukuphatha kahle izimali kuhulumeni. Nakuba iRise Mzansi iyilungu likahulumeni wobumbano kodwa ayinasikhundla kuhulumeni.
Khonamanjalo, uNgqongqoshe wezeMpilo omusha uDkt Aaron Motsoaledi, engxoxweni yakhe ne-Business Day, uthe uzimisele ukuqhubeka neNational Health Insurance Act.
- Lolu lwazi lucashunwe emNyangweni woMgcinimafa, uMasipala waseThekwini neBureau for Economic Research

